Imihlangano Yenkonzo KaJanuary
Isonto Eliqala NgoDecember 30
INgoma 201
5 imiz: Izaziso zebandla neZazizo ezifanelekile ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso.
20 imiz: “Ingabe Uyayazisa Inhlangano KaJehova Yasemhlabeni?” Inkulumo esekelwe kuNqabayokulinda, kaNovember 1, 1991, amakhasi 30-1.
20 imiz: “Bonke Mabazi Ukuthi Ukulondeka Komhlaba Wonke Kuseduze.” Ngemva kwamazwi amafushane esethulo, cabangela indlela ngayinye futhi ubonise ukusetshenziswa kwayo ngabamemezeli abalungiselele kahle uma isikhathi sivuma. Uma kungenzeka, bekungaba kuhle ukuba nosemusha enza umboniso weNdlela Yesibili. INdlela Yesithathu ivumela ummemezeli ukuba ashiye okungenani iphuzu elilodwa elithakazelisayo elingokomBhalo engqondweni yomninikhaya. Khuthaza ngokufudumele abazalwane ukuba basebenzise isethulo esisodwa kwezisikiselwe ekhasini 4 nenye yalezindlela.
INgoma 30 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJanuary 6
INgoma 126
5 imiz: Izaziso zebandla.
10 imiz: “Indlela Ewusizo Yokulungiselela Inkonzo Yasensimini.” Xoxa ngesihloko nezilaleli, bese ucela abamemezeli abathathu noma abane ababelwe kusengaphambili ukuba benze ukukhulumela okuqondile ngezindlela lokhu okungabazuzisa ngayo. Ngokwesibonelo, bangase bakhulumele izintshumayelo ezihlukahlukene, izindlela ukwaziswa okungavunyelaniswa ngazo nensimu yebandla, ukuvumelana nezimo, noma ukuthi lendlela ivumela abamemezeli ukuba bakhethe ukwaziswa abazizwa bekhululekile ukukunikeza. Khuthaza abamemezeli ukuba bafike namakhophi abo eNkonzo Yethu YoMbuso emihlanganweni yenkonzo yasensimini.
18 imiz: “Izethulo Zokwenza Abaninikhaya Balalele.” Bukeza kafushane ubunjalo bensimu yebandla. Iziphi izindaba ezibalulekile kubaninikhaya? Gxila esethulweni nasentshumayeleni okunokwenzeka kakhulu ukuba iphumelele ensimini yebandla. Yiba nommemezeli olungiselele kahle enza umboniso walentshumayelo futhi ehambisa incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso. Lommemezeli kufanele enze intshumayelo njengoba ihlelwe esihlokweni. Khona-ke osemusha osafunda isikole angenza umboniso wentshumayelo efanayo futhi aphethe ngokuhambisa omagazini kumuntu othakazelayo. Khuthaza bonke ukuba bazame lendlela enkonzweni yasensimini.
12 imiz: I“Medical Document” ne“Identity Card.” Unobhala ucela ukuba amakhadi anikezwe amalungu abhapathiziwe ebandla. Ekulungiseleleni, bukeza incwadi kaJanuary 1, 1990, ukuze uthole amaphuzu aqondile afanela izidingo zebandla. Gcizelela ukuthi ababili abasayina njengofakazi kufanele babone njengoba ikhadi lisayinwa bese besayina nabo. Bonisana nezilaleli ngokuthi kungani iziyalezo kufanele zilandelwe ngokucophelela ukuze amakhadi asebenze ngokuphumelela ngokwengeziwe ngenjongo yokuvikeleka kwethu. Abadala bangalandelela ngemva komhlangano njengoba benza ngonyaka odlule. Ningephuzi ekugcwaliseni amakhadi nasekuwenzeni asayinwe ngokufanelekile.
INgoma 130 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJanuary 13
Ngoma 176
10 imiz: Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini. Hlanganisa nombiko wezimali nokubongwa kweminikelo.
15 imiz: Ingabe Inkonzo Yobuphayona Ingilungele? Kulelizwe cishe amaphesenti angu-7 abo bonke abamemezeli angamaphayona avamile. Nikeza amanani asebandleni ngenjongo yokuqhathanisa. Ingabe abengeziwe bethu, kuhlanganise nentsha esanda kuqeda esikoleni esiphakeme, bangalenza ithuba lenkonzo yesikhathi esigcwele? Xoxa namaphayona avamile amathathu, kutuswa ukuba kube umuntu osemusha, umame wekhaya, nomuntu oseye wathatha umhlala-phansi. (Uma amaphayona avamile engatholakali, amaphayona asizayo noma abamemezeli abaye baphayona bangase basetshenziswe.) Cabangela izimali. Iziphi izinhlobo zamatoho ezitholakalayo endaweni yakini? Ngamunye ukwazi kanjani ukuzigcina ephila? Yiluphi ushintsho abaye balwenza emikhubeni yabo yokusebenzisa imali? Cabangela isimiso sokuhlangabezana namahora adingekayo. Ingabe bakhona abanezinkinga zempilo? Babhekana kanjani nazo? Iziphi ezinye izinselele abaye bahlangabezana nazo ngokuphumelelayo? Izingxoxo kufanele zibe eziqondile nezikhuthazayo. Nxusa ngokufudumele izilaleli ukuba zicabangele izimo zomuntu siqu ukuze zinqume ukuthi bakhona yini abengeziwe abangathatha inkonzo yesikhathi esigcwele.
20 imiz: Indlela Abazali Abangabodwa Abangasiza Ngayo Abantwana Babo. Isethulo esifushane esilandelwa umboniso onomama nabantwana ababili belungiselela inkonzo yasensimini. Miningi imikhaya enabazali abangabodwa enhlanganweni namuhla kunanini ngaphambili. Indlela unina kaThimothewu nogogo wakhe abalifaka ngayo iqiniso kuye kuyisibonelo sokuba bonke abazali basilandele. (2 Thim. 1:5; 3:14, 15) Umboniso: Umama, indodakazi eyeve eshumini elinambili, nendodakazi encane bahlezi etafuleni ekhishini, sebeqedile ukudla kwakusihlwa. Khona-ke umama uthi ngaphambi kokuba bageze izitsha bazobukeza izintshumayelo zabo zenkonzo nokuthi yena uzoba umninikhaya. Indodakazi encane ikhetha isethulo ekhasini 4 leNkonzo Yethu YoMbuso futhi isinikeze kunina. Khona-ke umama uyitusa ngokufudumele ngokukwenza kahle lokhu futhi uyicela ukuba ifunde umbhalo osikiselwe iNhlangano. Lendodakazi esencane ivula ngokushesha uIsaya 9:6, 7 bese imfunda. Umama ubuza indodakazi endadlana ukuthi iyoyihambisa kanjani incwadi. Lendodakazi ikhetha indlela ekhasini 1 leNkonzo Yethu YoMbuso bese iyethula kunina. Umama uyayitusa bese ewakhuthaza womabili lamantombazane ukuba aprakthize isethulo nendlela yokusinikeza ukuze ahambise incwadi enkonzweni yasensimini. Lamadodakazi atshelwa ukuthi azoprakthiza isikhashana bese egeza izitsha. Umdala uphetha lengxenye ngokukhuthaza yonke imikhaya ebandleni ukuba inikeze usizo lothando kubantwana bayo.
INgoma 183 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJanuary 20
Ngoma 192
15 imiz: Umdala usingatha izaziso zebandla futhi acabangele izidingo zebandla. Uma isikhathi sivuma, xoxa ngamaphuzu ahlukahlukene okukhulunyelwa avela komagazini bamuva. Khetha eliyoxhumana kahle nesinye sezethulo esisikiselwe nezindlela kuleNkonzo Yethu YoMbuso. Khona-ke yiba nommemezeli olungiselele kahle enikeza intshumayelo egcwele esebenzisa isethulo nendlela yokuhambisa, ehambisa omagazini kumuntu othakazelayo. Veza ukuthi ngokuhilela abantu engxoxweni nangokusebenzisa izintshumayelo ezisikiselwe, akunzima ukubona abantu abathakazelayo.
18 imiz: “Yamukela Umthwalo Wemfanelo Wezimpindelo.” Imibuzo nezimpendulo. Khuthaza ngokufudumele bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele ekwenzeni izimpindelo. Khuthaza bonke ukuba babe khona ngesonto elizayo lapho uMhlangano Wenkozo uyoxoxa khona ngalokho okufanele sikusho empindelweni.
12 imiz: Ingxoxo ngesithi “Ukukhipha Isisu” encwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 296-8. Ngemva kokwethula kafushane lendaba, ebonisa indlela okuwundab’ izekwayo ngayo namuhla nendlela okukhathaza ngayo kakhulu izigidi zabantu, yethula umboniso onodade oqhuba isifundo seBhayibheli. Isifundo esisha seBhayibheli sitshela lodade ngokukhathazeka kwaso okukhulu ngokukhulelwa. Sichaza indlela esikhathazeke ngayo, ngoba isimo esingokwezimali somkhaya asimile kahle. Izihlobo zaso zisinxusa ukuba sivele sikhiphe isisu. Udade usikisela ukuba bavule incwadi ethi Ukubonisana futhi bacwaninge imiBhalo ukuze babone indlela uJehova abheka ngayo ukuphila komntwana ongakazalwa nokuthi ucabangela ukukhipha isisu njengokufanelekile noma cha. Okokuqala bacabangela incazelo yokukhipha isisu. Khona-ke baxoxa ngemibuzo, imibhalo, nokunye ukukhulumela okusemakhasini 296-8. Udade kufanele asize umfundi ukuba acabange futhi aqonde ubungcwele bokuphila.
INgoma 164 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala NgoJanuary 27
INgoma 92
10 imiz: Izaziso zebandla. Khuthaza abamemezeli ukuba bahlele manje ukuze babe amaphayona asizayo ngoMarch nangoApril. Khuthaza imikhaya, kanye nabamemezeli abasebasha abayobe beseholidini phakathi noMarch noApril, ukuba babone ukuthi imaphi amalungiselelo abangawenza okuba nengxenye enkulu ngokwengeziwe emsebenzini wenkonzo yasensimini.
20 imiz: “Uyothini Lapho Uphindela?” Xoxa nezilaleli futhi ube nabamemezeli abalungiselele benza umboniso wokusikisela okusezigabeni njengoba zicatshangelwa. Lemiboniso emifushane kufanele ibukezwe kusenesikhathi.
15 imiz: “Ukubolekisa Ngemali KumaKristu Esikanye Nawo.” Inkulumo ngomdala ngesihloko esivela kuNqabayokulinda kaOctober 15, 1991, amakhasi 25-8.
INgoma 147 nomthandazo wokuphetha.