Ukuhambela Kokuqala Okuphumelelayo
1 Ukuqalisa izingxoxo enkonzweni kungaba inselele ngempela ngoba abantu bamatasa kakhulu ngezindaba zabo siqu noma banemibono engaguquki ngenkolo. Yini esingayikhumbula eyosisiza ukuba senze ukuhambela kwethu kokuqala kube okuphumelelayo?
2 Njengoba lesi kuyisikhathi sonyaka lapho abantu abaningi becabanga khona ngoJesu, ungase uqalise ingxoxo yakho ngokuthi:
◼ “Kulesikhathi sonyaka, ngokuqinisekile sicabanga ngomhlatshelo kaJesu. Ingabe ucabanga yini ukuthi uJesu ayenzayo njengamanje?” Lindela impendulo. Khona-ke ungase uhlanganyele nomnini-khaya isAmbulo 6:2, esichaza uJesu njengogibele ihhashi elimhlophe nophumayo ukuze ayoqedela ukunqoba kwakhe. Phawula ngendima yakhe njengenkosi nenzinzuzo ezihlala njalo eziyolethwa ububusi bakhe kuso sonke isintu esilalelayo.
3 Lapho uhambisa umagazini ka-April 1 onesihloko esithi “Inkululeko Yeqiniso—Ivela Kumuphi Umthombo?,” ungase uthi:
◼ “Abantu emhlabeni wonke bazabalazela inkululeko. Kodwa izithembiso zenkululeko ezenziwa ohulumeni babantu ziye zahluleka ukuba ziphumelele. Ukukhulekelwa kukaJehova, uNkulunkulu weqiniso, kuletha inkululeko ehlala njalo.” Funda eyesi-2 Korinte 3:17, futhi uveze ukuthi leNqabayokulinda iqokomisa isithembiso sikaNkulunkulu futhi ibonise ukuthi kungani izenzakalo zezwe ziqinisekisa ukuthi ukukhululwa kwethu sekuseduze kakhulu.
4 Ungase wethule “INqabayokulinda” ka-April 15, 1992, ngokuqokomisa isihloko somkhuleko, uthi:
◼ “Abantu ngokuvamile bakhulekela ukunqoba ezikhathini zempi. Ingabe ucabanga ukuthi uNkulunkulu uyayizwa imikhuleko enjalo futhi asekele uhlangothi oluthile? [Lindela impendulo.] Cabangela impendulo yeBhayibheli.” Khona-ke funda bese ukhulumela eyoku-1 Petru 3:12. Ngemva kwencazelo emfushane, bhekisela kokuthile esihlokweni seNqabayokulinda okungase kushukumise isithakazelo salowomuntu ekubeni afunde lomagazini. Hambisa isikhokhelo.
5 Khumbula ukuthi umgomo wethu ukuqhuba izifundo zeBhayibheli. Njengoba abaningi bezobe bengamaphayona asizayo ngoApril, sizoba namathuba amaningi ngisho nangokwengeziwe okuthola abantu abanesithakazelo sokutadisha iBhayibheli. Kodwa ngisho nalapho izimo zethu zingasivumeli ukuba sibe amaphayona asizayo phakathi noApril, sonke singabeka umgomo wokuqalisa isifundo seBhayibheli.
6 Abanye abamemezeli baye basebenzisa amapheshana ekuqaliseni izifundo zeBhayibheli ekuhambeleni kokuqala.
Lapho uhambisa ipheshana elithi “Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula,” ungase uthi:
◼“Siyizikhonzi zokuzithandela ezingomakhelwane bakho. Ake ngikunike lelipheshana, elichaza uhlobo lomsebenzi wethu. Ingabe ucabanga ukuthi izwe liyoke libukeke kanje?” Ngemva kokuthola impendulo, ungaxoxa ngezigaba ezimbalwa zokuqala nalowomuntu, uqokomisa uMathewu 6:9, 10 neHubo 37:29.
7 Cabangisisa kahle ngendlela oyozethula ngayo. Ukusikisela okuhle kakhulu kunikezwe encwadini ethi Ukubonisana emakhasini 9-15. Ukusebenzisa lezingeniso ngokuhlakanipha kuyokusiza ekwenzeni ukuhambela kwakho kokuqala kuphumelele.