Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/89 k. 8
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ushintsho Emihlanganweni Yaphakathi Nesonto
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Isimiso Esisha Semihlangano Yebandla
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • ‘Khumbulani Abaholayo Phakathi Kwenu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 9/89 k. 8

IBhokisi Lemibuzo

● Obani okumelwe basingathe izaziso zoMhlangano Wenkonzo?

Injongo yalengxenye yoMhlangano Wenkonzo iwukwazisa ibandla ngemininingwane ebalulekile ekufezeni inkonzo esiyabelwe. Ezinye izaziso ziyisikhumbuzo futhi ziyefana masonto onke. Nokho, zonke izaziso kumelwe zishiwo ngokucacile. Azikho okumelwe zinikezwe ngokunganaki noma zithathwe kalula njengento evamile.

Isimo sezinye izaziso singase sidinge ukuba zinikezwe umdala. Noma nini lapho kunjalo, kuyoba umthwalo wemfanelo wombonisi owengamele ukuhlela ukuba umzalwane ofaneleka kahle anikeze lokhu kwaziswa, ngisho nakuba omunye umzalwane eyobe esingatha ezinye izaziso ezisesimisweni.

Lapho incwadi enokwaziswa kwebandla ihlanganisa nokunye ukwaziswa okuqondiswe kubadala kuphela, umdala ofanele anikeze ukwaziswa okusebenzayo ebandleni. Ezinye izincwadi ezivela eNhlanganweni ezinesiqondiso esithile ngebandla kungase kube ngcono kakhulu ukuba zifundwe umdala ofanelekayo. Izincwadi ezinjalo kungenzeka ziphathelane nemikhankaso ekhethekile yokubhalwa kwezincwadi ngenxa yabazalwane bethu abashushiswayo. Ezinye izincwadi zingase zibe nokwaziswa okunemininingwane ngokuphathelene nemisebenzi engokwasezulwini yesikhathi esizayo, enjengokuhambela kombonisi wesifunda, imihlangano emincane nemikhulu.

Kungase kube khona izikhathi lapho kumelwe kwenziwe isaziso esibalulekile esiphathelene nenhlalakahle yebandla, futhi lokho kwaziswa kumelwe kunikezwe ngokucacile. Izaziso ezinjalo kuyoba ngcono kakhulu ukuba zenziwe umdala.

Kungakhathaliseki ukuthi izaziso zenziwa abadala noma izinceku ezikhonzayo, kumelwe zinikezwe ngokucacile nangokuqondakalayo. Ukulandela leziqondiso kuyoqinisekisa ukunikezwa kahle kweziyalezo ebandleni ukuze bonke baqhubekele phambili ngobunye.​—IHu. 133:1; 1 Kor. 14:8, 9, 40.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela