Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/91 kk. 1-4
  • Ungadangali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungadangali
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • HAMBISA INCWADI ETHI UKUSINDELA
  • KHUTHAZA ABANYE UKUBA BAHLALE BEQINILE
  • ‘Ungakhathali’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Amathayi Ukuphila Kwakho Kungaxhomeka Kuwo!
    I-Phaphama!—2004
  • Ungakhathali Ekwenzeni Okuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Thola Izimpendulo Zale Mibuzo
    Isimiso Somhlangano Wesigodi Ka-2017-2018—Onombonisi Wesigodi
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
km 1/91 kk. 1-4

Ungadangali

1 IYearbook ka-1991 ilandisa ngokwanda okuvusa amadlingozi okwenzeka emhlabeni wonke. Kunamanani amasha aphakeme abamemezeli emazweni ngamazwe.

2 Kodwa kunjani ensimini yenu? Ingabe nihlangabezana nokungasabeli? Ingabe abantu abanasithakazelo esigijimini soMbuso? Ingabe bambalwa abantu ababa sekhaya? Ingabe bambalwa abasabela kahle? Uma kunjalo, iseluleko sikaPawulu kweyabaseGalathiya 6:9 singase sikukhuthaze: “Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.” Ukwenza okuhle ngokuqinisekile kuhlanganisa ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso endlini ngendlu. Kumelwe siqhubeke nokushumayela ngokuphuthuma kuze kube yilapho uJehova ethi umsebenzi usuphelile. (Isaya 6:8) Ngisho nasemasimini alukhuni, abanjengezimvu basatholakala.

3 Yini esingayenza ukuze singadangali enkonzweni? Ukushintsha izethulo zethu kungase kusize. Ukusikisela okuhle kakhulu kuyatholakala encwadini ethi Ukubonisana. Ingabe uke wakuzama? Isethulo esifushane kakhulu kodwa esiqondile singase sidonse ukunaka kwabaninikhaya abaningi. Yenza abantu bazi ukuthi ulapho ngoba unesithakazelo somuntu siqu kubo nasenhlalakahleni yabo.

HAMBISA INCWADI ETHI UKUSINDELA

4 Phakathi noJanuary singabonisa ukukhathalela kwethu abanye ngokuhambisa incwadi ethi Ukusindela Emhlabeni Omusha. Thina ngokwethu situsa futhi sisekela uMbuso kaNkulunkulu ngokushumayela izindaba ezinhle. Incwadi ethi Ukusindela iyithuluzi elihle kakhulu lokusiza abanye ukuba bafunde okwengeziwe ngoMbuso abawuthinta kaningi emthandazweni, kodwa abazi okuncane kakhulu ngawo.

5 Kunamaphuzu okukhulunyelwa amaningi amahle kakhulu kulencwadi. Ungase uthole isahluko 1 nomfanekiso osekhasini 4 no-5 kuwusizo entshumayelweni yakho. Ubani ongeke athanda ukuphila ezimweni zePharadesi eziboniswe lapho? Isigaba sokuqala sithi kungenzeka ukujabulela ikusasa elinokuthula nokulondeka kulomhlaba. Ungase uthande futhi ukubhekisela esihlokwaneni esisekhasini 14 esixoxa ngempikiswano yobukhosi. Isigaba 9 ekhasini 16 singase sifundwe ukuze kusizwe umninikhaya ukuba abone ukuthi uMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo ngokushesha ozohlanganisa abantu bazo zonke izinhlanga futhi unikeze ukuqondisa okulungile okudingwa yibo bonke. Yebo, ungase futhi uthole amanye amaphuzu efanelana nentshumayelo yakho.

6 Ngokuqinisekile thina ngokwethu singakhuthazwa futhi siqiniswe ukuhlanganyela kwethu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso masonto onke. Ngaphezu kwalokho, ingokomoya lethu lingagcinwa lisezingeni eliphezulu ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu nangokuhlanganyela njalo emihlanganweni yebandla.—Heb. 10:23-25.

KHUTHAZA ABANYE UKUBA BAHLALE BEQINILE

7 Ungazisiza ngokwakho futhi ukhuthaze nabanye ngokusebenza nabo enkonzweni yasensimini. (Gal. 6:10) Kungani ungaceli amaphayona noma abadala uma ungase ukwazi ukusebenza nabo? Futhi, nalabo abangaphumi njalo noma mhlawumbe abapholile bangakhuthazwa ukuba kwakho nesithakazelo enhlalakahleni yabo engokomoya.

8 Sonke kudingeka ukuba sikhuthazele enkonzweni kaJehova futhi singadangali kulezinsuku zokugcina ezinzima. Ukukhuthazela okunjalo kuyosenza ukuba sikwazi ukulondoloza intshiseko yethu yobuKristu naphezu kobunzima nokungabi nasithakazelo kwabanye. (Heb. 10:36-39) Thandaza kuJehova ukuba akunike amandla. (Isaya 40:29-31) Mcele ukuba akusize ukhuthazele, futhi ugcine isimo sengqondo esiqondile. Khumbula, senza umsebenzi kaNkulunkulu. Uyakubona lokho esikwenza enkonzweni yakhe, futhi akakhohlwa. (Heb. 6:10) Ngakho masingadangali! Kunalokho, ‘masihlale sinokuningi kokukwenza emsebenzini wenkosi,’ sithembele kuJehova ukuba asiqinisele umsebenzi ‘wakhe omuhle.’—1 Kor. 15:58, qhathanisa neNW; Gal. 6:9.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela