Khumbula Ukusebenzisa Izincwajana Ezingangomagazini
Lapho sifakaza endlini ngendlu noma ngokwethukela, ngokuvamile ingxoxo ithambekela esihlokweni esithile esihlanganiswa enye yezincwajana zethu ezikhangayo. Wonke umuntu kufanele akukhumbule lokhu ikakhulukazi lapho sihambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! phakathi kuka-April no-May. Ngokuphatha njalo izincwajana eziningana ezihlukahlukene nomagazini ozobe ubahambisa enkonzweni, uyohlonyiselwa ukuba uhambise lokho kanye okudingekayo ukuze unikeze ubufakazi obuphumelelayo. Phakathi kuka-April no-May, zizwe ukhululekile ukusebenzisa noma iyiphi yezincwajana (ngaphandle kwencwajana ethi Isikole) kanye nomagazini ozobe ubahambisa.—Qhathanisa nezAga 15:23.