Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ezabelweni zamasonto kaSeptember 3 kuya kuDecember 24, 1990. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongakwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingasetshenziswa ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Umshado wamaKristu nomkhaya akuhilelekile ekukhulekeleni kwawo uJehova. [wZU88 6/15 k. 14]
2. AmaKristu awekho engozini yokuyengwa inkambo yalelizwe ehlazisayo. [wZU88 6/15 k. 16]
3. Abazali bangaba nesikhathi benabantwana babo kuphela uma bengematasa ngezinye izibopho nezinkinga. [wZU88 8/1 k. 11]
4. UJesu wayefaneleka ukuvula incwadi ngoba wayelinqobile izwe. [reZU k. 84 isig. 7]
5. Iziprofetho eziphathelene nokusindiswa kukaIsrayeli azigcwaliswa uIsrayeli ongokwenyama kodwa ibandla lobuKristu. (AbaseRoma, izahluko 9-11) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 8/1 k. 24.]
6. UJehova ‘wenza indlela yokuphepha’ ngokususa isilingo. (1 Kor. 10:13) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU75 1/15]
7. “Izimpawu” ezashiya izibazi ezithile kungenzeka zazibangelwe ukuphathwa kabi ngokomzimba okwatholwa uPawulu. (Gal. 6:17) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 11/15.]
8. ‘Ukuhlanganiswa kwakho konke okusemhlabeni’ kuyoqhubeka kuze kube yilapho abasemathuneni okukhunjulwa bezwa izwi likaJesu futhi baphume. (Efe. 1:10) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 11/15.]
Phendula imibuzo elandelayo:
9. Kungani ukusebenzisa ithelevishini njengomzanyana kuwukungawunaki kwabazali ngokudabukisayo umthwalo wabo wemfanelo? [wZU88 8/1 kk. 11, 12]
10. Kungani enye intsha iphila ukuphila okumbaxambili? [wZU88 8/1 kk. 17, 18]
11. Yini edingekayo ukuze kube nenjabulo enkulu emshadweni? (Umsh. 4:12) [wZU88 11/1 k. 16]
12. Izimpondo eziyisikhombisa zewundlu zimelelani? (IsAm. 5:6) [reZU k. 85 isig. 12]
13. Kubhekisela kuphi ngokuyinhloko “ukuvuma kwasobala” okukhulunywa ngakho kumaRoma 10:9, 10 (NW)? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU88 1/1 k. 22 neka 6/15 k. 29.]
14. Kungaziphi izindlela ezimbili abadala abangaqokomisa ngazo ukungathi sína kweseluleko sikaNkulunkulu sokushadela ‘kuphela enkosini’? (1 Kor. 7:39) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU82 9/1 k. 30.]
15. Iyini “imicibisholo evuthayo” ebekela ukholo lwethu inselele? (Ef. 6:16) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 11/15.]
16. Wawuyini ‘umgomo’ uPawulu ayezelulela kuwo? (Fil. 3:13, 14) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 11/15.]
Bhala igama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
17. Umgomo wabazali abangamaKristu kumelwe ube ․․․․․․․ ukuze abantwana bangayeki ukukhonza uNkulunkulu. (IzAga 22:6) [wZU88 8/1 k. 13 isig. 14]
18. NgokwabaseRoma 13:1, amakhosi ezwe akhona kuphela ․․․․․․․ uNkulunkulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 8/1 k. 24.]
19. Lapho ․․․․․․․ eshiya abakholwayo abangabeZizwe eAntiyokiya ngoba esaba amaKristu angamaJuda avela eJerusalema, ․․․․․․․ wamsola. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 11/15.]
20. UPawulu waqinisekisa abaseFilipi ngo․․․․․․․ owayegula kakhulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 11/15.]
Khethq impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
21. Abazali kumelwe batadishe nabantwana babo (kanye ngesonto; kanye ngenyanga; sikhathi sonke). (Dut. 11:18-21) [wZU88 8/1 k. 14 isig. 18]
22. Ngokunokwenzeka bethonywé (ifilosofi yamaGreki; umzwelo; imiBhalo yesiHeberu), abathile ebandleni laseKorinte bathi alukho uvuko lwabafileyo. (1 Kor. 15: 32) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 9/15 k. 25.]
23. Kweyesi-2 Korinte 3:18, uPawulu ubhekisela kokuhlangenwe nakho (KukaMose; kukaJoshuwa; kukaElisha). [Ukufundwa kweBhayibheli kwmasonto onke; bheka iwZU90 9/15 k. 26.]
24. UPawulu wacaphuna isibonelo esihle (sabaseKorinte; sabaseMakedoniya; sabaseEfesu) ngoba babephana ngezinto ezibonakalayo ngokungaphezu kwababenakho. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 9/15 k. 27.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngazansi:
Roma 7:4; 1 Kor. 4:9; 14:40; 2 Kor. 6:7
25. Nakuba ayehlaselwa nxazonke, uPawulu nezisebenzi ezikanye naye babekuhlomele ukulwa impi engokomoya. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 9/15 k. 27.]
26. UPawulu wabhekisela ekufeni enkundleni. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 9/15 k. 24.]
27. Ngokuhlela kahle imihlangano yethu, siyisa udumo kuNkulunkulu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 9/15 k. 25.]
28. Ukufa kukaJesu kwakhulula amaJuda akholwayo ekubeni ngaphansi koMthetho. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU90 8/1 k. 24.]