Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 11/1 kk. 10-11
  • Ngangicabanga Ukuthi Ngiphila Ukuphila Okumnandi Kakhulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngangicabanga Ukuthi Ngiphila Ukuphila Okumnandi Kakhulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • IBhayibheli Liguqula Ukuphila Kwabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ngangigcwele Intukuthelo Futhi Nginobudlova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 11/1 kk. 10-11
UPawel no-Esther Pyzara bahlezi nomunye umbhangqwana bayadla

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngangicabanga ukuthi ngiphila ukuphila okumnandi kakhulu

Njengoba ilandiswa uPawel Pyzara

  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1982

  • IZWE AZALELWA KULO: EPOLAND

  • UMLANDO NGANGINOBUDLOVA, NGIDLA IZIDAKAMIZWA FUTHI NGINOMSEBENZI OHOLELA KAHLE

UPawel Pyzara osemusha

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa edolobheni elincane lasePoland, eliseduze nomngcele waseJalimane. Ngangijabulela ukuphila okunokuthula ngizungezwe amapulazi namahlathi. Abazali bami abanothando babengikhuthaza ukuba ngenze izinto ezinhle, ngiphumelele esikoleni futhi ngithole umsebenzi oholela kahle.

Izinkinga zami zaqala lapho ngifundela ezomthetho enyuvesi esedolobheni laseWrocław. Njengoba ngangihlala kude nabazali, ngazihlanganisa nabangane ababi. Ngangilithanda ibhola, kodwa ngenxa yethonya labangane bami abasha, ngaqala ukulishisekela ngokweqile. Iqembu engangilithanda kwakungelaseWarsaw futhi ngezimpelasonto ngangililandela nomaphi lapho liyodlala khona. Uma siya lapho, sasiphuza kakhulu, sisebenzise kabi izidakamizwa futhi ngezinye izikhathi sasilwa nabalandeli beqembu esasidlala nalo. Ngangibheka lokho njengendlela yokubalekela ukucindezeleka kwansuku zonke, nakuba ngangazi ukuthi ukuboshwa kwakungangidalela inkinga emsebenzini wami wezomthetho.

Mina nabangane bami sasithanda ukuya ezindaweni zokuzijabulisa nasema-disco. Uma silapho, sasivame ukulwa izimpi zasemgwaqeni. Ngaboshwa amaphoyisa izikhathi eziningana kodwa ngangihlale ngithola indlela yokuzikhipha kuleyo nkinga​—ngezinye izikhathi lokho kwakusho ukukhipha isifumbathiso. Ngangicabanga ukuthi ngiphila ukuphila okumnandi kakhulu. Nakuba kunjalo, ekujuleni kwenhliziyo yami ngangazi ukuthi engangikwenza kwakukubi. Ukuze unembeza wami ungangihluphi kakhulu, ngangiya esontweni njalo ngeSonto.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngo-2004, oFakazi BakaJehova ababili bangqongqoza emzini wami futhi ngavuma ukuxoxa nabo ngeBhayibheli. Njengoba ngangifunda okwengeziwe ngokuthi kusho ukuthini ukuba umKristu weqiniso, unembeza wami waqala ukungihlupha ngempela. Ngangazi ukuthi kwakufanele ngiyeke ukuphuza ngokweqile, ukusebenzisa kabi izidakamizwa nokuzihlanganisa nabantu abangaphili ngezimiso zeBhayibheli. Ngabona nokuthi kudingeka ngiyeke ukuba nolaka nobudlova. Nakuba ngangazi ukuthi kudingeka ngishintshe, angizange ngizenze izinguquko.

Ukuphila kwami kwashintsha ngobusuku obubodwa lapho ngilwa namadoda angu-8. Ngikhumbula ngilele emgwaqeni, ngishaywa ngezibhakela ngikhahlelwa nasekhanda. Ngizwa ukuthi sengiyafa, ngathandaza: “Ngiyaxolisa, Jehova, ngokungakusebenzisi okuseZwini lakho. Uma ngingasinda, ngithembisa ukutadisha iBhayibheli noFakazi futhi ngilungise ukuphila kwami.” Ngamangala ngokuthi ngasinda. Ngasigcina isithembiso sami sokutadisha iBhayibheli.

UPawel Pyzara namuhla

Ngo-2006, ngathuthela eNgilandi. Umgomo wami kwakuwukuba nemali eyanele ukuze ngibuyele ePoland futhi ngithole imfundo eyengeziwe kwezomthetho. Njengoba ngangiqhubeka nokufunda iBhayibheli, umBhalo owodwa waba nethonya elikhulu kimi. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngempela zonke izinto ngizishaya indiva ngenxa yenzuzo edlula zonke izinto, yolwazi ngoKristu Jesu iNkosi yami. Ngenxa yakhe ngiye ngamukela ukulahlekelwa yizo zonke izinto futhi ngizibheka njengenqwaba yezibi, ukuze ngizuze uKristu.” (Filipi 3:8) Njengami, umphostoli uPawulu wayethole imfundo kwezomthetho futhi naye wayeyindoda enobudlova. (IzEnzo 8:3) Nokho wabona ukuthi kwakunendlela engcono yokuphila: ukukhonza uNkulunkulu nokwenza konke angakwenza ukuze alingise uJesu. Lapho ngizindla ngesibonelo sikaPawulu, ngaqaphela ukuthi umsebenzi oholela kahle nokuba nobudlova akuzona izinto ezingangenza ngijabule. Ngaqiniseka ngokuthi uma uPawulu ashintsha, nami ngingashintsha. Ngakho nganquma ukuhlala eNgilandi futhi ngayeka ukufuna imfundo eyengeziwe kwezomthetho.

Ukuqhubeka ngifunda okwengeziwe ngoJehova, kwangenza ngazizwa ngisondele nakakhulu kuye. Isithembiso sakhe sokuxolela labo abafuna ngobuqotho ukwenza izinguquko sangithinta. (IzEnzo 2:38) Lapho ngizindla ngeyoku-1 Johane 4:​16, ethi “uNkulunkulu uluthando,” ngaqaphela ukuthi kungani uNkulunkulu ebuzonda ubudlova.

Ngangifuna ukuba ingxenye yobuzalwane obujatshulelwa oFakazi

Ngathintwa nayindlela oFakazi abaziphatha ngayo. Kwakusobala kimi ukuthi bazama ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli eziphakeme. Ngangifuna ukujabulela ubuzalwane ababujabulelayo. Ngemva kokuwa ngivuka ngenza izinguquko ekuphileni kwami, ngo-2008 ngabhapathizwa njengoFakazi KaJehova.

UPawel no-Esther Pyzara bami eduze kwenqola yezincwadi bakhuluma nendoda ngeBhayibheli

Mina no-Esther sithola injabulo yangempela ngokufundisa abantu abakhuluma isiPolish iBhayibheli

INDLELA ENGIZUZE NGAYO:

IBhayibheli langisiza ngayeka ukuba umuntu ofuna ukuvelela, onobudlova, osebenzisa kabi izidakamizwa, oyisidakwa noshisekela ibhola ngokweqile, ngaba isikhonzi sikaNkulunkulu esijabulela ukufundisa abanye iBhayibheli. Ngisakuthanda ukubuka ibhola, kodwa ngizimisele ukuba ngingalithandi ngokweqile.

Manje ngishade no-Esther, isikhonzi sikaJehova esihle. Sithola injabulo yangempela ngokufundisa abantu abakhuluma isiPolish iBhayibheli, lapha enyakatho-ntshonalanga yeNgilandi. Ngokokuqala ngqa ekuphileni kwami, ngizizwa ngenelisekile. Nginonembeza ohlanzekile futhi ukuphila kwami kunenjongo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela