Memezela Izindaba Ezinhle Nsuku Zonke
1 Yeka ukuthi kuyilungelo elijabulisa kanjani ukuhlanganyela njalo ekumemezeleni isigijimi sombuso! Yeka ukuthi sibusiseke ngokucebe kangakanani ngokufakaza ngalesigijimi kwabanye! Njengoba sihlanganyela lesigijimi nabanye, ukholo lwethu siqu nentshiseko kuyaqiniswa. Izinhliziyo zethu ziyajabula njengoba silalela iseluleko ‘sokuhlabelela kuJehova, sibonge igama lakhe.’—IHu. 96:2-4.
2 Ingabe ukwenza umgomo wakho ukukhuluma nsuku zonke ngesigijimi sensindiso? Labo abangenela umsebenzi wobuphayona obusizayo noma obuvamile, ngokuvamile bahlanganyela nsuku zonke ekukhulumeni ngezindaba ezinhle. Ingabe ungakwenza lokhu? Uma ungeke, ingabe okungenani ungaba nengxenye ethile, ngisho nencane yokufakaza ngokwethukela usuku ngalunye? Yeka ukumenyezelwa okukhulu kodumo lukaJehova obekuyophumela kukho uma sonke besingakwenza lokhu! Uyobona injabulo enkulu kaJehova nezinye izibusiso eziningi ezicebile njengoba umemezela ithemba loMbuso usuku ngalunye.
3 Lapho amalungu omkhaya esebenza ndawonye ngobunye ‘ekuletheni inkazimulo namandla’ kuJehova, kungajatshulelwa izibusiso eziningi ezicebile. (IHu. 96:7) Kokubili izibopho zomkhaya nezingokomoya ziyaqiniswa uma kuhlelwa isikhathi sokusebenza enkonzweni njengomkhaya.
SEBENZISA INCWADI ETHI UNGAPHILA PHAKADE
4 Phakathi noSeptember siyobe sihambisa incwadi ethi Ungaphila Phakade, kokubili evamile nencane. Abantu bakhathazekile ngokuphila kwansuku zonke futhi balangazelela ikusasa elijabulisayo. Abantu abanhliziyo-ziqotho bayakujabulela ukuzwa ngethemba lokuphila isikhathi eside zingekho izinkinga ezivame kakhulu esintwini namuhla. Ulwazi oluqondile lwalelithemba, nokholo oluzoba into engokoqobo ngokushesha, kufanele kusishukumisele esenzweni esiqondile lapho sishumayela ngesigijimi soMbuso.
5 Kucabangele ngomthandazo kusengaphambili lokho ozokusho ukuze wenze intshumayelo yakho ikhange. Ngemva kokuzethula, ungasho okufana nalokhu: “Hlobo luni lwekusasa obungathanda ukuba nalo wena nomkhaya wakho? [Lindela impendulo.] Sonke siyakuthanda ukuphila futhi sinesifiso sokuphila isikhathi eside ngangokunokwenzeka. Nokho, kuvela izinkinga eziningi futhi zibonakala zisongela khona kanye ukuphila kwethu. Ngenxa yalesisizathu ungase ube nesithakazelo sokufunda isigijimi seBhayibheli sekusasa elikhazimulayo nendlela ongabhekana ngayo nezinkathazo zokuphila.” Kuleliqophelo ungaqokomisa imibhalo eseSihlokweni Sengxoxo esisisebenzisayo. Sebenzisa amaphuzu engxoxo aqondile anjengalawo asemakhasini 9, 11-13, 161, no-162 encwadini ethi Ungaphila Phakade, ukuze ugcizelele ikusasa elikhazimulayo elisengaphambili.
6 Yeka isigijimi esijabulisayo nesiqinisa ukholo uJehova aye wasinikeza sona ukuba sisimemezele! Sinelungelo elikhulu futhi lokusebenza ngokuseduze nabanye abanokwazisa okujulile ngezithembiso ezinhle zikaJehova. Njengoba umsebenzi esiwenzayo manje ungasoze waphindwa futhi uzophela ngokushesha, akumelwe yini sisebenzise isikhathi esinaso namandla ekukhulumeni ngezindaba ezinhle zensindiso usuku ngalunye?