Uhlu Lokuphakathi
July 15, 2013
© 2013 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.
UMAGAZINI OFUNDWAYO
SEPTEMBER 2-8, 2013
“Sitshele, Ziyokwenzeka Nini Lezi Zinto?”
IKHASI 3 • IZINGOMA: 128, 101
SEPTEMBER 9-15, 2013
“Bhekani! Nginani Izinsuku Zonke”
IKHASI 9 • IZINGOMA: 30, 109
SEPTEMBER 16-22, 2013
Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa
IKHASI 15 • IZINGOMA: 108, 117
SEPTEMBER 23-29, 2013
“Ngubani Ngempela Oyinceku Ethembekileyo Neqondayo?”
IKHASI 20 • IZINGOMA: 107, 116
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ “Sitshele, Ziyokwenzeka Nini Lezi Zinto?”
▪ “Bhekani! Nginani Izinsuku Zonke”
Lezi zihloko zidingida izingxenye ezithile encwadini kaMathewu izahluko 24 no-25. Zinikeza ukucaciswa okuningana ekuqondeni kwethu isikhathi sezenzakalo ezisesiprofethweni zikaJesu esiphathelene nezinsuku zokugcina nezisemfanekisweni wakhe kakolweni nokhula. Zidingida nendlela esingazuza ngayo ngabanye kulokhu kucaciswa.
▪ Ukondla Abaningi Ngezandla Zabambalwa
▪ “Ngubani Ngempela Oyinceku Ethembekileyo Neqondayo?”
Kungakhathaliseki ukuthi wayondla izixuku ngokuyisimangaliso noma ondla abalandeli bakhe ngokomoya, uJesu wayesebenzisa indlela eyodwa njalo—wayondla abaningi ngezandla zabambalwa. Isihloko sokuqala sidingida ukuthi bangobani labo abambalwa ondla ngabo abalandeli bakhe abagcotshiwe bekhulu lokuqala. Esesibili siphendula lo mbuzo obalulekile: Bangobani labo abambalwa uKristu asondla ngabo namuhla?
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
26 Ilungu Elisha LeNdikimba Ebusayo
27 Sasikulangazelela Ukukhonza UJehova—Noma Kuphi
ISEMBOZO: Ukufakaza endlini ngendlu eBukimba, eRunda, eRwanda
ERWANDA
Ingxenye yesine yoFakazi kuleli zwe isenkonzweni ethile yamaphayona, kanti bonke abanye oFakazi abashisekayo babika amahora angu-20 ngesilinganiso inyanga ngayinye
OFAKAZI
22 734
IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI
52 123
ABABEKHONA ESIKHUMBUZWENI NGO-2012
69 582