Uhlu Lokuphakathi
October 15, 2013
© 2013 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
UMAGAZINI OFUNDWAYO
DECEMBER 2-8, 2013
Indalo Yembula UNkulunkulu Ophilayo
IKHASI 7 • IZINGOMA: 110, 15
DECEMBER 9-15, 2013
IKHASI 12 • IZINGOMA: 62, 84
DECEMBER 16-22, 2013
Izifundo Esizithola Emthandazweni Olungiselelwe Kahle
IKHASI 21 • IZINGOMA: 68, 6
DECEMBER 23-29, 2013
Yenza Ngokuvumelana Nomthandazo Wothando KaJesu
IKHASI 26 • IZINGOMA: 57, 56
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ Indalo Yembula UNkulunkulu Ophilayo
UNkulunkulu ongabonakali wadala indawo yonke ebonakalayo. Ingabe ukukholelwa ngenhliziyo yakho yonke lokhu? Akubona bonke abantu abakukholelwayo. Singabasiza kanjani abanye ukuba baqonde iqiniso ngoMdali ngesikhathi esifanayo siqinise ukholo lwethu kuye? Zitholele izimpendulo kulesi sihloko.
▪ “Yibani Izigqila ZikaJehova”
AmaKristu anxuswa ukuba abe izigqila zikaJehova. Lesi sihloko sisifundisa ngelungiselelo uMthetho KaMose owalenzela izigqila, indlela esingagwema ngayo ukugqilazwa uSathane nezingibe zezwe lakhe nokuthi ukuba kwethu izigqila zikaNkulunkulu ezithembekile kuvuzwa kanjani ngokucebile.
▪ Izifundo Esizithola Emthandazweni Olungiselelwe Kahle
▪ Yenza Ngokuvumelana Nomthandazo Wothando KaJesu
Uma sizindla ngeZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, kuyoyicebisa imithandazo yethu. Isihloko sokuqala sibonisa ukuba yiqiniso kwalokhu ngokuphathelene nomthandazo amaLevi awenzela abantu bakaNkulunkulu. Isihloko sesibili sibonisa ukuthi singenza kanjani ngokuvumelana nomunye wemithandazo kaJesu yothando. Yomibili le mithandazo iyizibonelo zokubeka izithakazelo zikaJehova kuqala kunezicelo zethu.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
3 Bazinikela Ngokuzithandela—EPhilippines
ISEMBOZO: Ummemezeli uyashumayela ePanajachel, idolobha elincane elingaseChibini i-Atitlan. Ngaphandle kweSpanishi, oFakazi BakaJehova eGuatemala bashumayela izindaba ezinhle nangezilimi zomdabu ezingu-11
EGUATEMALA
INANI LABANTU:
15 169 000
ABAMEMEZELI:
34 693
IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI:
47 606