Ukubukezwa Kwesikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ezabelweni zamasonto kaSeptember 4 kuya kuDecember 18, 1989. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongakwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingasetshenziswa ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. UZakariya 8:23 wabikezela ukuthi “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ sasiyohlanganyela nensali ekukhulekeleni okumsulwa. (IsAm. 7:9; Joh. 10:16) [wZU88 1/1 k. 18]
2. Umntwana ngempela ungokaNkulunkulu ngomqondo wokuthi uYena onguMniki-kuphila wethu sonke. [flZU k. 95 isig. 30]
3. Abazali bazolandisa kuMdali ngendlela abakhulisa ngayo abantwana babo. [flZU k. 95 isig. 31]
4. Lapho umntwana esewusana, uyise akumelwe ahileleke ekumnakekeleni njengoba unina enendima engokwemvelo ngokwengeziwe okumelwe ayifeze ekuphileni komntwana. [flZU k. 102 isig. 11]
5. Ukwazi ukuthi unomthwalo wemfanelo kuMdali wakhe kumelwe kushukumisele ubaba ukuba enze okungcono kakhulu ekufezeni umyalo waphezulu ’wokubakhulusa [abantwana bakhe] ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.’ (Efe. 6:4) [flZU k. 102 isig. 12]
6. Ngokufaka amafadingi amabili, owesifazane ompofu kuMarku 12:41-44 wabeka isibonelo esihle sokungabi nabugovu ekusekeleni ukukhulekela kweqiniso. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 10/15 k. 31]
7. KuMarku 15:34 kubonakala sengathi uJesu wantengantenga okholweni lwakhe, ekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayemshiyile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 6/15 k. 31.]
8. Ukuba futhi nobuhlobo bobulili nomlingane ophingile ngemva kokuzwa ngesenzo sokuphinga kusho ukuthi ongenacala uyamthethelela ophingile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU81 9/1 k. 30.]
Phendula lemibuzo elandelayo:
9. Uma abazali bekuthola kunzima ukondla, ukunakekela nokuqeqesha abantwana asebenabo kakade, yini okumelwe bayicabangele ngokungathi sína? [flZU k. 94 isig. 29]
10. Ubani okumelwe achaze izindaba eziphathelene nobulili kubantwana? [flZU k. 122 isig. 16]
11. Yiziphi izinto ezibaluleke kakhulu okumelwe abantwana bazifundiswe abazali babo? [flZU k. 129]
12. Yisiphi isici abazali okumelwe basiqaphele ngokuphathelene nethonya abangane abanalo kubantwana babo? [flZU k. 138 isig. 18]
13. Lalingubani idwala uKristu akhela kulo ibandla lakhe? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 12/15 k. 8.]
14. Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi ngedemoni: “Loluhlobo lungephume ngalutho, kuphela ngokukhuleka”? (Marku 9:29) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU84 4/1 k. 31.]
15. Sasiyini “isibonakaliso sikaJona” okukhulunywa ngaso kuMathewu 16:4? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU83 3/15 k. 31.]
16. Singubani ‘isithunywa sesivumelwano’ okukhulunywa ngaso kuMalaki 3:1? [wZU87 6/15 k. 12]
Gcwalisa ngegama noma ngomusho ukuze uphelelise ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
17. “Insizwa” eyabalekela labo ababopha uJesu ngokunokwenzeka yayingu............................. . (Marku 14:51, 52) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 10/15 k. 30.]
18. Iqiniso lokuthi uMarku wazizwa ephoqelekile ukuba achaze izinkulumo ezifana ‘nekorbana’ kuMarku 7:11 libonisa ukuthi wabhala ............................ ngokuyinhloko engqondweni. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 10/15 k. 30.]
19. Ngenxa yokuthi wayengafuni ............................ uJesu wenqaba ukuphuza iwayini elixutshwe nenyongo. (Math. 27:34) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/15 k. 25.]
20. KuMathewu 26:64 uJesu ngesibindi wasebenzisa isiprofetho esikuDaniyeli 7:3, 4 ............................ . [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU88 1/1 k. 10.]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
21. Ukucindezeleka okukhulu emizileni yokuxoxisana phakathi kwabazali nabantwana kufika (phakathi neminyaka yokuqala yokuphila komntwana; phakathi neminyaka yokweva eshumini elinambili). [flZU k. 146 isig. 3]
22. Imizi yaseDekapholi yayiyizikhungo (zamasiko amaGreki, noma amaHellenist, inkolo yamaSamariya; ubuJuda). (Marku 5:20) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 10/15 k. 30.]
23. (UMathewu; uMarku; uLuka) kuphela owakhuluma ngobunyumba bukaElisabethe, ukukhulelwa kwakhe, nokuzalwa kukaJohane. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 11/15.]
24. (UMathewu 20:30; uMarku 10:46; uLuka 18:35) akaphikisi okunye ukulandisa okubili; umane nje uqonde ngqo. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU88 2/1 k. 5.]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
Math. 22:30; Math. 23:27, 28; Marku 4:38; IzAga 23:24, 25
25. Kuyisifiso esingokwemvelo ngabazali ukuba bakwazi ukuziqhenya ngalokho okwenziwa abantwana babo. [flZU k. 162 isig. 3]
26. Ngokunokwenzeka uJesu waphumula phezu komcamelo owawusebenza njengesihlalo endaweni engemuva yomkhumbi. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 10/15 k. 30.]
27. Ukulalela leseluleko okukhulunywa ngaso kuyosenza sixwaye ukukhohlisa nobuzenzisi. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/15 k. 25.]
28. UmKristu omlingane wakhe uye wafa akumelwe azizwe ebophekile ukuba ahlale engashadile ngethemba lokuthi owayengumlingane wakhe womshado uyobuye abuyiselwe kuye ovukweni. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 6/l kk. 30-1.]