Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 7/1 kk. 23-27
  • IBhayibheli Liguqula Ukuphila Kwabantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli Liguqula Ukuphila Kwabantu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila Kwabantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • IBhayibheli Liyakushintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 7/1 kk. 23-27

IBhayibheli Liguqula Ukuphila Kwabantu

Kungani owesifazane owayengasenalo ukholo enkolweni manje esechitha isikhathi sakhe esiningi esiza abantu ukuba bafunde ngoNkulunkulu? Yini eyashukumisa indoda eyayithanda imidlalo yobudlova ukuba ithande ukuthula? Yini eyasiza indoda eyayidla izidakamizwa, iyisidakwa futhi iyisixhwanguxhwangu ukuba ishintshe ukuphila kwayo? Zizwele njengoba bezikhulumela.

IMINININGWANE YAKHE

IGAMA: PENELOPE TOPLICESCU

UBUDALA: 40

IZWE AZALELWA KULO: I-AUSTRALIA

UMLANDO: WADUNYAZWA YINKOLO

UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa eSydney, e-Australia, kodwa lapho ngineminyaka emibili, sathuthela eNew Guinea. Sahlala cishe iminyaka emibili eRabaul futhi sahlala engu-8 eBougainville. Ngaleyo minyaka, yayingekho i-TV eNew Guinea, ngakho mina nomfowethu sakhula sidlala ngaphandle—sibhukuda, sibhukuda nangaphansi kwamanzi sisebenzisa ipayipi i-snorkel futhi sikhempa.

Cishe lapho ngineminyaka eyishumi, ngaqala ukuthanda inkolo. Umama wayengumKatolika, ngakho wasikisela ukuba ngiye emakilasini eBhayibheli ayeqhutshwa elinye lezindela zendawo. Ngaba umKatolika, ngabhapathizwa ngineminyaka eyishumi.

Nokho, ngemva kokubuyela e-Australia ngangena eminyakeni yobusha, futhi ngaqala ukungabaza izinto engangizifunde esontweni. Phakathi nayo yonke iminyaka ngisesikoleni esiphakeme, ngafunda ezomlando futhi mina nobaba sasiba nezingxoxo ezinde ngokuthi inkolo yaqala kanjani nangezinto ezithile eziseBhayibhelini esasicabanga ukuthi azilona iqiniso. Ekugcineni, ngabuyeka ubuKatolika.

Abazali bami bahlukana lapho ngineminyaka engu-16. Kwakungamhambeli neze kahle umama, ngakho ngahamba ngayohlala nobaba nengoduso yakhe. Umfowethu wahlala nomama futhi bathuthela kwesinye isifunda. Ngaba nesizungu. Iminyaka emibili yonke mina nomama sasingezwani kahle. Ngaqala ukuphuza, ukudla izidakamizwa nokuhamba amaphathi. Ngayeka isikole, ngathola umsebenzi futhi lapho ngisanda kweva eminyakeni engu-20 ngaqala ukuphila kokuziphatha okubi.

Lapho ngineminyaka engu-25, ngaphinde ngacabanga ngeBhayibheli. Ngathola omunye umsebenzi futhi ngahlangana nentombazane enhle, uLiene. Wayehlale enenhlonipho ngemenenja ngisho nalapho imkhakhabisa. Lapho ngibuza ukuthi kungani ayengayiphenduli ngesankahlu, wachaza ukuthi wayefundelwa iBhayibheli oFakazi BakaJehova futhi ezama ukuphila ngezimiso zalo. ULiene wacela ukungifundela iBhayibheli, kodwa angizange ngimqonde kahle ngoba ngacabanga ukuthi uthi uzongifundisa konke ayekwazi ngeBhayibheli ngehora elilodwa. Ngalobo busuku, uLiene wachitha amahora amathathu ephendula imibuzo yeBhayibheli enganginayo. Kwangihlaba umxhwele ukuthi zonke izimpendulo ayenginika zona zazivela eBhayibhelini.

Ngiyakhumbula ngihamba ngemoto ngalobo busuku ngiya ekhaya ngemva kokuxoxa noLiene. Ngazizwa ngimthukuthelele uNkulunkulu ngokungangivumeli ukuba ngifunde iqiniso ngaye kungakephuzi. Ngangazi ukuthi oFakazi baphila ukuphila okuhlanzekile futhi ngangicabanga ukuthi kwase kwephuze kakhulu ngami ukuba ngingashintsha imikhuba yami. Ngacabanga nokuthi ngangingeke ngikwazi ukushumayela endlini ngendlu njengoba kwenza oFakazi. Ngaqhubeka ngifundelwa iBhayibheli kodwa inhloso yami kwakuwukuthola amaphutha ezimfundisweni zoFakazi ukuze ngibe nezaba zokungazihlanganisi nabo. Ngolunye usuku kwangikhanyela ukuthi ngangingeke ngiwathole lawo maphutha.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Njengoba ngangifunda okuningi ngezimiso zokuziphatha eziseBhayibhelini, unembeza wami wangidla nakakhulu. Ukuze ungangihluphi kakhulu, ngayeka izidakamizwa. Kodwa ngahamba ngayohlala phesheya isikhashana ngabuye ngaqala impilo yamaphathi nokuphuza. Kwakubonakala sengathi isikhathi ngasinye uma ngizama ukulungisa ukuphila kwami ukuze ngiphile ngezimiso zeBhayibheli, ngangibuyela emuva. Ngangithandaza kuJehova ngenxa yamahloni, kodwa ngangilokhu ngizizwa kabi.

Kwangisiza ukufunda indaba yeNkosi uDavide noBhati-Sheba, nendlela uJehova ababonisa ngayo umusa. UDavide waba nesibindi, walivuma iphutha lakhe lapho elulekwa, wangazama ukubeka izaba. Wazithoba wamukela iseluleko. (2 Samuweli 12:1-13) Njalo lapho ngihluleka, ngangicabanga ngale ndaba futhi kwakuba lula ukuxolisa kuJehova. Khona-ke, nganquma ukuthandaza ngaphambi kwesilingo kunokuthandaza ngemva kwaso, futhi lokho kwenza umahluko omkhulu.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Selokhu kwathi nhlo nginenhliziyo encane. Kodwa eyabase-Efesu 4:29-31 yangisiza ukuba ngibone isidingo sokugwema “ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka.” Njengoba ngangifunda ukulawula intukuthelo yami, ngafunda nokulawula ulimi lwami. Ngaphezu kwalokho, iseluleko sikaJesu esithi “izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo” sangisiza ukuba ngibe ngumuntu othatha izinqumo futhi anamathele kuzo.—Mathewu 5:37.

Ekuqaleni umama wayengahambisani nokuhlanganyela kwami noFakazi, kodwa kamuva wangitshela ukuthi wayeziqhenya ngami. Waze wathi: “Ngiyazi ukuthi awulona uhlobo lomuntu oyilo manje ngenxa yendlela owakhuliswa ngayo, kodwa kungenxa yalokho oye wakufunda ngoJehova.” Kwangijabulisa kakhulu ukumuzwa esho kanjalo.

Manje nginomuzwa wokuthi ukuphila kwami kunenjongo. Sekuyiminyaka engu-9 manje mina nomyeni wami singabafundisi beBhayibheli besikhathi esigcwele. Yebo, manje ngishumayela endlini ngendlu, futhi senginomuzwa wokuthi lona umsebenzi ozuzisa kunayo yonke engake ngayenza.

IMINININGWANE YAKHE

IGAMA: DENIS BUSIGIN

UBUDALA: 30

IZWE AZALELWA KULO: IRUSSIA

UMLANDO: WAYEYITHANDA KAKHULU I-KARATE

UKUPHILA KWAMI: Ngazalelwa edolobheni lasePerm, ngakhulela eFurmanov, idolobha elinezakhamuzi ezingaba ngu-40 000 elisesifundeni sase-Ivanovo, eRussia. IFurmanov iyidolobha elihle kakhulu elinezihlahla eziningi ezinhle ezishintsha zibe phuzi futhi zibe bomvu ekwindla. Ubugebengu banda kakhulu kuleli dolobha phakathi nawo-1980 nawo-1990. Ekhaya sasingacebile futhi sasiphila ngeholo nje elincane. Ngangihlala nabazali bami nomfowethu omncane efulethini elinekamelo lokulala elilodwa, ngakho kwakuminyene ngempela.

Lapho ngineminyaka engu-7, ngaqala ukufunda i-karate. Ngangiwuthanda lo mdlalo; ukuphila kwami konke kwakugxile kuwo. Sonke isikhathi engangingenzi lutho ngaso ngangisichitha ejimini, ngakho bonke abangane bami babethanda ezemidlalo. Lapho ngineminyaka engu-15, ngase nginebhande elibomvu le-karate, futhi ngemva konyaka ngathola elinsundu. Ngangiseqenjini le-karate elalingenela imiqhudelwano yaseRussia, eYurophu nase-Asia. Ikusasa lami lalibonakala liqhakazile, kodwa lapho ngineminyaka engu-17, ukuphila kwami kwashintsha.

Mina nabangane bami senza ubugebengu sase siboshwa futhi ngagwetshwa iminyaka emibili. Kwakunzima ejele, kodwa ngaqala lapho ukubona iBhayibheli. Ngafunda uGenesise, iHubo neTestamente Elisha. Ngaze ngabamba ngekhanda umthandazo obizwa ngokuthi uBaba Wethu, ngiwuthandaza njalo ebusuku ngaphambi kokulala, ngicabanga ukuthi lokho kwakuzongisiza ngandlela-thile.

Ngakhululwa ejele ngonyaka ka-2000, kodwa ngangingazi ukuthi ngizokwenzani ngokuphila kwami. Ngaqala ukudla izidakamizwa. Umama washona cishe phakathi naleso sikhathi. Ngangingeve ngimthanda, futhi ukushona kwakhe kwangizwisa ubuhlungu obukhulu. Kodwa ngakwazi ukugqashula ezidakamizweni ngaqala ukuya ejimini futhi. Ngathuthela edolobheni lase-Ivanovo futhi ngathola umsebenzi esitolo sokudla. Imenenja yalapho yayinguFakazi kaJehova. Yangichazela amaqiniso athile eBhayibheli futhi yahlela ukuba kube noFakazi ozongifundela iBhayibheli njalo.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Ngesikhathi ngifundelwa iBhayibheli, kwangithinta ngokujulile ukufunda ngenjongo kaNkulunkulu yokwenza umhlaba ube ipharadesi, futhi ngafuna ukufanelekela ukuba kulelo pharadesi lesikhathi esizayo. Ngasheshe ngaqaphela ukuthi uJehova uNkulunkulu unezimiso eziphakeme afuna abantu baphile ngazo. Ukuphila kwami konke ngangizicabangela mina. Kodwa ngafunda ukuthi uJehova wayefuna ngicabange ngabanye abantu futhi ngifunde ukuba nezimfanelo engangingenazo ngaleso sikhathi—izimfanelo ezinjengomusa nokuthanda ukuthula.

Njengoba ngangicabanga kanzulu ngalokho uJehova aye wangenzela khona—njengokunikela ngeNdodana yakhe njengomhlatshelo wokuthethelelwa kwezono zami—ngashukumiseleka ukuba ngishintshe ukuphila kwami ngibonise ukubonga ngothando lwakhe. Ngokwesibonelo, iHubo 11:5 langifundisa ukuthi uJehova uyabuzonda ubudlova. Ngakho, ngayeka ukubuka izinhlelo ze-TV ezazikhuthaza ubudlova nenzondo. Ekugcineni ngayiyeka imidlalo enobudlova nakuba kwakungelula. Isimiso esikweyoku-1 Korinte 15:33 sangisiza ukuba ngibone ukuthi abantu engangibakhetha ukuba babe abangane bami bangaba nethonya elikhulu kimi. Kwakhona ukuthi ngake ngaboshwa kufakazela ukuthi lo mBhalo uyiqiniso. Ngakho, nganquma ukuhlukana nabangane ababephilela imidlalo enobudlova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova nokutadisha iBhayibheli kuye kwangisiza ukuba ngibe umuntu othembekile. Ngokwesibonelo, kweyabaseHebheru 13:5 ngafunda ngesidingo sokwaneliseka nokulwa nokuthanda imali. Ukulalela lesi seluleko kuye kwangisiza ukuba ngigweme ukuqamba amanga nokweba.

Selokhu kwathi nhlo ngiyabathanda abangane. Esikhathini esingaphambili, ngiye ngabona abangane behlukana ngenxa yokuhaha nokwesaba. OFakazi BakaJehova nabo bangabantu abanamaphutha, kodwa ngiye ngafunda ukuthi bayayihlonipha imithetho kaNkulunkulu futhi bazama kanzima ukusebenzisa izeluleko zakhe endleleni abasebenzelana ngayo nabanye. Ngiye ngazitholela abangane beqiniso phakathi kwabo.

Ngiyazibuza ukuthi kazi ukuphila kwami ngabe kunjani ukube angizange ngifunde ukuphila ngemithetho yeBhayibheli. Mhlawumbe ngabe ngaphinde ngaboshwa, noma ngabe ngisahlukumeza abanye abantu. Kodwa manje nginenkosikazi enhle namadodana amabili. Njengomndeni siyakujabulela ukusiza abanye bazi iqiniso ngoNkulunkulu.

IMINININGWANE YAKHE

IGAMA: JOSÉ CARLOS PEREIRA DA SILVA

UBUDALA: 31

IZWE AZALELWA KULO: IBRAZIL

UMLANDO: WAYEYISIXHWANGUXHWANGU

UKUPHILA KWAMI: Ngakhulela emijondolo engcolile e-Americana, eSão Paulo. Ayengekho amanzi okuphuza ahlanzekile, singekho nesimiso esihle sokukhuculula indle. Le ndawo yayaziwa ngobudlova nangobugebengu.

Ngakhula nginobudlova futhi ngiyibhoklolo. Ngangihlale ngilwa nabantu emgwaqweni, ngakho omakhelwane babengesaba. Indlela engangigqoka, ngizilungise futhi ngiziphathe ngayo yayibonisa ukuthi angithintwa. Ngangiphuza kakhulu ngize ngingazazi negama. Nami ngangidla izidakamizwa njengabafowethu. Empeleni, omunye wabafowethu wabulawa ukweqisa izidakamizwa.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI: Lapho ngihlangana noFakazi BakaJehova, bangibonisa eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu uzokwenza wonke umhlaba ube ipharadesi. (Luka 23:42, 43; IsAmbulo 21:3, 4) Ngafunda nokuthi abafileyo abezwa lutho, ngakho uNkulunkulu akabajezisi abantu ababi esihogweni. (UmShumayeli 9:5, 6) Lokho kwangikhulula kakhulu. Engakufunda ngoNkulunkulu kwangenza ngafisa kakhulu ukushintsha ukuphila kwami. Kodwa kwakungelula ukuyeka izidakamizwa, ukuphuza, ukulwa nenhlamba.

Nokho, amazwi omphostoli uPawulu akweyoku-1 Korinte 6:9-11 angikhuthaza kakhulu. Lo mBhalo ubonisa ukuthi kunamaKristu athile ekhulwini lokuqala ayenemikhuba emibi efana neyami. Kodwa la mavesi abuye athi: “Yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, seniye nangcweliswa, sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.” Lawo mazwi anginika ithemba lokuthi nami ngangingakwazi ukwenza izinguquko ezidingekayo ekuphileni kwami ukuze ngijabulise uNkulunkulu.

Lapho ngiqala ukuhlanganyela noFakazi BakaJehova, ngangiqiniseka ukuthi baqhuba inkolo yeqiniso. Babazi ukuthi ngangingumuntu onobudlova noyibhoklolo kodwa bangamukela ngezandla ezifudumele nangothando; abazange bangikhiphe inyumbazane.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO: Ukube angizange ngitadishe iBhayibheli, ngishintshe ukuphila kwami, ngabe ngafa kudala. Kodwa kuye kwangijabulisa ukusiza omunye wabafowethu ukuba afunde iBhayibheli, agqashule ekubeni umlutha wezidakamizwa. Ngiye ngakhuthaza nezinye izihlobo ukuba ziqale ukutadisha iBhayibheli. Angive ngibonga ngokuthi ngiye ngakwazi ukunikela ngokuphila kwami kuNkulunkulu osithanda kangaka!

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]

“Nganquma ukuthandaza ngaphambi kwesilingo kunokuthandaza ngemva kwaso, futhi lokho kwenza umahluko omkhulu”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela