lmihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
ISONTO ELIQALA NGONOVEMBER 6
INgoma 23
8 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezithathwe kuNkonzo Yethu YoMbuso. Gcizelela lezozaziso ezidinga ukunakekelwa ngokushesha, njengesipho sencwadi senyanga kanye noku-oda Ukuhlola ImiBhalo. Xoxa ngamaphuzu okukhulunyelwa akomagazini bamuva. Bonisa kafushane ukuhanjiswa kukamagazini okungase kusetshenziswe enkonzweni yasensimini kulelisonto.
17 imiz: “Ukusiza Abafuni BoMbuso.” Sicatshangelwe ngemibuzo nezimpendulo. Donsela ukunakekela emaphuzwini awusizo asencwadini Ukubonisana kanye nasekwazisweni okuku-Insight. Lapho nixoxa ngesigaba 5, yiba nomboniso omfushane wommemezeli esebenzisa izikhombo zencwadi Ukubonisana lapho ehambisa isipho. Futhi, bonisa indlela iSihloko Sengxoxo esingasetshenziswa ngayo. Qokomisa isidingo sokulungiselela.
20 imiz: Vusa Isithakazelo Sokuhambela Okulandelayo. Inkulumo nemiboniso. Kubalulekile ukuba sibe namasu kanye nomusa enkonzweni yethu. (1 Kor. 9: 19-23) Ukushiya umbono omuhle kungase kwenze ukuba kube nokwenzeka ngommemezeli olandelayo ohambelayo ukuba anikeze ubufakazi obugcwele ngokwengeziwe. Ngokuphakamisa umbuzo njengoba siphuma emnyango, singase sikwazi ukushukumisa ukucabanga komninikhaya ukuze abheke phambili ekuhambeleni okulandelayo. Angase afune ngisho nokuqhubeka nengxoxo yangalesosikhathi uma simbuza umbuzo ophathelene nendaba emthakazelisayo. Kuyoba kuhle ukusebenzisa izindaba ezitholakala encwadini Ukubonisana. Imibuzo enjengokuthi “Ingabe umuntu wayedalwe uNkulunkulu ukuba afe?” (rsZU k. 274), “Ingabe iplanethi enguMhlaba iyobhujiswa empini yenuzi?” (rsZU k. 364), “Iyini injongo yokuphila komuntu?” (rsZU k. 315), “Umuntu angazi kanjani ukuthi iyiphi inkolo eqondile?” (rsZU k. 106), nesithi “Kungani kunobubi obungaka?” (rsZU k. 227) noma nanoma imiphi eminye engase ifaneleke endaweni yakini ingakhethwa encwadini Ukubonisana. Yenza umboniso wokuphetha ekuhambeleni lapho kungaboniswanga sithakazelo khona. Njengoba ummemezeli ehamba, ubuza umbuzo, ephawula ukuthi uyokujabulela ukuwuphendula ngokuhambela kwesikhathi esizayo. Futhi, yenza umboniso ngendlela ummemezeli angasebenzisa ngayo incwadi Ukubonisana ukuba aphendule lapho umninikhaya ebuza umbuzo odinga impendulo. Usihlalo uphetha ngokukhulumela isidingo sokuzama ukuvusa isithakazelo ngokusebenzisa imibuzo eshukumisa ukucabanga.
INgoma 98 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGONOVEMBER 13
INgoma 204
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Hlanganisa nokukhulumela okukhuthazayo ngokubonga kweNhlangano iminikelo.
10 imiz: “Intsha Iyabuza . . . Ngingathuthuka Kanjani Ekwenzeni Ingxoxo?” Ingxoxo nabasha ababili noma abathathu abayisibonelo esekelwe kuPhaphama! kaJune 8, 1989, amakhasi 11-13. Kumelwe kugcizelelwe izindlela okungaqaliswa ngazo ingxoxo nabantu abadala kanye nabantu abasenkonzweni yasensimini. Kungenziwa umboniso omfushane obonisa ukusikisela okunikezwe kulezindawo.
15 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokusizana Ukuba Siqalise Izifundo ZeBhayibheli.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nemiboniso emibili yokusikisela isifundo seBhayibheli ngokuhambela kokuqala, kusetshenziswa izibonelo ezinikezwe ngaphansi kwesithi “Isifundo SeBhayibheli Sasekhaya” esisekhasini 11 lencwadi Ukubonisana.
10 imiz: “Ingabe Uyasabela Ezindleleni ZikaNkuIunkulu Ezilungile?” Inkulumo esekelwe kuNqabayokulinda, kaMarch 1, 1989, amakhasi 27-9, izigaba 13-23, egcizelela isidingo sokuba nombono oqondile nokuzimisela ukuba nengxenye egcwele emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi naphezu kobubi nokungalungi okwandayo.
INgoma 213 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGONOVEMBER 20
INgoma 144
10 imiz: Izaziso zebandla. Izindaba EzingokwaseZulwini. Yenza umboniso wokuhanjiswa okufanelekile komagazini bamuva.
15 imiz: Inkulumo yentshiseko ngomdala ofaneleka kahle ngesihloko esithi “Ukulungiselela Kusengaphambili.” Isisekelo salenkulumo sitholakala kumagazini weNqabayokulinda ka-April 1, 1979, amakhasi 18-19, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ungaphambukiswa!” Gcizelela ukulungiselela okuhle futhi hhayi “ukulungiselela izinkanuko zenyama.”—Roma 13: 14, NW.
20 imiz: “Ukulungiselela Inkonzo Yobuphayona Obusizayo Kusengaphambili.” Ihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Esigabeni 5, hlanganisa ingxoxo nomuntu oyedwa noma ababili abaye basebenzisa okunye kokusikisela okushiwo esihlokweni. Yenza umboniso ngendlela iphayona elinokuhlangenwe nakho elingasiza ngayo ummemezeli oshisekayo ukuba azenzele isimiso sakhe siqu sokuphayona.
INgoma 123 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGONOVEMBER 27
INgoma 172
10 imiz: Izaziso zebandla. IBhokisi Lemibuzo. Yisho kafushane amalungiselelo enkonzo yasensimini ngalempelasonto futhi ukhuthaze bonke ukuba bahlanganyele.
20 imiz: “Sizani Abantwana Bazuze EMhlanganweni.” Imibuzo nezimpendulo. Sebenzisa imizuzu eyisishiyagalombili yokugcina ukuba uxoxe ngamaphuzu ayisihluthulelo neqembu labantu abasha abathathu noma abane abayisibonelo. Baye bazuza kanjani ezimisweni zomhlangano? Abazali babo noma abanye baye babasiza kanjani ukuba bazuze? Yini abayenzayo ukuze bagweme ukuphazamiseka phakathi nezingxenye zesimiso somhlangano? Yini abaye bayijabulela kakhulu emihlanganweni?
15 imiz: Izidingo zebandla noma inkulumo esekelwe esihlokweni esithi “Ungagudluza Izintaba!” esikuNqabayokulinda kaDecember 15, 1988, amakhasi 25-27.
INgoma 129 nomthandazo wokuphetha.