Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/92 k. 9
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ilungiselelo Elisha Lemitapo Yezincwadi YasemaHholo OMbuso
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Umtapo Wezincwadi WaseHholo LoMbuso Ungasizuzisa Kanjani?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Uma Iba Nemiphumela Emihle, Yisebenzise!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 4/92 k. 9

IBhokisi Lemibuzo

â—¼Ingabe ibandla kufanele ligcine ifayili yeNkonzo Yethu YoMbuso?

KuNkonzo Yethu YoMbuso kaJune 1972, kwaphawulwa ukuthi kuyatuseka ukugcina ifayili yeNkonzo Yethu YoMbuso yanyanga zonke emtatsheni wezincwadi waseHholo LoMbuso ngenjongo yokuba kubhekiselwe kuyo. Kuselokhu kufanelekile ukuba kugcinwe ifayili elinjalo kulowo nalowomtapo wezincwadi waseHholo LoMbuso ukuze usetshenziswe abadala nabamemezeli.

Uma kunefayili elinjalo, abamemezeli bangabheka ukwaziswa kwesikhathi esidlule mayelana nezintshumayelo zenkonzo yasensimini, ukuqhuba izifundo zeBhayibheli, ukwenza izimpindelo, nokunye. Kungatholakala imiqondo emihle yokusetshenziswa ensimini. Ngezikhathi ezithile, iNkonzo Yethu YoMbuso yamuva ibhekisela kwezinye ezakhishwa ngaphambi kokuba abanye babazalwane bahlanganyele nebandla. Abasanda kuhlanganyela bangazuza uma kugcinwa ifayili.

Abadala kufanele babele umbonisi weSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini noma inceku ekhonzayo efanelekayo ukuze iqiniseke ukuthi lelifayili ligcinwa linokwaziswa kwamuva inyanga ngayinye. Nakuba ukwaziswa okukhishwa kuNkonzo Yethu YoMbuso kusesimweni sokusikisela futhi kungesiyo imithetho, isalokhu iwumthombo wokwaziswa okufanele ube ingxenye yomtapo weHholo LoMbuso webandla ngalinye. Nokho, iNkonzo Yethu YoMbuso yangesikhathi esidlule ayinaku-odwa eNhlanganweni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela