Imihlangano Yesigodi “Yokufundisa Kwaphezulu” Ka-1993
1 Siyajabula ukuninikeza uhlu lwezinsuku nezilimi zeMihlangano Yesigodi “Yokufundisa Kwaphezulu” Ka-1993. Lemihlangano iyoba ngeshukumisa kakhulu futhi ibe ngevelele emisebenzini yethu engokwasezulwini esizoyenza ngo-1993. Ibandla ngalinye liyokwaziswa ngencwadi ukuthi imuphi umhlangano eliyoya kuwo.
2 Kulonyaka siyoba nemihlangano emine ekhethekile yezizwe zonke eNingizimu Afrika eyohanjelwa izivakashi zaphesheya. Lemihlangano iyoba ngempelasonto efanayo eGoli, ePitoli, eThekwini, naseCape Town. Nokho, kuyonikezwa ISIMISO ESIFANAYO kuyo YONKE imihlangano yethu ukuze kuthi labo abayoya kwezinye izikhungo bangalahlekelwa yinoma yikuphi ukudla okungokomoya. Umehluko uwukuthi izivakashi zaphesheya ziyoba semihlanganweni ekhethekile yezizwe zonke. Ngenxa yezindawo zokuhlala nezokulala ezilinganiselwe asikhuthazi ukuba abazalwane abaningi baye kulemihlangano ekhethekile yezizwe zonke. Indawo iyobe ilinganiselwe ngokukhethekile eGoli. Esikhathini esidlule abanye abazalwane baye bahlela ukuba baye emihlanganweni emibili, umhlangano abazosebenza kuwo nabazolalela kuwo. Lokhu kufanelekile. Futhi, uma umhlangano ibandla lakini elabelwe kuwo ungewona owolimi lwakho, khona-ke siza uzizwe ukhululekile ukuya komunye.
3 Sihlangabezana nobunzima ekulungiseleleni izikhulumi ezanele emihlanganweni ethile. Singakwazisa uma abadala abafanelekayo bengasiza kweminye yalemihlangano elandelayo: (a) Kudingeka izikhulumi zesiNgisi e-East London, eGaborone, kaManzini, naseMaseru. (b) Kudingeka izikhulumi zesiNgisi nesiBhunu eBloemfontein, ePort Elizabeth, naseWindhoek. Sizani niphawule ukuthi sihlela ukuba nesimiso esigcwele ngesiNgisi nangesiBhunu eBloemfontein kulonyaka. (c) Kudingeka izikhulumi zesiVenda nesiTsonga eNkowankowa. Abadala abafanelekayo abasetshenziswayo ezimisweni zemihlangano yesifunda bamenywa ukuba babhalele iNhlangano. Incwadi yakho kufanele uyinikeze ikomiti yenkonzo yebandla lakini. Bayofaka ukukhulumela kwabo, bayisayine lencwadi bese beyinikeza umbonisi wesifunda. Umbonisi wesifunda uyokwenezela ukukhulumela kwakhe bese ethumela lencwadi eNhlanganweni. Incwadi yakho kufanele ifike eNhlanganweni ENGAKADLULI u-August 2, 1993.
4 Kuhlelwe lemihlangano elandelayo:
Ngo-December 2-5:
ESt. Helena, Levelwood Kingdom Hall (isiNgisi)
Ngo-December 9-12:
EGaborone, National Stadium (*isiNgisi, *isiTswana)
EWindhoek, International Hall, Showgrounds (isimiso sezilimi ezimbili isiBhunu/isiNgisi, isiKwanyama/isiNdonga)
Ngo-December 16-19:
EBloemfontein, Free State Stadium (*isiBhunu, *isiNgisi, *isiSuthu)
E-East London, Jan Smuts Stadium (isiNgisi); Basil Kenyon Stadium (isiXhosa)
Empangeni, Bhekuzulu Hall, University of Zululand (isiZulu)
ENewcastle, R. K. Rümelin Stadium (isiZulu)
ENkowankowa, Sports Stadium (isiTsonga nesiVenda kancane)
Ngo-December 23-26:
KaNyamazane, (White River), KaNyamazane Stadium (isiZulu)
ELebowakgomo, Showgrounds (iSipedi)
EMafikeng, University Stadium, University of Bophuthatswana (isiTswana)
KaManzini, Trade Fair (*isiNgisi, *isiZulu)
EMaseru, National Stadium (isiNgisi kancane, isiSuthu)
EPort Elizabeth, Boet Erasmus Stadium (*isiBhunu, *isiNgisi, *isiXhosa)
Emtata, Independence Stadium (isiXhosa)
Ngo-December 30, 1993–January 2, 1994:
ECape Town, Goodwood Showgrounds (*isiBhunu, *isiNgisi, *isiXhosa)
EThekwini, King’s Park Rugby Stadium (*isiNgisi, *isiZulu. Siyoba futhi nesimiso sabakhuluma ngezandla.)
EGoli, National Exhibition Centre (*isiBhunu, *isiNgisi, nesiGreki kancane, *isiPutukezi, *isiSuthu, *isiZulu. Siyoba futhi nesimiso sabakhuluma ngezandla.)
EPitoli, Showgrounds (*isiBhunu, *isiNgisi, isimiso sezilimi ezimbili iSipedi/isiTswana, *isiZulu)
* Kubonisa ukuthi kuyonikezwa isimiso esigcwele ngalezozilimi.