Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/89 k. 2
  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 3
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 10
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 17
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 24
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 31
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 7/89 k. 2

Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

ISONTO ELIQALA NGOJULY 3

INgoma 43

10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethwe kuNkonzo Yethu YoMbuso. Khuthaza labo abacabanga ngokuba amaphayona avamile ngoSeptember ukuba bagcwalise izicelo futhi baziyise kubadala ukuze bazihlole kusasele izinsuku ezingama-30, uma kunokwenzeka. Bonisa kafushane ukuhanjiswa komagazini abasetshenziswayo, futhi ukhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ekufakazeni ngomagazini ngoMgqibelo wesibili.

20 imiz: “Ukukhonza Ngenhliziyo Epheleleyo.” Inkulumo nengxoxo ngesihloko ngemibuzo. Hlanganisa nomboniso wokuhambisa isipho sencwajana sikaJuly lapho nixoxa ngesigaba 4.

15 imiz: Ingxoxo nezilaleli ngemibuzo evela esihlokweni esithi “Ingabe Uyakhumbula?” kuyiNqabayokulinda ka-April 15, 1989.

INgoma 128 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOJULY 10

INgoma 151

10 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Izincwadi ezibonga iminikelo.

20 imiz: “Sebenzisa Wonke Amathuba Okufakaza​—Ingxenye 2.” Ukucatshangelwa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nihlanganisa isigaba 4 hlanganisa nokuhlanganwe nakho kwebandla lakini nomboniso omfushane wokufakaza ngokwethukela.

15 imiz: Inkulumo esekelwe esihlokweni esithi “Ukuzibusa,” emakhasini 336-40 encwadini Ukubonisana. Qokomisa ukuncika kwethu kuJehova nomphumela oyinhlekelele wokulandela indlela yokuzibusa. Yivumelanise nezidingo zebandla.

INgoma 63 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOJULY 17

INgoma 183

10 imiz: Izaziso zebandla. Bukeza izici ezivelele zombiko wenkonzo ka-April. Tusa ibandla ngalokho elikufezile ensimini yalo. Khuthaza bonke ukuba bahlanganyele emsebenzini kamagazini ngoMgqibelo wesine wenyanga.

20 imiz: “Imihlangano Izuzisa Abantwana Bethu.” Ukucatshangelwa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Sebenzisa imizuzu embalwa ekugcineni kwengxenye ukuze uxoxe nabazali abayisibonelo nabantwana abaye basebenzisa ukusikisela okusesihlokweni. Buza abazali indlela abaye baqala ngayo ukusiza abantwana babo ukuba balungiselele imihlangano, lokho abakwenzayo manje ukuze babasize, nezinzuzo zomuntu siqu abaye bazithola ngenxa yalokho.

15 imiz: “Kudingeka Izisebenzi Ezengeziwe EBethel!” Ukucatshangelwa kwesihloko ngentshiseko ngemibuzo nezimpendulo. Mema kokubili abazali nezinsizwa ezingakashadi ukuba basicabangele ngokungathi sina isidingo esiphuthumayo sezisebenzi ezengeziwe zokuzithandela eBethel. Labo abangasabela obizweni kufanele babhalele iNhlangano ngokushesha bacele ifomu lesicelo.

INgoma 65 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOJULY 24

INgoma 130

15 imiz: Izaziso zebandla, kuhlanganise namalungiselelo enkonzo yasensimini.

10 imiz: Umbonisi wenkonzo uxoxa ngemihlangano yenkonzo. Cabangela iphuzu lokuthi lemihlangano kufanele ibe mifushane futhi ngokuyinhloko ngenjongo yokuhlela amaqembu. Ikuphi ukulungiselela okudingekayo? Yini abamemezeli abangayenza ukuze babe nengxenye ekubeni lemihlangano ibe ngephumelelayo? Buzeka kafushane iBhokisi Lemibuzo kuyiNkonzo Yethu YoMbuso kaFebruary 1989, isihloko esithi “Imihlangano Yenkonzo Ewusizo Ngokwengeziwe” kuyiNkonzo Yethu YoMbuso kaFebruary 1979, neBhokisi Lemibuzo kuyiNkonzo Yethu YoMbuso kaJuly 1967.

15 imiz: Ukubukezwa kwamalungiselelo ensimu engabelwe umbonisi owengamele. Umgomo weNhlangano uwukuyihlanganisa ngangokunokwenzeka insimu yethu engabelwe kulonyaka. Bukeza incwadi kaMay 1,1989 namalungiselelo ebandla, izincwadi ezizohanjiswa, namalungiselelo enziwe ezinto zokuhamba nezindawo zokulala. Cela ukusekela okugcwele ezinyangeni ezintathu ezizayo.

15 imiz: Abesifazane AbangamaKristu​—Amalungu Ahlonishwayo Nahloniphekayo Ebandla. Inkulumo ngomdala evela encwadini Ukubonisana, emakhasini 30-4. Tusa odade ngokubambelela endimeni yabo abayimiselwe eBhayibhelini.

INgoma 82 nomthandazo wokuphetha

ISONTO ELIQALA NGOJULY 31

INgoma 192

8 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa ngamaphuzu athakazelisayo komagazini abasetshenziswayo. Phetha ngokukhuthaza ibandla ukuba lisekele amalungiselelo enkonzo yasensimini eSonto lokuqala lenyanga.

15 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle​—Usebenzisa Umbiko Wendlu Ngendlu.” Imibuzo nezimpendulo. Funda izigaba uma isikhathi sivuma. Chaza indlela efanelekile yokusebenzisa imibiko yendlu ngendlu kokubili yabangekho emakhaya neyezimpindelo. Bukeza nezilaleli ukwaziswa okufanele kubhalwe kulemibiko, futhi uchaze ukuthi ngani. Gcizelela ukugcina umbhalo wabangekho emakhaya ngisho nasensimini engasetshenzwa njalo. Khumbuza bonke ukuba babe nombiko wendlu ngendlu uma besensimini.

12 imiz: Ukuqalisa Izifundo ZeBhayibheli Ngezincwajana. Ingxoxo. Akwanele ukuhambisa izincwajana kuphela. Izifundo zeBhayibheli kumelwe ziqhutshwe ukuze kugcwaliswe umgomo wethu wokwenza abafundi. Bonisa izilaleli ukuthi izifundo zingaqaliswa kanjani ngokusebenzisa izincwajana. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986, ikhasi 8.) Yenza umboniso wendlela yokuqalisa izifundo ngezincwajana. Xoxa nabamemezeli abaye baphumelela ekuqaliseni izifundo ngezincwajana. Noma ulandise ngokuhlanganwe nakho okutholakala kuyiYearbook ka-1986, amakhasi 11-13, nakuyiYearbook ka-1987, ikhasi 48. Gcizelela isingeniso esiqondile sabamemezeli nemiphumela emihle abaye baba nayo.

10 imiz: Ukufunda Emifanekisweni Esekhalendeni ElingokwaseZulwini. Inkulumo. Sebenzisa isihloko seNqabayokulinda kaJuly 1,1989, esithi “‘Maye Kuwe Korazini!’​—Ngani?” kanye nekhalenda lika-1989 ukuze uqokomise inzuzo yokusebenzisa umfanekiso wekhalenda ohambisana naso lapho ufunda. Khumbuza abazalwane ngezihloko ezihambisana nayo ezihlokweni zeNqabayokulinda kaJanuary 1, March 15, noMay 1, 1989. Ngokushesha sizo-oda ikhalenda lika-1990, eliyobonisa imifanekiso eyengeziwe eyiziyalo evela emazweni eBhayibheli.

INgoma 32 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela