Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 3
INgoma 53
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethwe kuNkonzo Yethu YoMbuso. Qokomisa amaphuzu ayisihluthulelo kwesithi “Lungiselela Ukubukeza Okulotshwayo.” Khuthaza bonke ukuba bahambise omagazini bamuva kuloMgqibelo, besebenzisa isigijimi esinomfutho esimelene neBabiloni Elikhulu. Bonisa izembozo ezikhangayo zomagazini okumelwe bahanjiswe futhi ukhulumele kafushane lokho abakuqukethe. Yazisa ngamalungiselelo okufakaza ngamaqembu ngeSonto.
15 imiz: “Siza Abanhliziyo Ziqotho Babaleke EBabiloni Elikhulu.” Ihlanganiswa umbonisi owengamele ngemibuzo nezimpendulo.
20 imiz: Siza Abasha Nabapholile. Umdala uxoxa ngesidingo sokusiza abapholile nabanye abadinga isikhuthazo. Yini ibandla elingayenza ukuze lisize? Qokomisa isidingo sokuba bonke babambisane ngokuseduze ekukhuthazeni asebepholile nasekuqiniseni abanye. (Heb. 6:1-3) Kubalulekile uma sizohlanganyela ‘ekufezeni inkonzo yethu ngokugcwele.’ (2 Thim. 4:5, NW) Bonisa indlela usizo olunganikezwa ngayo ngeSifundo Sencwadi Sebandla. Hlola i-Index ukuze uthole ukusikisela okuwusizo okusebenzayo ebandleni.
INgoma 20 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 10
INgoma 8
8 imiz: Yamukela ngemfudumalo abakhona kulomhlangano. Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Khulumela kafushane omagazini bamuva abahanjiswa kuloMgqibelo.
23 imiz: “Nakekelisisa Ukuhleleka Komuntu Siqu.” Umdala kufanele ahlanganise ukwaziswa okusesenezelweni ngengxoxo nezilaleli. Kufanele abuze imibuzo ewusizo ezoveza indlela abazalwane abangasebenzisa ngayo ukusikisela ukuze bathuthukise ukuhleleka kwabo siqu. Futhi, cela ukukhulumela ngalokho abakwenzayo ukuze basebenzise isikhathi sabo ngokunenzuzo.
14 imiz: “Ukusebenzisa Ngokugcwele Izikhali Zethu Zokuzivikela.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo ngesihloko. Gcizelela indlela esisebenza ngayo ebandleni lakini.
INgoma 136 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 17
INgoma 30
12 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa ngesithi “Izikhokhelo.” Yenza umboniso ngezindlela ezimfushane ezimbili ezifanelekile zokuhanjiswa komagazini ezingasetshenziswa abamemezeli kuloMgqibelo.
15 imiz: Ukuqinisa Ukholo Lwethu. Xoxa nezilaleli ngokwanda komhlaba wonke kanye nokuhlangenwe nakho okuvela kuYearbook ka-1989 lokho ngokukhethekile okungaqinisa ukholo lwebandla lakini. Bheka amakhasi asikiselwayo anjengo-11-13, 42-3, 47, 49, 52-3, 82-3, 121-2, 127-9.
18 imiz: “Vuselela Intshiseko Ngokusebenzisa Ukusikisela KweNqabayokulinda.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Lapho nixoxa ngezigaba 4-6, bukeza ukusikisela okwanikezwa emakhasini 16-20 eNqabayokulinda kaJuly 15, 1988. Khetha futhi uqokomise okukodwa noma okubili kwalokho okushiwo esihlokweni seNqabayokulinda okungaba usizo kakhulu ensimini yebandla. Yenza umboniso wokusetshenziswa kokusikisela okunikezwe kumagazini.
INgoma 64 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGOAPRIL 24
INgoma 200
10 imiz: Izaziso zebandla. Yenza umboniso omfushane wokuhanjiswa komagazini bamuva abazohanjiswa kulempelasonto. Kumagazini ngamunye qokomisa izihloko ezingase zikhange kakhulu endaweni yakini. Khuthaza ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini kulempelasonto.
20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngokusebenzisa Incwadi Ukubonisana Ngokugcwele.” Imibuzo nezimpendulo. Yenza umboniso ngesethulo esiqokonyiswe esigabeni 3 nokusikisela kokunqoba ofuna ukuvimba ingxoxo okushiwo esigabeni 4.
15 imiz: Izidingo zebandla. Noma inkulumo ngesithi “Kungani Kumelwe Sesabe UNkulunkulu?” esisekelwe esihlokweni esikuNqabayokulinda kaJanuary 1, 1989, amakhasi 29-30.
INgoma 193 nomthandazo wokuphetha.