Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ensimini Esetshenzwa Njalo
1 Niyisebenza kaningi kangakanani insimu yenu? Uma insimu ihlanganiswa kaningi, nibusiseke ngokukhethekile. Ngani? Ngoba amabandla asebenza insimu yawo njalo ngokuvamile aba nokwanda okusheshayo. Lokhu kuye kwenzeka emabandleni asemadolobheni amaningi amakhulu. Ngokwesibonelo, eWitwatersrand, kuhlanganise neSoweto, lapho insimu enkulu isetshenzwa khona njalo, manje kunamabandla angaphezu kwe-140.
2 Lapho esebenza insimu eyayihlanganiswa masonto onke, omunye umzalwane wahlangana nowesifazane owathi wayengakaze athintwe ngaphambili. Wathatha izincwadi ngentshiseko futhi wajabula ngokuthi ukhona owayemtholile. Ngakho emasimini anjalo kusenabantu abangakalitholi ithuba lokuzwa izindaba ezinhle. (Qhathanisa neyesi-2 Petru 3:9b.) Ukuhlanganiswa kahle kwensimu esetshenzwa njalo kubalulekile ukuze kufunwe abantu abanjengezimvu.—Math. 10:11.
UKUHLANGABEZANA NALENSELELE
3 Lapho insimu isetshenzwa njalo, kubalulekile ukugcina umbiko oqondile wendlu ngendlu. Uhlu lwabangekho ekhaya lungasetshenziswa ukuze kugcinwe amaqembu ematasa ensimini lapho ingekho enye insimu. Kungani ningasebenzisi izikhathi zokufakaza ntambama ukuze nizame ukufinyelela labo abangatholakali ekhaya emini? Khumbula, labo abangekho phakathi nosuku nangezimpelasonto ngokuvamile basuke beziphumulele emakhaya ntambama.
4 Uma nihlanganisa insimu yenu izikhathi eziningana nisasebenzisa iSihloko Sengxoxo esisodwa, kuyinzuzo ukushintshashintsha isethulo sakho. Ungathola izethulo ezifanelekile emakhasini 9-15 encwadini ethi Ukubonisana. Zisebenzise ukuze zikusize ekuqaliseni izingxoxo nalabo ohlangana nabo ensimini.—IzAga 1:5, qhathanisa neNW.
5 Enye indlela yokushintshashintsha isethulo sakho iwukuhambisa ipheshana. Xhuma isihloko sepheshana neSihloko Sengxoxo. Futhi, sebenzisa izenzakalo zezindaba zamuva. Ukubuza imibuzo ngezinto ezinjalo kungase kushukumise ukucabanga komninikhaya futhi ngaleyondlela kunikeze isisekelo sengxoxo enhle.
FAKAZA KUBO BONKE
6 Ingabe usebenzisa cishe amaphesenti angama-50 esikhathi sakho senkonzo wenza izimpindelo futhi uqhuba izifundo zeBhayibheli? Uma ugcina umbiko wendlu ngendlu ohlukile walabo ababonisa isithakazelo, uyokwazi ukudlulisela umbiko wakho wabangekho ekhaya kulowo onakekela insimu. Qikelela ukuba uphindele ngokushesha kubo bonke abamukela izincwadi nakunoma yibaphi ababonisa isithakazelo esigijimini soMbuso.
7 Siyokwazi ukufinyelela abantu abaningi ngisho nangokwengeziwe ngezindaba ezinhle uma siphaphamele wonke amathuba okunikeza ubufakazi. Ngokwesibonelo, lapho sisebenza insimu yethu, ngokuvamile sibona abantu bephuma emakhaya noma behamba emgwaqweni. Nomaphi lapho kungenzeka futhi kufaneleke khona, kungani ungahambisi kafushane umagazini noma ipheshana?
8 Ngisho nalapho insimu isetshenzwa khona isonto ngalinye, khumbula ukuthi cishe kunabanhliziyo-ziqotho abangakatholwa ngisho nakuba siye senza imizamo ephindaphindiwe yokubathinta. Ngisho nakuba uye wafakaza ekhayeni elifanayo esikhathini esidlule, ungase uhlangane nomunye umuntu kulokhu. Ngakho-ke, njengabaphostoli, masifakaze ngokungashwampuluzi ensimini yethu esiyabelwe. IzE. 8:14, 25, qhathanisa neNW; 20: 20, 21, qhathanisa neNW.