Uhlu Lokuphakathi
March 15, 2015
© 2015 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
UMAGAZINI OFUNDWAYO
MAY 4-10, 2015
IKHASI 3 • IZINGOMA: 65, 64
MAY 11-17, 2015
IKHASI 9 • IZINGOMA: 108, 24
MAY 18-24, 2015
Funda Emfanekisweni Wamathalenta
IKHASI 17 • IZINGOMA: 101, 116
MAY 25-31, 2015
Ukusekela Abafowabo BakaKristu Ngobuqotho
IKHASI 24 • IZINGOMA: 107, 63
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ Lena “Indlela Oyamukelayo”
▪ Ingabe ‘Uyohlale Ulindile’?
Esihlokweni sokuqala, sizoxoxa ngendlela uJehova aye waqondisa ngayo abantu bakhe ukuba baqonde amaqiniso eBhayibheli ajulile ngendlela elula necace ngokwengeziwe njengoba iminyaka iqhubeka. Kwesesibili, sizohlola umzekeliso kaJesu wezintombi eziyishumi bese sibona ukuthi ungasisiza kanjani ukuba sihlale silindile namuhla.
▪ Funda Emfanekisweni Wamathalenta
▪ Ukusekela Abafowabo BakaKristu Ngobuqotho
Lapho uJesu etshela abafundi bakhe isibonakaliso sesikhathi sokuphela, wabalandisa imizekeliso emibili. Omunye wayo umzekeliso wamathalenta, omunye umzekeliso wezimvu nezimbuzi. Sizothola ukuthi kungani uJesu alandisa le mizekeliso nokuthi ibaluleke ngani kithi.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
ISEMBOZO: Izivakashi eziningi ezibuka indawo zivakashela eCopán zizobona amanxiwa angaphambi kokufika kukaColumbus, kodwa oFakazi BakaJehova bakule ndawo basiza abantu ukuba bacabange ngekusasa
EHONDURAS
INANI LABANTU
8 111 000
ABAMEMEZELI
22 098
AMAPHAYONA AVAMILE
3 471
Ulimi olungokomthetho eHonduras iSpanishi. Kodwa abamemezeli abangu-365 emabandleni angu-12 basebenzisa isiGarifuna. Kukhona namabandla angu-11 namaqembu amathathu asebenzisa uLimi Lwezandla LwaseHonduras