Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/89 k. 2
  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • ISONTO ELIQALA NGOSEPTEMBER 4
  • ISONTO ELIQALA NGOSEPTEMBER 11
  • ISONTO ELIQALA NGOSEPTEMBER 18
  • ISONTO ELIQALA NGOSEPTEMBER 25
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 9/89 k. 2

Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

ISONTO ELIQALA NGOSEPTEMBER 4

INgoma 154

7 imiz: Izaziso zebandla nezaziso ezifanelekile ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza umsebenzi kamagazini ngoMgqibelo. Sikisela amaphuzu afanelekile okukhulunyelwa avela komagazini bamuva njengoba isikhathi sivuma.

18 imiz: “Siza Abanye Ukuba Bazise UMdali Wethu Ophakeme.” Ingxoxo yokwaziswa ngemibuzo nezimpendulo. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 4, yiba nommemezeli enza umboniso wokusetshenziswa kweSihloko Sengxoxo. Sebenzisa imifanekiso namazwi ayichazayo asemakhasini 69 no-70 lapho uhambisa incwadi Ungaphila Phakade. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele ekuhambiseni incwadi Ungaphila Phakade kulenyanga.

20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle​—Ngokufakaza Ngesibindi Ensimini Yamabhizinisi.” Ingxoxo ngokwaziswa yemibuzo nezimpendulo ngombonisi wenkonzo. Khuthaza ukuhlanganyela ngokwengeziwe ekufinyeleleni osomabhizinisi ensimini. Ngemva kokucabangela izigaba 6 no-7, bonisa ukuhanjiswa kukamagazini nencwadi iCreation noma ethi Ungaphila Phakade ensimini yamabhizinisi. Uma ibandla lingenayo insimu yamabhizinisi, xoxa ngendlela insimu yebandla engahlanganiswa ngayo ngokuphelele futhi ubonise indlela isipho senyanga esingahanjiswa ngayo.

INgoma 92 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOSEPTEMBER 11

INgoma 211

8 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Phawula ngokubongwa kweminikelo. Tusa abazalwane ngokuphaphamela izidingo ezingokwezimali zebandla nezomsebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke. Yazisa ngamalungiselelo enkonzo yasensimini.

12 imiz: “Ukubonakalisa Ukholo Ngemisebenzi Emihle.” Ukuhlanganiswa kwezigaba 1-6 ngemibuzo nezimpendulo.

15 imiz: Intuthuko Yebandla Lethu. Unobhala uxoxa nebandla ngomsebenzi walo phakathi nonyaka wenkonzo odlule. Qhathanisa amanani phakathi neminyaka emibili edlule njengoba ibikwe efomini Lombiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10). Phawula lapho kwenziwe khona intuthuko nalokho okudinga ukunakekelwa. Bukeza ukusikisela okwenziwa umbonisi wesifunda.

10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Umbonisi owengamele uyoyisingatha ngokuyihlanganisa ngemibuzo nezimpendulo. Qokomisa izizathu zokunikeza ukwaziswa okuvela eNhlanganweni ngokucacile nangokuqondakalayo.

INgoma 128 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOSEPTEMBER 18

INgoma 133

12 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa ngezethulo ezifanelekayo ezivela encwadini Ukubonisana ezingasetshenziswa endaweni kanye neSihloko Sengxoxo esisikiselwe. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele ekufakazeni ngomagazini kuloMgqibelo. Qokomisa Izindaba EzingokwaseZulwini njengoba isikhathi sivuma.

15 imiz: “Ukubonakalisa Ukholo Ngemisebenzi Emihle.” Ukuhlanganiswa kwezigaba 7-16 ngemibuzo nezimpendulo.

18 imiz: “ISihloko Sengxoxo.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Xoxa namaphayona amabili, uwabuze ukuthi iziphi izihloko aye azisebenzisa ngokuphumelelayo ensimini yebandla. Bonisa indlela yokuhambisa incwadi Ungaphila Phakade njengoba kusikiselwe esigabeni 5 salesihloko. Khuthaza ibandla ngemfudumalo ukuba lisekele ngokugcwele ithuba lokugcina lokusebenza insimu engabelwe ngo-October. Chaza kafushane ngamalungiselelo.

INgoma 156 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOSEPTEMBER 25

INgoma 20

12 imiz: Izaziso zebandla, ukucatshangelwa kwetekisi losuku, kanye nengxoxo ngesithi “Indlela Yokubheka Amakhasethi Angewona AweNhlangano.” Donsela ukunakekela emalungiselelweni angempelasonto enkonzo yasensimini. Phawula kafushane isipho sango-October kanye neSihloko Sengxoxo esisha.

18 imiz: “Ukuthola Injabulo Ngokuhambisa Omagazini Abengeziwe.” Imibuzo nezimpendulo. Qhathanisa isilinganiso sokuhanjiswa komagazini sebandla kanye nenani elamukelwa ezinyangeni eziyisithupha ezidlule. Lapho nicabangela isigaba 6, yiba namaphayona amabili exoxa ngamaphuzu asemqoka ambalwa avela esenezelweni seNkonzo Yethu YoMbuso kaMay 1984. Amaphayona kumelwe ashintshane ngokuhambisa umagazini ngemizuzwana engama-30 kuya kwengama-60. Njengoba isikhathi sivuma, xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abenza kahle kakhulu ekuhambiseni omagazini. Kwenze kuvumelane nezidingo zebandla.

15 imiz: Lungiselela Kahle Inkonzo Yasensimini. Ingxoxo ngomdala ophumelelayo enkonzweni yasensimini. Xoxa ngabase-Efesu 6:18, 19, ubonisa ukuthi uPawulu wacela abazalwane ukuba bathandazele ukuba anikezwe ikhono lokukhuluma. Nathi ngokufanayo sidinga ukuzithandazela futhi sithandazele nabanye. Xoxa ngesidingo sokwenza isimiso sokulungiselela, kokubili njengabantu ngabanye nanjengamaqembu omkhaya. (1 Kor. 14:40) Abanye baye benza isikhathi sokulungiselela ngokoqobo nabamemezeli abasha. Khona-ke, lapho besebenza nalabamemezeli abasha enkonzweni yasensimini, baxoxa ngezimo ezihlukahlukene abahlangabezana nazo. (sgZU k. 39 isig. 3; qm izifundo 44, 45) Sebenzisa incwadi Ukubonisana ekuxoxeni ngezethulo ezifanela insimu yebandla kanye nezindlela zokusingatha abafuna ukuvimba ingxoxo okuhlangatshezwana nabo kaningi. Uma unobunzima ngesici esithile senkonzo, hlela ukusebenza nabamemezeli kanye namaphayona anokuhlangenwe nakho, ubuze ngokuqondile ngesici odinga usizo kuso. Kuyinjabulo ukulungiselela ukukhonza uJehova ensimini. Sonke simatasa futhi singase sikuthole kunzima ukubekela isikhathi eceleni, kodwa ngisho nemizuzu embalwa esetshenziswe kahle iyophumela entuthukweni enkulu. Khuthaza bonke ukuba bayilungiselele kahle inkonzo yabo.

INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela