Izindaba Ezingokwasezulwini
◆ Sisanda kuqeda omunye unyaka ophumelelayo ekwakhiweni kwamaHholo oMbuso. Kusukela ngoSeptember kuya kuDecember, kwanikezelwa amaHholo oMbuso ayisishiyagalombili ensimini yabaNsundu namabili ensimini yamaKhaladi. Lamabandla namanye angomakhelwane asebenza kanzima ukuze akhe amaHholo awo oMbuso ngokushesha ngangokunokwenzeka, ngezinye izikhathi ngezindleko eziphansi. Siyayazisa iminikelo eye yenziwa abaningi. Ingabe sikhona isakhiwo seHholo LoMbuso osaziyo endaweni yakini? Ingabe ubungathanda ukusekela ngandlela-thile? Noma yiluphi usizo okwazi ukulunikeza luyobe luwukuthuthukiswa komsebenzi woMbuso.
◆ Abekho abazalwane ababulawa noma abalinyazwa ngokungathi sína eJamaica isiPhepho uGilbert. Kuye kwathunyelwa izimpahla ukuba kusizwe labo abaye balahlekelwa izinto ezibonakalayo. Abazalwane abaseziQhingini zaseCayman abalahlekelwanga kakhulu.
◆ IArgentina yaphetha unyaka wenkonzo ngenani elisha labamemezeli abayizi-71 774. Kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli eziyizi-88 015 phakathi noAugust.