Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/91 kk. 3-5
  • Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1992

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1992
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Izihlokwana
  • IZIYALEZO
  • ISIMISO Jan. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 1 kuya ku-4
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 10/91 kk. 3-5

Isimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1992

IZIYALEZO

Phakathi no-1991 iSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini siyoqhutshwa ngamalungiselelo alandelayo.

IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: lBhayibheli [biZU], ”Yonke lmiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” [siZU], Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo Esingokwasezulwini [sgZU], Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila [gtZU], Ukubonisana NgemiBhalo [rsZU], nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo [ypZU] ziyoba isisekelo sezabelo.

Isikole siyoqala ngengoma, umthandazo, namazwi okwamukela abakhona, bese siqhubeka ngendlela elandelayo.

ISABELO NO. 1: Imizuzu engu-15. Lesi kufanele sisingathwe umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo. Lenkulumo iyosekelwa ekwazisweni okusencwadini ethi “Yonke lmiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” noma ethi Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Lesisabelo kufanele sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu engu-10 kuya kwengu-12 bese kulandela ukubukeza komlomo kwemizuzu emithathu kuya kwemihlanu, kusetshenziswa imibuzo ebhaliwe kuleyongxenye. Uma indaba eyabiwe ingenayo imibuzo, isikhulumi kumelwe silungiselele imibuzo efanelekile. Injongo akumelwe nje ibe ukuhlanganisa indaba kodwa kumelwe ibe ukugxilisa ukunakekela osizweni olungokoqobo lokwaziswa okuxoxwa ngakho, kuqokonyiswa lokho okuzoba usizo olukhulu ebandleni. Uma kudingekile, kufanele kukhethwe isihloko. Nonke nikhuthazwa ukuba nilungiselele ngokunakekela kusengaphambili ukuze nizuze ngokugcweie kulokhu kwaziswa.

Abazalwane ababelwe lenkulumo kufanele baqaphele ukuba bagcine isikhathi. Iseluleko sangasese singase sinikezwe uma kudingekile.

AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: Imizuzu engu-6. Lena kufanele isingathwe umbonisi wesikole noma omunye umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo eyabelwe umbonisi wesikole. Lokhu akufanele nje kube ukufushaniswa kwengxenye efundwayo eyabiwe. Ngemva kokunikeza umqondo kafushane ngezahluko ezabiwe, siza izilaleli ukuba zibone ukuthi kungani futhi kukanjani ukwaziswa kuyinzuzo kithina. Hlola omagazini beNqabayokulinda ukuze uthole okunye ukwaziswa okusemqoka. Khonake umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi ukuba baye emakilasini abo ahlukahlukene.

INKULUMO NO. 2: Imizuzu emihlanu. Lena iwukufundwa kweBhayibheli kwendaba eyabiwe okufanele inikezwe ngumzalwane. Iyosebenza ekilasini elikhulu nasemaqenjini amancane. Izabelo zokufunda ngokuvamUe zimfushane ngokwanele ukuba zivumele umfundi anikeze ukwaziswa okufushane okuchazayo esingenisweni nasesiphethweni futhi ngisho nasezindaweni ezithile phakathi nokufunda. Kungase kuhlanganiswe isizinda esingokomlando, ukubaluleka okungokwesiprofetho noma okungokwemfundiso, nokusetshenziswa kwezimiso. Wonke amavesi abiwe kufanele afundwe ngokoqobo.

INKULUMO NO. 3: Imizuzu emihlanu. Lenkulumo iyokwabelwa odade. Lenkulumo iyosekelwa encwadini ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Umfundi owabelwe kumelwe akwazi ukuzifundela. Lapho enikeza lenkulumo, umfundi angase ahlale noma ame. Umsizi oyedwa uyokwabiwa umbonisi wesikole, kodwa abasizi abengeziwe bangase basetshenziswe. Kutuswa ukuba ukuhlelwa kwenkulumo kuhlanganise inkonzo yasensimini noma ukufakaza ngokwethukela. Lowo onikeza lenkulumo angayiqala ngokwakhe ingxoxo ukuze aveze ukuhlelwa kwenkulumo noma kube umsizi (abasizi) wakhe owenza kanjalo. Akukhona ukuhlelwa kwenkulumo okufanele kucatshangelwe ngokuyihloko kodwa indaba ngokwayo. Umfundi kumelwe asebenzise isihloko esibonisiwe.

INKULUMO NO. 4: Imizuzu emihlanu. Yabelwa umzalwane noma udade. Lenkulumo iyosekelwa encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, lena yamuva kumelwe yabelwe ngokuyihloko abafundi abasebancane noma abasanda kubhalisa. Umfundi owabelwe kumelwe akwazi ukuzifundela. Lapho yabelwe umzalwane, kufanele ibe inkulumo ebhekisele kuzo zonke izilaleli. Ngokuvamile kuyoba kuhle kakhulu ngomzalwane ukuba alungiselele inkulumo yakhe ecabanga ngezilaleli eHholo LoMbuso ukuze ibe ngefundisayo nenenzuzo ngempela kulabo abayizwa ngokoqobo. Nokho, uma indaba ngokwayo izenza ifanelekele kangcono okunye ukuhlelwa kwesimo sezilaleli okusebenzayo futhi okufanelekayo, umzalwane angase akhethe ukunikeza inkulumo yakhe ngaleyondlela. Umfundi kufanele asebenzise isihloko esibonisiwe.

Lapho yabelwe udade, indaba kufanele inikezwe njengoba kuboniswe ngeNkulumo No. 3.

ISELULEKO NOKUKHULUMELA: Ngemva kwenkulumo ngayinye yomfundi, umbonisi wesikole uyonikeza iseluleko esiqondile, angalandeli njengesibopho isimiso sokweluleka ngokulandelana kwamaphuzu esihlelwe epheshaneni leSeluleko Senkulumo. Kunalokho, kufanele agxile kulezozindawo umfundi adinga ukuthuthuka kuzo. Uma isikhulumi esingumfundi sifanelwe u-“L” kuphela futhi ingekho enye imfanelo yenkulumo ephawulwe ngokuthi “W” noma ngokuthi “S,” khonake umeluleki kumelwe akokolozele ibhokisi, ngokuvamUe okubhalwa kulo u-“L,” u-“W,” noma u-“S,” lemfanelo yenkulumo umfundi okumelwe asebenzele kuyo ngokulandelayo. Uyokwazisa umfundi ngalokhu ngalo lolosuku futhi abonise lemfanelo yenkulumo epheshaneni lomfundi elilandelayo leSabelo Sesikole SeNkonzo Esingokwasezulwini (S-89). Labo abanikeza izinkulumo kufanele bahlale ngaphambiii ehholo. Lokhu kuyokonga isikhathi futhi kwenze ukuba umbonisi wesikole akwazi ukweluleka ngokuqondile umfundi ngamunye. Uma isikhathi sivuma ngemva kokunikeza iseluleko somlomo esidingekayo, umeluleki anganikeza ukukhulumela ngamaphuzu afundisayo nakhayo abafundi abangawahlanganisanga. Umbonisi wesikole kumelwe aqaphele ukuba angasebenzisi imizuzu engaphezu kwemibili ngeseluleko nokukhulumela ngemva kwenkulumo ngayinye yomfundi. Uma inkulumo yamaphuzu avelele eBhayibheli ishiye okuthile okufiselekayo, kungase kunikezwe iseluleko ngasese.

UKULUNGISELELA IZINKULUMO: Abazalwane abanikeza isabelo No. 1 kufanele bakhethe isihloko uma kudingeka. Abafundi ababelwe inkulumo yesibili kufanele bakhethe isihloko esiyovumela ukuhlanganiswa okuhle kwendaba. Abafundi ababelwe inkulumo yesithathu neyesine kufanele basebenzise isihloko esibonisiwe. Ngaphambi kokuba banikeze inkulumo, abafundi bayofuna ukufunda ukwaziswa okukwethi Incwadi Yokuchasisa iSikole okuphathelene nemfanelo yenkulumo abayisebenzelayo.

ISIKHATHI: Ayikho inkulumo okufanele yeqe isikhathi. Ngisho neseluleko nokukhulumela kukameluleki. Izinkulumo No. 2 kuya ku-4 kumelwe zimiswe ngokuhlakanipha uma isikhathi sesiphelile. Lowo owabelwe ukunikeza “uphawu lokuphela kwesikhathi” kufanele akwenze lokho ngokushesha. Lapho abazalwane abasingethe isabelo No. 1 beqa isikhathi, kufanele banikezwe iseluleko ngasese. Bonke kufanele bagcine isikhathi sabo ngokunakekela. Isimiso sisonke: imizuzu engu-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.

UKUBUKEZA OKULOTSHWAYO: Ngezikhathi ezithile, kuyoba nokubukeza okulotshwayo. Ekulungiseleleni, bukezani indaba eyabiwe futhi niqedele ukufundwa kweBhayibheli okwabiwe. lBhayibheli kuphela elingasetshenziswa phakathi nalokhu kubukeza kwemizuzu engu-25. Isikhathi esisele kuyoba ngesokuxoxa ngemibuzo nezimpendulo. Umfundi ngamunye uyophawula iphepha lakhe siqu. Umbonisi wesikole uyofunda zonke izimpendulo futhi agxile emibuzweni enzinyana, esiza bonke ukuba baziqonde kahle izimpendulo. Uma, ngesizathu esithile, izimo zebandla zikwenza kudingeke, ukubukeza okulotshwayo kungenziwa ngesonto elilandela lelo eliboniswe esimisweni.

AMABANDLA AMAKHULU NAMANCANE: Amabandla anabafundi ababhalise esikoleni abangu-50 noma ngaphezulu angase afise ukuhlela amanye amaqembu abafundi ukuba anikeze izinkulumo ezabiwe phambi kwabanye abeluleki. Yebo, abantu abangabhapathiziwe abakuphila kwabo kuyavumelana nezimiso zobuKristu nabo bangabhalisa esikoleni futhi bathole izabelo.

ABANGEKHO: Bonke ebandleni bangabonisa ukwazisa ngalesikole ngokuzama ukuba khona esimisweni sesonto ngalinye, ngokulungiselela kahle izabelo zabo, nangokuhlanganyela ezingxenyeni zemibuzo. Kwethenjwa ukuthi bonke abafundi bayobheka izabelo zabo ngokwazisa okujulile. Uma umfundi engekho lapho abelwe, ivolontiya lingase lisithathe isabelo, libonise ukusebenza kwenkulumo nganoma iyiphi indlela elizizwa lifaneleke ngayo ngalesosikhathi esifushane. Noma umbonisi wesikole angase ahlanganise indaba ngokuhlanganyela kwezilaleli okufanelekile.

ISIMISO Jan. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 1 kuya ku-4

INgoma No. 46

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi KaLevitikusi—Ingxenye 1 (siZU k. 25 izig. 1-5)

No. 2: Levitikusi 1:1-13

No. 3: Ukubona Lowo Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila Anguye (gtZU isethulo izig. 1-4)

No. 4: Isizathu Sokuba lBhayibheli Libe Neqiniso Eliphelele (rsZU k. 69 isig. 2)

Jan. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 5 kuya ku-7

INgoma No. 205

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi KaLevitikusi—Ingxenye 2 (siZU

k. 26 izig. 6-10)

No. 2: Levitikusi 5:1-13

No. 3: Ingabe UJesu Wake Waphila Ngempela? (gtZU isethulo izig. 5-11)

No. 4: Indlela Yokuthuthukisa Amamaki Akho Asesikoleni (ypZU isahl. 18)

Jan. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 8 kuya ku-10

INgoma No. 111

No. 1: sgZU kk. 5-7 izig. 1-9

No. 2: Levitikusi 10:1-11

No. 3: Eqinisweni, Wayengubani UJesu? (gtZU isethulo izig. 12-15) No. 4: Yimaphi Amaphutha Amathathu Amafilosofi Abantu Anawo? (rsZU k. 69 isig. 3 kuya kuk. 70 isig. 2)

Jan. 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 11 kuya ku-13

INgoma No. 224

No. 1: sgZU kk. 7-8 izig. 10-16

No. 2: Levitikusi 11:1-12, 46, 47

No. 3: Lokho Okwenza UJesu Waba Umuntu Omkhulu Kunabo

Bonke (gtZU isethulo izig. 16-19)

No. 4: Ukugwema Ukuchwenswa Esikoleni (ypZU isahl. 19)

Feb. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 14 no-15

INgoma No. 105

No. 1: sgZU kk. 9-11 izig. 1-12

No. 2: Levitikusi 14:1-13

No. 3: Isizathu Sokuba Sifunde NgoJesu, Nendlela Esingakwenza

Ngayo (gtZU isethulo izig. 20-23)

No. 4: Ukutadisha Ukuphila KukaKristu Kuwubufakazi Bokucabanga Okuhle (rsZU k. 70 izig. 3, 4)

Feb. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 16 kuya ku-18

INgoma No. 180

No. l: sgZU kk. 11-13 izig. 13-20

No. 2: Levitikusi 16:1-14

No. 3: UGabriyeli Ubonakala KuZakariya NakuMariya (gtZU isahl. 1)

No. 4: Ukusebenzelana Nothisha Wakho (ypZU isahl. 20)

Feb. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 19 kuya ku-21

INgoma No. 170

No. 1: sgZU kk. 13-17 izig. 1-10

No. 2: Levitikusi 19:1-15

No. 3: UJesu Uyadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe (gtZU isahl. 2)

No. 4: UNkulunkulu Ubheka Ukuhlakanipha Kwabantu Njengokuwubuwula (rsZU k. 70 isig. 5 kuya kuk. 71 isig. 1)

Feb. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 22 kuya ku-24

INgoma No. 64

No. 1: EkaLevitikusi—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 1 (siZU kk. 28-9 izig. 28-35)

No. 2: Levitikusi 23:1-14

No. 3: Ukuzalwa KukaJohane (gtZU isahl. 3)

No. 4: Indlela Yokuthola Nokulondoloza Umsebenzi (ypZU isahl. 21)

Mar. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Levitikusi 25 kuya ku-27

INgoma No. 7

No. 1: EkaLevitikusi—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 2 (siZU kk. 29-30 izig. 36-39)

No. 2: Levitikusi 25:1-12

No. 3: UJosefa Ushada NoMariya Okhulelwe (gtZU isahl. 4)

No. 4: Imithandazo Yobani uNkulunkulu Ayizwayo? (rsZU k. 390 isig. 1 kuya kuk. 391 isig. 6)

Mar. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 1 kuya ku-3

INgoma No. 172

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi KaNumeri—Ingxenye I (siZU kk. 30-1 izig. 1-6)

No. 2: Numeri 3:38-51

No. 3: Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini? (gtZU isahl. 5)

No. 4: Khetha Umsebenzi Ongcono Kakhulu (ypZU isahl. 22)

Mar. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 4 kuya ku-6

INgoma No. 128

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi KaNumeri—Ingxenye 2 (siZU k. 31 izig. 7-10)

No. 2: Numeri 6:1-12

No. 3: Umntwana Wesithembiso (gtZU isahl. 6)

No. 4: Okwenza Eminye Imithandazo Ingamukeleki (rsZU k. 391 isig. 7 kuya kuk. 392 isig. 7)

Mar. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 7 kuya ku-9

INgoma No. 106

No. 1: sgZU kk. 17-19 izig. 11-17

No. 2: Numeri 8:14-26

No. 3: UJesu Nezazi Zezinkanyezi (gtZU isahl. 7)

No. 4: Okwenza Ubulili Ngaphambi Komshado Bube Obungalungile (ypZU isahl. 23)

Mar. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 10 kuya ku-12

INgoma No. 45

No. 1: sgZU kk. 19-21 izig. 1-9

No. 2: Numeri 12:1-16

No. 3: Ukubalekela Inkosi Enonya (gtZU isahl. 8)

No. 4: Izinto Ezifanelekile Zokuthandazelwa (rsZU k. 392 isig. 8 kuya kuk. 393 isig. 5)

Apr. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 13 kuya ku-15

INgoma No. 124

No. 1: sgZU kk. 21-4 izig. 10-20

No. 2: Numeri 14:1-12

No. 3: Ukuphila KukaJesu Kwasekhaya Esemncane (gtZU isahl. 9)

No. 4: Indlela Yokugwema Ukuziphatha Okubi Kobulili (ypZU isahl. 24)

Apr. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 16 kuya ku-19

INgoma No. 151

No. 1: sgZU kk. 24-6 izig. 1-11

No. 2: Numeri 17:1-13

No. 3: EJerusalema Lapho Eneminyaka Engu-12 Ubudala (gtZU isahl. 10)

No. 4: Indlela Yokusingatha Isicelo Somninikhaya Somthandazo (rsZU k.393 Izig. 6, 7)

Apr. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 20 kuya ku-22

INgoma No. 138

No. 1: sgZU kk. 27-8 izig. 12-20

No. 2: Numeri 20:1-13

No. 3: UJohane Ulungiselela UJesu Indlela (gtZU isahl. 11)

No. 4: Ingabe Ukushaya Indlwabu Kuwububi Obungathi Sina? (ypZU isahl. 25)

Apr. 27 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedelani uLevitikusi 1 kuya kuNumeri 22

INgoma No. 217

May 4 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 23 kuya ku-26

INgoma No. 112

No. 1: sgZU kk. 29-30 izig. 1-7

No. 2: Numeri 25:1-13

No. 3: Okwenzekayo Lapho UJesu Ebhapathizwa (gtZU isahl. 12)

No. 4: Yiziphi Iziprofetho Ezilindele Ukugcwaliseka Esikhathini Esizayo Esiseduze? (rsZU k. 154 izig. 1-5)

May 11 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 27 kuya ku-30

INgoma No. 132

No. 1: sgZU kk. 31-2 izig. 8-15

No. 2: Numeri 30:1-16

No. 3: Ukufunda Ezilingweni ZikaJesu (gtZU isahl. 13)

No. 4: Ukugwema Ugibe Lokushaya Indlwabu (ypZU isahl. 26)

May 18 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 31 no-32

INgoma No. 222

No. 1: EkaNumeri—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 1 (siZU k. 35 izig. 32-34)

No. 2: Numeri 31:1-12

No. 3: Abafundi Bakajesu Bokuqala (gtZU Isahl. 14)

No. 4: Yiziphi Ezinye Zeziprofetho Zangemva KweArmagedoni? (rsZU k. 154 isig. 6 kuya kuk. 155 isig. 1)

May 25 Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 33 kuya ku-36

INgoma No. 160

No. 1: EkaNumeri—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo—Ingxenye 2

(siZU k. 35 izig. 35-38)

No. 2: Numeri 35:9-25

No. 3: Isimangaliso Sokuqala SikaJesu (gtZU isahl. 15)

No. 4: Isizathu Sokuba Ukwethembeka Kube Yindlela Enhle Kakhulu (ypZU isahl. 27)

June 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 1 kuya ku-3

INgoma No. 187

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi KaDuteronomi—Ingxenye 1 (siZU k. 36 izig. 1-6)

No. 2: Duteronomi 1:29-46

No. 3: Ukushisekela Ukukhulekela KukaJehova (gtZU isahl. 16)

No. 4: Isizathu Sokuba AmaKristu Abe Nesithakazelo Eziprofethweni (rsZU k. 155 izig. 2-6)

June 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 4 kuya ku-6

INgoma No. 91

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi KaDuteronomi—Ingxenye 2 (siZU

k. 37 izig. 7-9)

No. 2: Duteronomi 5:6-22

No. 3: Ukufundisa uNikodemu (gtZU isahl. 17)

No. 4: Indlela Yokuqeda Uthando Lokuthatheka (ypZU isahl. 28)

June 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 7 kuya ku-10

INgoma No. 162

No. 1: sgZU kk. 33-5 izig. 1-9

No. 2: Duteronomi 7:1-11

No. 3: UJohane Uyancipha, UJesu Uyakhula (gtZU isahl. 18)

No. 4: Imfundiso Yesihlanzo Nalokho lmiBhalo Ekushoyo (rsZU k. 126 isig. 3 kuya kuk. 128 isig. 4)

June 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 11 kuya ku-14

INgoma No. 206

No. 1: sgZU kk. 35-8 izig. 10-17

No. 2: Duteronomi 13:1-11

No. 3: Ukufundisa Owesifazane WaseSamariya (gtZU isahl. 19 izig. 1-14)

No. 4: Indlela Umuntu Angazi Ngayo Ukuthi Usekulungele Ukuphola (ypZU isahl. 29 kk. 225-31, 234-5)

June 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 15 kuya ku-19

INgoma No. 150

No. 1: sgZU kk. 38-41 izig. 1-11

No. 2: Duteronomi 18:9-22

No. 3: Isizathu Esenza AmaSamariya Amaningi Akholwa (gtZU isahl. 19 izig. 15-21)

No. 4: Izinhlanga Ezihlukahlukene Zavelaphi? (rsZU k. 172 izig. 1-3)

July 6 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 20 kuya ku-23

INgoma No. 79

No. 1: sgZU kk. 41-3 izig. 12-18

No. 2: Duteronomi 23:9-25

No. 3: Isimangaliso Sesibili Lapho EseseKhana (gtZU isahl. 20)

No. 4: Ubungane Nabobulili Obuhlukile—Ingabe Zikhona Izingozi? (ypZU isahl. 29 kk. 232-3)

July 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 24 kuya ku-27

INgoma No. 59

No. 1: sgZU kk. 43-6 izig. 1-8

No. 2: Duteronomi 24:10-22

No. 3: UJesu Ushumayela Endaweni Yakubo (gtZU isahl. 21)

No. 4: UKayini Wamtholaphi Umkakhe? (rsZU k. 172 isig. 5 kuya kuk. 173 isig. 1)

July 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 28 kuya ku-30

INgoma No. 175

No. 1: sgZU kk. 46-8 izig. 9-20

No. 2: Duteronomi 30:8-20

No. 3: Ukubizwa Kwabafundi Abane (gtZU isahl. 22)

No. 4: Ukubona Ukuthi Usukulungele Yini Ukushada (ypZU isahl. 30)

July 27 Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 31 kuya ku-34

INgoma No. 41

No. 1: EkaDuteronomi—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (siZU kk. 40-1 izig. 30-34)

No. 2: Duteronomi 32:1-14

No. 3: Izimangaliso Ezengeziwe EKapernawume (gtZU isahl. 23)

No. 4: Ukwehlukahluka Kwezinhlanga Nenkolelo Yokuthi Abamnyama Baqalekisiwe (rsZU k. 173 isig. 2 kuya kuk. 174 isig. 2)

Aug. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 1 kuya ku-5

INgoma No. 40

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi KaJoshuwa (siZU k. 42 izig. 1-5)

No. 2: Joshuwa 1:1-11

No. 3: Isizathu Sokuza Kukajesu Emhlabeni (gtZU isahl. 24)

No. 4: Ukubona Uthando Lweqiniso (ypZU isahl. 31 kk. 242-7, 250-1)

Aug. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 6 kuya ku-9

INgoma No. 18

No. 1: sgZU kk. 49-50 izig. 1-8

No. 2: Joshuwa 6:12-27

No. 3: Uzwela Ngonochoko (gtZU isahl. 25)

No. 4: Ingabe Bonke Abantu Bangabantwana BakaNkulunkulu? (rsZU k. 174 isig. 3 kuya kuk. 175 isig. 2)

Aug. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 10 kuya ku-13

INgoma No. 213

No. 1: sgZU kk. 51-3 izig. 9-18

No. 2: Joshuwa 10:1-14

No. 3: UJesu Uthethelela Izono Futhi Uyaphulukisa (gtZU isahl. 26)

No. 4: Ukululama Enhliziyweni Ebuhlungu (ypZU isahl. 31 kk. 248-9)

Aug. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 14 kuya ku-17

INgoma No. 50

No. 1: sgZU kk. 54-6 izig. 1-8

No. 2: Joshuwa 14:1-14

No. 3: UMathewu Uyabizwa Futhi Wenza Idili (gtZU isahl. 27)

No. 4: Lapho Izizwe Zonke Ziba Munye (rsZU k. 175 isig. 3 kuya kuk. 176 isig. 2)

Aug. 31 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedelani uNumeri 23 kuya kuJoshuwa 17

INgoma No. 42

Sept. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 18 kuya ku-20

INgoma No. 204

No. 1: sgZU kk. 56-7 izig. 9-16

No. 2: Joshuwa 20:1-9

No. 3: Bambuza Ngokuzila (gtZU isahl. 28)

No. 4: Indlela Yokuqhuba Ukuqomisana Okuphumelelayo (ypZU isahl. 32)

Sept. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 21 kuya ku-24

INgoma No. 131

No. 1: EkaJoshuwa—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (siZU kk. 45-6

izig. 21-24)

No. 2: Joshuwa 24:1-15

No. 3: Ukwenza Imisebenzi Emihle NgeSabatha (gtZU isahl. 29)

No. 4: Ukufa KukaJesu Kwakuhlukile (rsZU k. 128 isig. 6 kuya kuk. 129 isig. 3)

Sept. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: AbAhluleli 1 kuya ku-4

INgoma No. 26

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi YabAhluleli (siZU kk. 46-7 izig.1-7)

No. 2: AbAhluleli 2:8-23

No. 3: UJesu Uphendula Abamangaleli Bakhe (gtZU isahl. 30)

No. 4: Izingozi Zokuphuza Kwentsha (ypZU isahl. 33)

Sept. 28 Ukufundwa kweBhayibheli: AbAhluleli 5 kuya ku-7

INgoma No. 150

No. 1: sgZU kk. 58-61 Izig. 1-12

No. 2: AbAhluleli 7:7-22

No. 3: Ingabe Kuvumelekile Ukukha Izikhwebu NgeSabatha? (gtZU isahl. 31)

No. 4: Kungani Ukuphila Okuphakade Kuxhomeke Esihlengweni? (rsZU k. 129 izig. 4-6)

Oct. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: AbAhluleli 8 kuya ku-10

INgoma No. 207

No. 1: sgZU kk. 61-2 izig. 13-18

No. 2: AbAhluleli 8:13-28

No. 3: Yini Evumelekile NgeSabatha? (gtZU isahl. 32)

No. 4: Isizathu Sokwenqaba Izidakamizwa (ypZU isahl. 34)

Oct. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: AbAhluleli 11 kuya ku-14

INgoma No. 144

No. 1: sgZU kk. 63-6 izig. 1-10

No. 2: AbAhluleli 11:28-40

No. 3: Ukugcwalisa Isiprofetho SikaIsaya (gtZU isahl. 33)

No. 4: Kungani Inzalo Ka-Adamu Ihlupheka Ngenxa Yezono Zakhe? (rsZU k. 130 isig. 1 kuya kuk. 131 isig. 1)

Oct. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: AbAhluleli 15 kuya ku-18

INgoma No. 191

No. 1: sgZU kk. 66-9 izig. 11-22

No. 2: AbAhluleli 16:18-31

No. 3: Ukhetha Abaphostoli Bakhe (gtZU Isahl. 34)

No. 4: Yiba Ngokhethayo Kulokho Okufundayo (ypZU isahl. 35)

Oct. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: AbAhluleli 19 kuya ku-21

INgoma No. 11

No. 1: EyabAhluleli—Isizathu Sokuba Ibe Nenzuzo (siZU k. 50

izig. 26-28)

No. 2: AbAhluleli 21:8-25

No. 3: Intshumayelo Edume Kunazo Zonke Ezake Zanikezwa

(gtZU isahl. 35 izig. 1-6)

No. 4: Obani Abazuza Kuqala Esihlengweni? (rsZU k. 131 izig. 2, 3)

Nov. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Ruthe 1 kuya ku-4

INgoma No. 57

No. 1: EkaRuthe: Ukwethulwa Kwayo Nesithi Isizathu Sokuba Ibe

Nenzuzo (siZU kk. 51-3 izig. 1-3, 9, 10)

No. 2: Ruthe 1:7-22

No. 3: Obani Abajabula Ngempela? (gtZU isahl. 35 izig. 7-17)

No. 4: Lawula Ukubukela Kwakho ITV (ypZU isahl. 36)

Nov. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 1 kuya ku-3

INgomaNo. 127

No. 1: Ukwethulwa Kwencwadi Yoku-1 Samuweli (siZU kk. 53-4

izig. 1-6)

No. 2: 1 Samuweli 3:2-18

No. 3: Indinganiso Ephakeme Ngabalandeli Bakhe (gtZU isahl. 35 izig. 18-27)

No. 4: “Ezinye Izimvu” Ziyazuza Esihlengweni (rsZU k. 132 izig. 1-3)

Nov. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 4 kuya ku-7

INgoma No. 45

No. 1: sgZU kk. 69-71 izig. 1-8

No. 2: 1 Samuweli 7:1-14

No. 3: Umthandazo, Nokuthembela KuNkulunkulu (gtZU isahl. 35 izig. 28-37)

No. 4: Umbono Olinganiselwe Ngokuzijabulisa (ypZU isahl. 37)

Nov. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 8 kuya ku-11

INgoma No. 222

No. 1: sgZU kk. 72-3 izig. 9-13

No. 2: 1 Samuweli 11:1-15

No. 3: Indlela Eya Ekuphileni (gtZU isahl. 35 izig. 38-49)

No. 4: Iziphi Izibusiso Zesikhathi Esizayo Eziyojatshulelwa Ngenxa Yesihlengo? (rsZU k. 132 isig. 4 kuya kuk. 133 isig. 3)

Nov. 30 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 12 kuya ku-14

INgoma No. 156

No. 1: sgZU kk. 73-5 izig. 1-8

No. 2: 1 Samuweli 13:1-14

No. 3: Ukholo Olukhulu Lwenduna Yempi (gtZU isahl. 36)

No. 4: Lokho Ikusasa Elikuphethe (ypZU isahl. 38)

Dec. 7 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 15 kuya ku-17

INgoma No. 86

No. 1: sgZU kk. 75-8 izig. 9-17

No. 2: 1 Samuweli 15:5-23

No. 3: UJesu Uqeda Usizi Lomfelokazi (gtZU isahl. 37)

No. 4: UNkulunkulu Uye Walubonisa Kanjani Uthando Lwakhe Ngathi, Futhi Thina Singazuza Kanjani? (rsZU k. 133 isig. 4 kuya kuk. 134 isig. 1)

Dec. 14 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 18 kuya ku-20

INgoma No. 140

No. 1: sgZU kk. 78-80 izig. 1-10

No. 2: 1 Samuweli 18:1-16

No. 3: Ingabe uJohane Wayentula Ukholo? (gtZU isahl. 38)

No. 4: Indlela Yokusondela KuNkulunkulu (ypZU isahl. 39)

Dec. 21 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Samuweli 21 kuya ku-24

INgoma No. 138

No. 1: sgZU kk. 80-4 izig. 11-24

No. 2: 1 Samuweli 23:13-29

No. 3: Abaqhoshayo Nabathobekile (gtZU isahl. 39)

No. 4: Imuphi Umphumela Ilungiselelo Lesihlengo Okumelwe Libe Nawo Ekuphileni Kwethu? (rsZU k. 134 izig. 2-4)

Dec. 28 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedelani ujoshuwa 18 kuya kweyoku-1 Samuweli 24

INgoma 155

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela