Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/90 k. 5
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 12/90 k. 5

IZaziso

● Isipho sencwadi sikaDecember: INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngomnikelo ka-R7,50. NgoJanuary noFebruary: Ukusindela Emhlabeni Omusha ngomnikelo ka-R2,50. (Amabandla angaoda izincwadi zesipho esikhethekile eNhlanganweni.) NgoMarch: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R7,50. Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ingasetshenziswa uma ningenaso lesosipho, ngomnikelo ka-R3,75.

● ISikhumbuzo sika-1992 siyoba ngoLwesihlanu, April 17, ngemva kokushona kwelanga. Lokhu kwaziswa kusengaphambili ngosuku lokugujwa kweSikhumbuzo sika-1992 kunikezwa ngenjongo yokuba abazalwane bakwazi ukubhuka noma benze izivumelwano zokuthola amahholo lapho kunamabandla amaningi kakhulu asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kudingeka bathole ezinye izindawo.

● Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kumelwe abale izimali zebandla ngoDecember 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.

● Kusukela kumagazini kaJanuary 1, 1991, uhlelo oluphuma kanye ngenyanga lukamagazini weNqabayokulinda luzonyatheliswa ngesiKwanyama nangesiNdonga. Lona uyoba umagazini ohlanganisiwe, onezihloko ezifundwayo ngesiKwanyama nezinye izihloko ngesiNdonga.

● Abamemezeli abaningi bayabuza ukuthi kungani kungekho manani aboniswayo ezintweni ezikhangisayo komagazini beNhlangano. Amalungiselelo athile angokomthetho eUnited States aye enza lokhu kwaba okudingekile. Nokho, lapha eNingizimu Afrika, uma abantu befuna noma iyiphi yalezincwadi eNhlanganweni, noma uma iNhlangano icela ibandla lihlele ukuba othile ahambele umuntu onjalo, izincwadi noma omagazini kumelwe bakuhanjiselwe ngenani elivamile lomnikelo lezwe lakithi.

● Sizani niphawule ukuthi izinsuku zomhlangano wesigodi kwaManzini, eSwazini manje seziye zashintshwa zaba ngoDecember 14-17, 1990. (NgoLwesihlanu kuya ngoMsombuluko)

● Sizani niphawule ukukhuphuka kwamanani osekusebenza, futhi nilungise i“Cost List” yenu ngokufanelekile:

IBa.

Amaph. Neningi

IBhayibheli ngeziLimi zabaNsundu R8,00 R9,00

IBhayibheli ngesiBhunu

(inguqulo eNdala neNtsha) R9,00 R10,00

● Njengoba kunomehluko phakathi kwesimiso sokufundwa kweBhayibheli ekhalendeni lika-1991 naseSimisweni Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini, abazalwane banxuswa ukuba balandele ukufundwa kweBhayibheli okuseSimisweni Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini kunokuba balandele esisekhalendeni.

● IBethel idinga izinkonzo zomhlengikazi okufundele. Siza ubhalele iNhlangano ucele ifomu lesicelo laseBethel.

● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? —NgesiPanishi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela