Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/89 kk. 1-7
  • Siza Abanhliziyo Ziqotho Babaleke EBabiloni Elikhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abanhliziyo Ziqotho Babaleke EBabiloni Elikhulu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • SIZA ABASHA
  • UKUHLANGABEZANA NEZIMFUNEKO
  • U-April—Isikhathi ‘Sokusebenza Kanzima Nesokuzikhandla’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • IBabiloni Elikhulu—Liwile Futhi Lahlulelwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ingabe UApril Uzoba Inyanga Ekhethekile Kuwe?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Inkolo Yamanga—Ukuphela Kwayo Okuphawulekayo Kubonwa Kusengaphambili
    Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 4/89 kk. 1-7

Siza Abanhliziyo Ziqotho Babaleke EBabiloni Elikhulu

1 Isixwayiso esinamandla esibhalwe kusAmbulo 18:4 siphuthuma ngokwengeziwe uma kubhekwa izikhathi zethu. Kuye kwasuswa noma yikuphi ukungabaza ngokuphathelene nokuthi iBabiloni Elikhulu lingubani ngempela. Lidalulwé ngokucacile njengombuso wezwe wenkolo yamanga osetshenziswa uSathane ukuba alwe nenzalo ‘yowesifazane’ kaNkulunkulu.

2 Ukuqhubeka ekulo kwenza umuntu abe umhlanganyeli wezono zalo. Nokho, kudingeka okwengeziwe kunokumane nje ushiye inkolo yamanga. Akekho noyedwa ongahlala enganaki ngokuphathelene nokukhulekela kweqiniso bese elindela ukwamukela izibusiso zikaJehova. Labo ababaleka eBabiloni kumelwe batadishe iZwi likaNkulunkulu, bahlanganyele ekumemezeleni izindaba ezinhle, futhi babe izikhonzi zikaNkulunkulu ezizinikezele nezibhapathiziwe.

3 Ingabe bonke ababekhona eSikhumbuzweni ngoMarch 22 bayakuzwa ukuphuthuma kokuphuma eBabiloni nokuba izinceku zikaJehova ezizinikezele ngokuphelele? Kumelwe sisize noma yibaphi abanqikazayo ukuba bathathe ukuma kwabo ngakuJehova. (Jak. 1:8; 4:8) Yenza umzamo okhethekile wokuba ubanikeze omagazini abanomfutho beNqabayokulinda ka-April noMay. Basize ukuba baqaphele ukuthi njengoba isikhathi esisele sesinciphile, kunesidingo esiphuthumayo ngabo ukuba bathathe ukuma kwabo manje.—Math. 12:30.

SIZA ABASHA

4 Njengoba umkhosi weSikhumbuzo usemusha ezingqondweni zethu, uApril uyisikhathi esifanelekile sokusiza abasha ukuba baqaphele ukuthi ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini kuyindlela enhle kakhulu yokubonisa ukuthi bawazisa ngokufanelekile umhlatshelo kaJesu. Yebo, kuyindlela edingekile yokubonisa ukuthi sikwazisa kangakanani lokho uJehova neNdodana yakhe, uJesu, abasenzele khona!

5 Ingabe uqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya unombono wokulungiselela abafundi ukuya enkonzweni yasensimini? Badinga usizo oluqhubekayo nesikhuthazo ukuze bahlakulele ukwazisa ngalomthwalo wemfanelo wobuKristu. Chazela abafundi bakho ngokubaluleka kwenkonzo yasensimini, futhi ubabonise indlela eyenziwa ngayo. Incwajana ethi OFakazi Benza Intando KaNkulunkulu uyoyithola iwusizo kulokhu.

UKUHLANGABEZANA NEZIMFUNEKO

6 Lapho umfundi weBhayibheli esenze intuthuko edingekayo futhi ebonisa isifiso sokusiza ekugcwaliseni uMathewu 24:14, kuyoba okuzuzisayo ukubukeza lokho okushiwo emakhasini 98 no-99 encwadi ethi Ukuhlelelwa. Kumelwe akwazi ukukufanelekela ‘ukuba oqondisa kahle izwi leqiniso.’ (2 Thim. 2:15) Ungammemi ukuba aqale ukuhamba nawe enkonzweni yasensimini kuze kube yilapho abadala sebekugunyazile ukuhlanganyela kwakhe. Uma usubona ukuthi uyahlangabezana nezimfuneko ezingokomBhalo nezingokwenhlangano, yazisa umbonisi owengamele ngentuthuko yakhe. Uma abadala behlangana nomunye wabafundi bakho beBhayibheli ngoApril futhi begunyaza ukuhlanganyela kwakhe enkonzweni yasensimini, mfundise indlela yokuhambisa isikhokhelo seNqabayokulinda, futhi uqale ukumqeqeshela inkonzo yendlu ngendlu.—Bheka INqabayokulinda kaNovember 15, 1988, amakhasi 16-17, izigaba 7-10.

7 IBabiloni Elikhulu liqonde ekubhujisweni ngokuphelele! Ngaphambi kokuba lokho kwenzeke, kudingeka sisize abanhliziyo ziqotho ukuba babaleke ezidladleni zalo futhi beze enhlanganweni kaJehova. Izigidi sezisiziwe kakade ukuba zikwenze lokhu. Uma kuyintando kaJehova, kusengasizwa abaningi ngokwengeziwe ukuba babaleke baphume kulo iBabiloni njengoba ebusisa umzamo wethu wentshiseko wokuthola nokunakekela abanhliziyo ziqotho ensimini yethu.—Jer. 50:8.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela