Uhlu Lokuphakathi
January 15, 2014
© 2014 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
UMAGAZINI OFUNDWAYO
MARCH 3-9, 2014
Khulekela UJehova, INkosi Engunaphakade
IKHASI 7 • IZINGOMA: 106, 46
MARCH 10-16, 2014
Iminyaka Eyikhulu Yokubusa KoMbuso—Ikuthinta Kanjani?
IKHASI 12 • IZINGOMA: 97, 101
MARCH 17-23, 2014
Ukukhetha Ngokuhlakanipha Ebusheni
IKHASI 17 • IZINGOMA: 41, 89
MARCH 24-30, 2014
Ukukhonza UJehova Ngaphambi Kokuba Kufike Izinsuku Eziyinhlekelele
IKHASI 22 • IZINGOMA: 54, 17
MARCH 31, 2014–APRIL 6, 2014
“Umbuso Wakho Mawuze”—Kodwa Uzofika Nini?
IKHASI 27 • IZINGOMA: 108, 30
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ Khulekela UJehova, INkosi Engunaphakade
Lesi sihloko siqinisekisa ukuthi uJehova ubelokhu eyiNkosi futhi sembula indlela abubonise ngayo ubukhosi bakhe ezidalweni zakhe zasezulwini nezasemhlabeni. Sizobuye sisikhuthaze ukuba silandele izibonelo zasendulo zalabo abakhetha ukukhulekela uJehova, iNkosi engunaphakade.
▪ Iminyaka Eyikhulu Yokubusa KoMbuso—Ikuthinta Kanjani?
Lesi sihloko sizojulisa ukwazisa kwethu ngalokho uMbuso kaMesiya okufezile phakathi neminyaka yokuqala eyikhulu yokubusa kwawo. Sizophinde sikhuthaze ngamunye wethu ukuba abe isikhonzi esiqotho salo Mbuso futhi sizosenza sizindle ngencazelo ephelele yesihloko sethu sonyaka ka-2014.
▪ Ukukhetha Ngokuhlakanipha Ebusheni
▪ Ukukhonza UJehova Ngaphambi Kokuba Kufike Izinsuku Eziyinhlekelele
Ngizokwenzani ngokuphila kwami? Lona umbuzo obaluleke kakhulu kuwo wonke umuntu ozinikezele kuJehova. Kulezi zihloko, sizoxoxa ngezimiso ezingaqondisa amaKristu asemasha ukuba akhonze uNkulunkulu ngokugcwele, sizoxoxa nangamathuba amaKristu asemadala anawo okwandisa inkonzo yawo.
▪ “Umbuso Wakho Mawuze”—Kodwa Uzofika Nini?
Namuhla, abantu abaningi baphazanyiswa izimo zezwe noma ukuphishekela izinto abazithandayo. Lesi sihloko sikhuluma ngobufakazi obuthathu obusiza amaKristu aqiniseke ngokuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu uzosiqeda lesi simiso esibi.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
ISEMBOZO: Ukufakaza kubafundi baseyunivesithi abavela emazweni angaphandle edolobheni laseLviv
E-UKRAINE
INANI LABANTU
45 561 000
ABAMEMEZELI
150 887
Kunamabandla angu-1 737 namaqembu angu-373 akhuluma izilimi ezingu-15 ezihlanganisa nesiHungary, isiRomania, isiRashiya, uLimi Lwezandla LwaseRussia nesi-Ukraine