IZindaba Ezingokwasezulwini
◆ IAzores iyajabula ngokubika inani elisha eliphakeme labamamezeli abangu-419 ngoFebruary, ukwanda ngamaphesenti angu-31 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Abamemezeli bakhuthele kweziyisishiyagalombili zaleziqhingi eziyisishiyagalolunye.
◆ IKorea ibe nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-59 483 ngoFebruary. Leli yinani labo eliphakeme lama-29 alandelanayo.
◆ Kwenziwa amalungiselelo okwakha esinye isikejana sokusetshenziswa enkonzweni engxenyeni engaseningizimu-mpumalanga yePeru. Kuhlelwa ukuba kufakazwe kuzo zonke izinkomponi zezisebenzi zasezimayini zegolide ezingasemifuleni kuleyondawo.
◆ ISt. Lucia ibe nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-449 ngo-February elibonisa ukwanda ngamaphesenti angu-14.
◆ Phakathi nezinyanga zikaDecember noJanuary, kwenziwa umzamo okhethekile wokuhlanganisa amanye amasimu angasetshenzwa njalo eVenezuela. Ingqikithi yamadolobha nezindawo zasemaphandleni ezingu-123 zabiwa yigatsha ukuba zisetshenzwe okwesikhashana. Kwaqaliswa ingqikithi yezifundo ezingu-900.