Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w16 Novemba k. 3
  • Izwi Elaba Isikhuthazo!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izwi Elaba Isikhuthazo!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushada KukaBhowazi NoRuthe Okwakungalindelekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • “Owesifazane Ovelele”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • “Owesifazane Ovelele”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-8—URuthe
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
w16 Novemba k. 3
Owesifazane uwa phambi kukaJesu, uJesu uyaqoshama ukuze akhulume naye

Izwe Elaba Isikhuthazo!

“SIFAZANE.” Ngezinye izikhathi leyo kwakuyindlela uJesu ayekhuluma ngayo nabantu bobulili obuhlukile. Ngokwesibonelo, lapho elapha umuntu okhubazekile okwase kuphele iminyaka engu-18 eqhothile engakwazi ukuma aqonde, wathi: “Sifazane, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” (Luka 13:10-13) UJesu wasebenzisa le ndlela yokukhuluma, okwakuyinkulumo eyayibhekwa njengehloniphisayo ngezikhathi zeBhayibheli, nalapho ekhuluma nonina. (Joh. 19:26; 20:13) Kodwa kwakukhona elinye igama elalenza okungaphezu kokuhloniphisa.

IBhayibheli lisebenzisa igama elinomusa nozwela lapho libhekisela kwabesifazane abathile. UJesu walisebenzisa lapho ekhuluma nowesifazane okwase kuphele iminyaka engu-12 ehlushwa umopho. Indlela lona wesifazane aya ngayo kuJesu yayingavumelani noMthetho kaNkulunkulu, owawuthi umuntu onesifo esasimphethe wayengahlanzekile. Abanye bangase bathi kwakufanele angazihlanganisi nabantu ngenxa yesifo sakhe. (Lev. 15:19-27) Kodwa wayeludinga ngempela usizo. Empeleni, “odokotela abaningi babemzwise ubuhlungu kaningi futhi esebenzise yonke ingcebo yakhe nokho engasizakalanga, kodwa kunalokho isimo sakhe sasibe sibi kakhulu.”​—Marku 5:25, 26.

Engabonwa, lona wesifazane waya esixukwini, esilandela ngemuva futhi wathinta umphetho wengubo kaJesu yangaphandle. Ngaso leso sikhathi umopho wakhe wanqamuka! Owesifazane wayethemba ukuthi ngeke abonwe, kodwa uJesu wabuza: “Ngubani lo ongithintile?” (Luka 8:45-47) Ezwa lokho, lona wesifazane wawa phambi kukaJesu ethukile futhi ethuthumela “wamtshela lonke iqiniso.”​—Marku 5:33.

Ukuze amenze akhululeke, ngomusa uJesu wathi kowesifazane: “Yima isibindi, ndodakazi.” (Math. 9:22) Izazi zeBhayibheli zithi amagama esiHebheru nawesiGreki asho ‘indodakazi,’ angasetshenziswa ngendlela engokomfanekiso ukuthi achaze “umusa nozwela.” UJesu waqhubeka wamqinisekisa ngokuthi athi: “Ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.”​—Marku 5:34.

“Ndodakazi.” Leyo kwakuyindlela umIsrayeli ocebile uBhowazi abiza ngayo umMowabikazi uRuthe. URuthe naye wayenesizathu sokuzenyeza ngenxa yokuthi wayekhothoza ibhali ezweni lendoda angayazi. UBhowazi wathi, “Uzwile, angithi, ndodakazi yami.” Wabe esekhuthaza uRuthe ukuba aqhubeke ekhothoza emasimini akhe. URuthe wawa phambi kukaBhowazi ubuso bubheke phansi futhi wabuza ukuthi kungani ebonisa isihambi umusa ongaka. UBhowazi waphendula ngokumqinisekisa: “Kubikwe ngokuphelele kimi konke okwenzile kunyokozala [umfelokazi uNawomi] . . . Kwangathi uJehova angayivuza indlela owenza ngayo.”​—Ruthe 2:8-12.

Yeka ukuthi uJesu noBhowazi bayizibonelo ezinhle kanjani kubadala abangamaKristu! Ngezinye izikhathi, abadala ababili bangase babonane nowesifazane ongumKristu odinga usizo olungokomBhalo nesikhuthazo. Ngemva kokufuna isiqondiso sikaJehova ngomthandazo nokulalela ngokucophelela lokho okushiwo udadewabo, abadala bayoba sethubeni elikahle lokumqinisa nokumduduza ngeZwi likaNkulunkulu.​—Roma 15:4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela