Uhlu Lokuphakathi
September 15, 2014
© 2014 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
UMAGAZINI OFUNDWAYO
OCTOBER 27, 2014–NOVEMBER 2, 2014
Ingabe Uyaqiniseka Ukuthi Uthole Iqiniso? Kungani?
IKHASI 7 • IZINGOMA: 28, 107
NOVEMBER 3-9, 2014
Khonza UNkulunkulu Ngokwethembeka Naphezu ‘Kwezinsizi Eziningi’
IKHASI 12 • IZINGOMA: 135, 133
NOVEMBER 10-16, 2014
Bazali—Yelusani Abantwana Benu
IKHASI 17 • IZINGOMA: 88, 24
NOVEMBER 17-23, 2014
Isitha Sokugcina, Ukufa, Senziwa Ize
IKHASI 23 • IZINGOMA: 111, 109
NOVEMBER 24-30, 2014
Khumbulani Abasenkonzweni Yesikhathi Esigcwele
IKHASI 28 • IZINGOMA: 95, 100
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ Ingabe Uyaqiniseka Ukuthi Uthole Iqiniso? Kungani?
Lesi sihloko sizoqokomisa ezinye zezizathu ezenza abantu abaningi bakholelwe ukuthi oFakazi BakaJehova baneqiniso. Sizophinde sixoxe ngezizathu ezenza oFakazi baqiniseke ngokuthi baneqiniso.
▪ Khonza UNkulunkulu Ngokwethembeka Naphezu ‘Kwezinsizi Eziningi’
Usizi lubangelwa ukuphila ezweni likaSathane. Olunye uvivinyo lungafaniswa nokuhlaselwa okuqondile kokholo lwethu; olunye lucashile. Lesi sihloko sizosisiza sisiqaphelise lolu vivinyo futhi silungele ukuhlasela kukaSathane.
▪ Bazali—Yelusani Abantwana Benu
Abazali kufanele bakhulise abantababo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Lesi sihloko sidingida izindlela ezintathu abangakwenza ngazo lokhu futhi babe abelusi abangokomoya kubantwana babo abasakhula.
▪ Isitha Sokugcina, Ukufa, Senziwa Ize
Kwenzeka kanjani ukuba ukufa kube ingxenye yokuphila kwabantu? ‘Isitha sokugcina, ukufa,’ siyokwenziwa kanjani “ize”? (1 Kor. 15:26) Thola indlela izimpendulo eziqokomisa ngayo ubulungisa bukaJehova, ukuhlakanipha kwakhe, futhi ngokuyinhloko uthando lwakhe.
▪ Khumbulani Abasenkonzweni Yesikhathi Esigcwele
UJehova ubelokhu enezinceku ezithembekile eziye zamkhonza ngokugcwele naphezu kwezinselele zokwenza kanjalo kulesi simiso sezinto. Yini esingayenza ukuze ‘sikhumbule umsebenzi wazo wokuthembeka nomshikashika wazo wothando’?—1 Thes. 1:3.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
ISEMBOZO: Abazalwane ababili baxoxa nomdobi ngesigijimi seBhayibheli eNegombo ogwini olusentshonalanga yeSri Lanka
ESRI LANKA
INANI LABANTU
20 860 000
INANI LABAMEMEZELI
5 600
AMAPHAYONA AVAMILE
641