Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 3 k. 3
  • Asikwazi Ukubalekela Ukufa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Asikwazi Ukubalekela Ukufa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OFakazi BakaJehova—INhlangano Efeza Okushiwo Yigama Layo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • I-video Okufanele Siyicabangele Ngokujulile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Singaphila Isikhathi Eside Kangakanani?
    I-Phaphama!—1990
  • Umphumela Wama-video Anikeza Ubufakazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 3 k. 3
Izithombe zokuphila kowesifazane lapho eseyingane, lapho efunda ukudlala upiyano, lapho ephethe izimbali, ngosuku lwakhe lomshado, lapho enomyeni wakhe nendodana, lapho enomyeni wakhe sebekhulile, lapho edlala upiyano, manje useyedwa

Asikwazi Ukubalekela Ukufa

AWUZICABANGE ubuka ividiyo ethile ekhuluma ngosaziwayo omthandayo. Uqale avezwe esemncane esafunda umculo futhi eprakthiza njalo. Ube esevela ehamba amakhonsathi, eya kwamanye amazwe futhi eseqala ukwaziwa emhlabeni wonke. Kuthi kusenjalo kube sekuvela izithombe zakhe esekhulile, bese ividiyo iyaphela lapho eseshonile.

Lena yindaba yangempela echaza ukuphila komuntu osewashona. Kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu ubewumculi, usosayensi, umgijimi noma omunye usaziwayo, le ndaba ibizoba nesiphetho esifanayo. Kungenzeka ukuthi kuningi lo muntu akwenza esaphila, kodwa awuzibuzi yini ukuthi kungakanani ayesengakwenza ukube wayengeke aguge bese eyafa.

Iqiniso elibuhlungu ukuthi sonke sizoguga futhi sizofa. (UmShumayeli 9:5) Ngisho noma singazama kanjani, asikwazi ukukubalekela lokho. Kanti singafa ngokungalindelekile ngenxa yengozi noma yokugula. Njengoba iBhayibheli lisho, sifana nenkungu “ebonakala isikhashana bese inyamalala.”—Jakobe 4:14.

Abanye abantu babona ukuphila kungaqinisekile kangangokuthi bathi “masidle siphuze, ngoba kusasa sizokufa.” (1 Korinte 15:32) Kodwa abantu abanombono onjalo bamane babonisa ukuthi abanalo ithemba ngekusasa. Nawe kungenzeka ngokuhamba kwesikhathi uzibuze, ‘Ingabe yilokhu nje esasidalelwe kona?’ Ungayitholaphi impendulo?

Abanye banethemba lokuthi isayensi ingabanikeza impendulo. Ososayensi nodokotela baye bathola izindlela zokusiza abantu bakwazi ukuphila isikhathi eside. Namanje basazama ukusandisa nakakhulu isikhathi esisiphilayo. Kungakhathaliseki ukuthi bayaphumelela noma cha, kusenemibuzo esalokhu imile: Kungani siguga futhi sifa? Likhona yini ithemba lokuthi ukufa kuyoke kuqedwe? Izihloko ezilandelayo zizoxoxa ngale ndaba, ziphendule nombuzo othi, Ingabe yilokhu ngempela esasidalelwe kona?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela