IZaziso
◼ Isipho esihanjiswa ngo-April nango-May: Isikhokhelo se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R17,00 kwabaphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka owodwa kwabaphuma kanye ngenyanga nezikhokhelo zezinyanga eziyisithupha kwabaphuma kabili ngenyanga zingu-R8,50. Ngo-June: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngomnikelo ka-R8,00. Ngo-July: Kungasetshenziswa noma yiziphi zalezincwajana ezingangomagazini ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, noma UHulumeni Oyoletha IPharadesi ngomnikelo wamasenti angu-80 iyinye.
◼ Kuye kwenziwa ukulungisa kwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole ukuze kuthuthukiswe amazwi nezinqubo ezithile. Okuwukuphela koshintsho oluphawulekayo, emakhasini 99 kuya ku-102, luthinta iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini, lwenza inqubo ivumelane neziyalezo ezinyatheliswe eSimisweni SeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini saminyaka yonke. Lencwadi ethi Incwadi Yokuchasisa Isikole ethuthukisiwe manje iyatholakala ngesiNgisi futhi amabandla angenza isicelo salezo azidingayo.
◼ Kusenziwa amalungiselelo omkhankaso wensimu engabelwe kusukela ngo-August kuya ku-October 1993. Wonke amabandla ayothola incwadi enokwaziswa okwengeziwe ngesikhathi esifanele.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda ama-Yearbook of Jehovah’s Witnesses ka-1993 e-odeni lawo lezincwadi lika-April. I-Yearbook ka-1993 iyotholakala, ngesiGreki, isiJalimane, isiNgisi, isiNtaliyane, nesiPutukezi. Ama-Yearbook ayizincwadi ezi-odwa ngokulinganiselwa futhi imali yawo iyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi ngo-R2,80 iyinye. Amaphayona asohlwini lwabanezinyanga ezingaphezu kweziyisithupha angazitholela ikhophi yamahhala ibandla elingacela isaphulelo sayo. Amaphayona angazitholela amakhophi engeziwe ngo-R1,40 iyinye.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu enoqwembe oluqinile ye-Watchtower ne-Awake! ka-1992. Lemiqulu enoqwembe oluqinile iyotholakala ngesiGreki, isiNgisi, isiNtaliyane, nesiPutukezi. Imali yokukhokha akufanele ithunyelwe ne-oda uma ibandla lenu line-akhawunti yezincwadi eNhlanganweni. Imali yalemiqulu iyofakwa kuyi-akhawunti yebandla yezincwadi. Kuze kube yilapho lemiqulu itholakala khona futhi ithunyelwa, iyobhalwa ukuthi “Back Ordered” kuma-invoice ebandla. Amabandla anesikweleti kuma-akhawunti awo ezincwadi kufanele athumele imali nama-oda awo. Imiqulu enoqwembe oluqinile iyizincwadi ezi-odwa ngokulinganiselwa futhi iyobiza u-R17,00 umqulu ngamunye ngebandla, iningi, namaphayona.
◼ Sizani niphawule ukuthi kuyoba nokwenyuka kwamanani kuzo zonke izincwadi zethu kusukela ngo-June 1, 1993. Ngokwesibonelo, amanani amasha kamagazini kuyoba amasenti angu-80 ikhophi ngayinye kubamemezeli namasenti angu-40 kumaphayona. Wonke amabandla ayothola amakhophi e-Cost List ethuthukisiwe ebonisa lamanani amasha. Enye ikhophi kufanele ichonywe ngokushesha ebhodini lezaziso. Sinikhuthaza nonke ukuba nizijwayelanise nalamanani amasha.
◼ Ikhasethi levideo Elisha Elitholakalayo:
NgesiPutukezi: Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name (ibandla neningi: R45,00; amaphayona: R40,00).