Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/89 k. 4
  • Isibonakaliso Sethu NjengoFakazi BakaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonakaliso Sethu NjengoFakazi BakaJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amalungiselelo Okusisiza Ukuba Siyeke Igazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Iminyaka Eyikhulu Ngaphansi Kokubusa KoMbuso!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ingabe Kufanele Ngibe Nekhadi Lokuthenga Ngesikweletu?
    I-Phaphama!—1999
  • Ilungiselelo Elisha Lokusisiza Sidede Egazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 12/89 k. 4

Isibonakaliso Sethu NjengoFakazi BakaJehova

Njengezikhonzi zezindaba ezinhle, saziwa kabanzi njengoFakazi BakaJehova. Ukuhlanganyela kwethu kokuzithandela enkonzweni yasensimini kushukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane. Akwenziwa ngenxa yokuphoqelelwa umuntu othile noma inhlangano kodwa kungokuvumelana nokuthunywa kwethu esikunikwe uNkulunkulu kokushumayela “ivangeli” nokwenza abafundi. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ngakho-ke, abamemezeli benza kahle ukugwema ukuzibiza ngokuthi bangamanxusa noma abameleli beJehovah’s Witnesses of South Africa, noma noma iyiphi inhlangano yakuleyondawo esetshenziswa “inceku ethembekileyo neqondayo” ukuze ithuthukise izithakazelo zoMbuso.—Math. 24:45-47.

Uma kwenzeka ingozi noma kuba nesimo esiphuthumayo noma uma kuhlangatshezwana nezinkinga lapho kusetshenzwa amapaki amacaravan, amabhilidi, noma enye insimu ethile, abamemezeli bangase badinge indlela ethile yokuzibonakalisa ngale kokunikeza amagama abo kanye nencazelo emfushane engokomBhalo yohlobo lomsebenzi wethu ongokwenkolo. Uma bebuzwa, noma lapho becelwa izitifiketi, abamemezeli ababhapathiziwe bangasebenzisa ikhadi lesibonakaliso (S-65) elisayinwe umbonisi owengamele, elibonisa ukuthi umuntu ushumayela izindaba ezinhle zoMbuso ehlanganyela ebandleni lakuleyondawo elibhalwe ekhadini.

Amakhadi esibonakaliso (S-65), angase anikezwe abamemezeli lapho kunesidingo, anga-odwa eNhlanganweni. Lelikhadi lesibonakaliso alinikezwa bonke abamemezeli. Uma abamemezeli besebenzisa ikhadi legama lomuntu siqu maqondana nemisebenzi yabo yenkonzo yasensimini, akufanele babhale kulo ukuthi bangabameleli beJehovah’s Witnesses of South Africa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela