Ukusiza Abantwana ‘Ukuba Bangazikhohlwa Izinto’ UJehova Azenzile
1 Njengoba amaIsrayeli ayemi onqenqemeni lweZwe Lesithembiso, uJehova uNkulunkulu wayala abazali ‘ukuba bangazikhohlwa izinto’ ayezenzile. Kodwa kwakubalulekile futhi ukuba amadodana abo nabazukulu bafundiswe. Ngakho-ke wayala abazali ukuba ‘bazise abantwana babo nabazukulu babo amazwi akhe.’ Ingabe kuhlukile namuhla njengoba simi onqenqemeni lweZwe Lesithembiso elihle ngokwengeziwe, izwe elisha likaNkulunkulu lokulunga? Kusukela ekukhululweni kwayo ngo-1978, INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli iye yaba usizo oluhle kakhulu ekufundiseni ‘amadodana nabazukulu bethu.’ Yeka ukuthi iye yaba yilungiselelo elihle kanjani lokufaka izimfanelo ezingokomoya ezinhliziyweni nasezingqondweni zabantwana bethu.—Dut. 4:9, 10.
INDLELA YOKUYIHAMBISA
2 Phakathi nenyanga kaDecember, sizobe sihambisa incwadi Yezindaba ZeBhayibheli. Singayisebenzisa kanjani kahle lencwadi enhle? Kunezici eziningi ezikhangayo kokubili kubazali nakubantwana. Ukubhalwa kwayo ngamagama amakhulu, ukuhlelwa kwezenzakalo eziyinhloko eBhayibhelini ngokulandelana kwazo, ukusetshenziswa kweBhayibheli okulula nokuqondile, imifanekiso eyi-125 enombala omuhle, nezindaba zayo ezimfushane ezihlobene ngendlela evusa isithakazelo, kuyakhanga emehlweni nasenhliziyweni. Singasebenzisa noma iziphi kulezizici ukuze sisize abasebasha nasebekhulile. Nokho, ukuze uhambise incwadi Yezindaba ZeBhayibheli ngokuphumelelayo, okuningi kuxhomeke kuwe nasendleleni ozizwa ngayo ngayo. Kungani wena unomuzwa wokuthi ibalulekile? Tshela abanye ngokuqiniseka nangentshiseko indlela ozizwa ngayo ngayo.
3 Bazali, sinikhuthaza ukuba nibukeze ezinye izintshumayelo nabantwana benu. Kunokuba nimane nje nivumele abantwana benu bahambe nani enkonzweni yasensimini noma bahambise nje omagazini emakhaya, sizani abantwana benu ukuba balungiselele izintshumayelo ezilula ezisekelwe eSihlokweni Sengxoxo. Basizeni ukuba baqalise futhi baqhube ezabo izifundo zeBhayibheli. Bayoyijabulela kakhulu ngokwengeziwe inkonzo yabo futhi njengabazali niyoba nokwaneliseka kokubona abantwana benu bethuthuka ngokomoya.
4 Basha, nani sinikhuthaza ukuba nenze umzamo okhethekile wokuzijwayeza intshumayelo elula yencwadi Yezindaba ZeBhayibheli bese niyihambisa kwenifunda nabo, omakhelwane, izihlobo noma kubangane abanivakashele. Khetha umfanekiso onjengalowo oseNdabeni 116. Khona-ke funda iHubo 119:9 eliseSihlokweni Sengxoxo bese uveza ukuthi iBhayibheli linikeza sonke isiqondiso esisidingayo ekukhonzeni uJehova ngendlela eqondile.
5 Lapho abantu bematasa khona, singase sithande ukusebenzisa intshumayelo emfushane, sisebenzisa umfanekiso oseNdabeni 115. Singase sithi: “Sawubona. Njengomakhelwane wakho ngikuhambele kafushane ukuze ngikunikeze incwadi enhle yabantu abasebasha. Ngiye ngathola lencwadi ibaluleke kakhulu kubazali nabantwana ngokufanayo. Ibasiza ukuba bafunde ngalokho uNkulunkulu akuthembisile ngekusasa eZwini lakhe, iBhayibheli. [Phenya eNdabeni 115; funda umusho wokugcina esigabeni 1.] Ubungethande ukuyithathela abantwana (abazukulu) bakho?”
6 Ungase uhlangane nabanye asebenayo kakade incwadi Yezindaba ZeBhayibheli. Kungani ungabonisi indlela abantwana abangazuza ngayo kulencwadi bese usikisela ukuyifunda nabo kanye nomkhaya? Kungase futhi kube nethuba lokuhambisa enye insiza-kufundisa yeBhayibheli kulowomkhaya.
7 Nakuba uDecember eyinyanga yamaholide, sonke masisebenzise ithuba ngalinye ukuze sisize intsha ifinyelele ekwazini lokho uJehova akwenzile esikhathini esidlule ngokuhambisa INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngomnikelo ka-R7,50. Masithandazele usizo lukaJehova njengoba sisiza abantwana bethu siqu ‘ukuba bangazikhohlwa izinto’ azenzile ‘eminyakeni yokuphila kwabo.’—Dut. 4:9, 10; IzAga 3:1, 2.