Ukukhonza Lapho Indingeko Inkulu Khona
Kudingeka abadala nezinceku ezikhonzayo abanemikhaya eqinile ngokomoya ezindaweni ezilandelayo:
ENtilasivali: EAmsterdam, eCarolina, eDriefontein (ngaseIswepe), eDullstroom, eFigtree, eSkukuza, eWaterval Boven.
ENatali: EBesters, eBlaauwbosch, eBurford, eDlebe, eDoornhoek, eGlencoe, eMaidstone, eMhlathuzana, eMhlekazi, eSteadville.
ESwazini: EMlindazwe, eHluti, eMambane, eMooihoek.
Kudingeka amaphayona ezindaweni ezilandelayo:
ENtilasivali: EAmersfoort, eBelfast, eBraneamburg (ngaseBadplaas), eDaggakraal (ngaseVlakpoort), eDullstroom, eNsilingwane (ngasePiet Retief), eSkukuza.
ENatali: EMatiwane (ngase-Elandslaagte), eMsinga (ngaseTugela Ferry), eMvunyane (ngaseVryheid), eNdwedwe, eThembalihle (ngaseJozini).
ESwazini: EHluti, eMbekelweni, eNgonini.
Abadala, izinceku ezikhonzayo namaphayona avamile akhiqizayo bayadingeka futhi kokubili emasimini amaTsonga namaVenda enyakatho neNtilasivali.