Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 11/15 kk. 31-32
  • Ukuntwela Kokusa EJapane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuntwela Kokusa EJapane
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Izihlokwana
  • AMA-COLPORTEUR ASHISEKAYO
  • “OJEHU”—ABANCANE NABAKHULU
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 11/15 kk. 31-32

EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

Ukuntwela Kokusa EJapane

Abazalwane bami phambi kwendiza eyasetshenziswa ekusakazeni izimemo

Kwasetshenziswa izimemo zenkulumo yeningi eTokyo futhi zasakazwa yizindiza e-Osaka

NGO-SEPTEMBER 6, 1926, umzalwane owayekhonza njenge-pilgrim (umbonisi ojikelezayo) e-United States, waphindela eJapane ezweni lenkaba yakhe njengesithunywa sevangeli. Wahlangatshezwa umuntu okwakuwukuphela kwakhe owayenesikhokhelo se-Nqabayokulinda yesiNgisi, owayeqale iqembu lokutadisha iBhayibheli eKobe. Labo baFundi BeBhayibheli baba nomhlangano wabo wokuqala ngo-January 2, 1927, kulelo dolobha. Kwaba nabantu abangu-36, kwabhapathizwa abangu-8. Kwakuyisiqalo esihle, kodwa leli qembu elincane lalingabafinyelela kanjani abantu baseJapane abayizigidi ezingu-60 okwakudingeka bathole ukukhanya kweqiniso leBhayibheli?

Isimemo senkulumo yeningi

Ngo-May 1927, abaFundi BeBhayibheli ababemagange baqala umkhankaso wokushumayela obala ukuze bakhangise uchungechunge lwezinkulumo zeBhayibheli. Ukuze bakhangise ngenkulumo yokuqala, eyayizoba se-Osaka, abazalwane babeka izikhangiso eceleni kwemigwaqo nasemabhodini amakhulu kulo lonke idolobha, bathumelela abantu abaqavile izimemo ezingu-3 000. Basakaza izimemo ezingu-150 000, bakhangisa le nkulumo emaphephandabeni amakhulu ase-Osaka nasemathikithini esitimela angu-400 000. Ngosuku le nkulumo eyayizonikezwa ngalo, kwadlula izindiza ezimbili ngaphezu kwedolobha zasakaza izimemo ezingu-100 000. Abantu abangaba ngu-2 300 ababezolalela inkulumo ethi “UMbuso KaNkulunkulu Useduze” bagcwala mfí eHholo Lase-Osaka Asahi. Abanye abangaba yinkulungwane kwadingeka bacelwe ukuba baphindele emuva. Ngemva kwenkulumo, kwasala abangaphezu kuka-600 lapho sekuyingxenye yemibuzo nezimpendulo. Phakathi nezinyanga ezalandela, kwanikezwa izinkulumo zeningi zeBhayibheli eKyoto nakwamanye amadolobha asentshonalanga yeJapane.

Ngo-October 1927, abaFundi BeBhayibheli bahlela ukuba kunikezwe izinkulumo eTokyo. Kwaphinde kwathunyelwa izimemo kubantu abaqavile—ababehlanganisa undunankulu, amalungu ephalamende nabaholi benkolo nabezempi. Kwasetshenziswa izingqwembe, izikhangiso zamaphephandaba nezimemo ezingu-710 000, kwaba khona abangu-4 800 ezinkulumweni ezintathu ezanikezwa enhloko-dolobha yaseJapane.

AMA-COLPORTEUR ASHISEKAYO

UKatsuo noHagino Miura

UKatsuo noHagino Miura

Ama-colporteur (amaphayona) afeza indima ebalulekile ekushumayeleni isigijimi soMbuso kubantu emakhaya. UMatsue Ishii, ongomunye wama-colporteur okuqala eJapane, nomyeni wakhe, uJizo, balihamba cishe lonke elaseJapane, besuka eSapporo esenyakatho yezwe beya eSendai, eTokyo, eYokohama, eNagoya, e-Osaka, eKyoto, e-Okayama naseTokushima. UDade Ishii nomunye udade owayesekhulile, uSakiko Tanaka, babevunula ezomdabu lapho behambela izikhulu zikahulumeni eziphezulu. Esinye sazo sacela amasethi angu-300 encwadi ethi The Harp of God nethi Deliverance ukuze abekwe emitatsheni yezincwadi yasemajele.

UKatsuo noHagino Miura bathatha izincwadi kuDade Ishii futhi lasheshe labakhanyela iqiniso. Babhapathizwa ngo-1931, base beba ngama-colporteur. UHaruichi noTane Yamada nezihlobo zabo eziningi babamukele isigijimi soMbuso ngaphambi kuka-1930. AbakwaYamada bangenela umsebenzi wama-colporteur, kwathi indodakazi yabo, uYukiko, yayokhonza eBethel eTokyo.

“OJEHU”—ABANCANE NABAKHULU

UJehu Omkhulu

UJehu Omkhulu wayenela amaphayona ayisithupha

Ngalezo zikhathi, izimoto zazimba eqolo nemigwaqo imibi. Ngakho, uKazumi Minoura namanye ama-colporteur asemasha basebenzisa omahamba-nendlwana. Babiza lab’ omahamba-nendlwana ngokuthi oJehu, igama lomqhubi wenqola owayeqhuba njengohlanya owaba enye yamakhosi akwa-Israyeli. (2 AmaKh. 10:15, 16) KwakunoJehu Abakhulu abathathu, ngamunye engamamitha angu-2,2 ubude, ububanzi nokuphakama kungamamitha angu-1,9 futhi enganela amaphayona ayisithupha. Ngaphezu kwalokho, egatsheni laseJapane kwakhiwa oJehu Abancane abangu-11 ababedonswa amabhayisikili, ngamunye enganela abantu ababili. UKiichi Iwasaki, owasiza ekwakheni lab’ oJehu, uyakhumbula: “UJehu ngamunye wayenetende nebhetri lemoto lokukhanyisa.” Ama-colporteur ayeletha ukukhanya kweqiniso kulo lonke elaseJapane, ehla enyuka ezintabeni, enqamula izihosha, edonsa futhi esunduza oJehu ukusuka phezulu eHokkaido esenyakatho ukuya phansi eKyushu eseningizimu.

UJehu Omncane

UJehu Omncane wayenela abantu ababili

U-Ikumatsu Ota owayeyi-colporteur wathi: “Sasithi singafika edolobhaneni, simise uJehu wethu ngasosebeni lomfula noma esigangeni. Sasiqale sihambele amadoda aqavile endawo, njengomphathi-dolobha, bese siya emizini yabantu sibabonise izincwadi zethu. Ngemva kokuhlanganisa insimu, sasiya kwelilandelayo.”

Mhla lelo qembu labaFundi BeBhayibheli abangu-36 eKobe liba nomhlangano walo wokuqala, ‘kwakuwusuku lwezinto ezincane.’ (Zak. 4:10) Ngemva nje kweminyaka emihlanu—ngo-1932—kwase kunama-colporteur nabamemezeli abangu-103 eJapane ababebika, futhi bahambisa izincwadi ezingaphezu kuka-14 000. Namuhla, emadolobheni amakhulu aseJapane kwenziwa umsebenzi wokushumayela obala ohlelwe kahle, futhi abamemezeli abacela ku-220 000 benza ukukhanya kwabo kukhanye kulo lonke leli zwe.—Ivela ezinqolobaneni zethu eJapane.

Imidwebo yoJehu

Imidwebo kaKiichi Iwasaki, owayakha oJehu eBethel yaseJapane

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela