Ukushumayela Izindaba Ezinhle Emasimini Ethu Angabelwe
Phakathi neminyaka embalwa edlule kuye kwaqashelwa ukwanda okusheshayo ekusekelweni komkhankaso wensimu engabelwe. Lokhu kutuseka kakhulu njengoba kubonisa ukukhathalela abantu kwabamemezeli. Phakathi nezinyanga zika-August kuya kuOctober sinikhuthaza nonke ukuba niphinde futhi nifune ngobuqotho abafaneleyo ensimini engabelwe. (Math. 10:11) Lapho kunokwenzeka, zamani ukusebenzisa isikhathi esingaphezu kwempela-sonto eyodwa inyanga ngayinye kuleyonsimu.
Ngaphezu kwalokho, sikhuthaza abadala nezinceku ezikhonzayo ukuba bathuthele lapho kunendingeko enkulu khona. Kunezindawo eziningi ezinjalo eCiskei, eNatali, eTranskei, naseVenda. Ningathola imininingwane eNhlanganweni. Labo abangase bakwazi ukuthuthela kwenye indawo kumelwe bathintane nabadala futhi babheke ethi Ukuhlelelwa, emakhasini 112 no-113. Amanye amabandla asemadolobheni aze ngisho amukela ingxenye yensimu yawo engabelwe njengesabelo ayosisebenza njalo. Kwangathi sonke singabonisa intshiseko kaPawulu ekumemezeleni izindaba ezinhle kulesikhathi sesiphelo.—Roma 1:15.