Uhlu Lokuphakathi
January 15, 2013
© 2013 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.
UMAGAZINI OFUNDWAYO
FEBRUARY 25, 2013–MARCH 3, 2013
IKHASI 7 • IZINGOMA: 60, 23
MARCH 4-10, 2013
Ungavumeli Lutho Lukudedisele Kude NoJehova
IKHASI 12 • IZINGOMA: 106, 51
MARCH 11-17, 2013
IKHASI 17 • IZINGOMA: 52, 65
MARCH 18-24, 2013
Ukukhonza Ngaphandle Kokuzisola
IKHASI 22 • IZINGOMA: 91, 39
MARCH 25-31, 2013
Abadala AbangamaKristu—‘Izisebenzi Ezikanye Nathi Ukuze Sijabule’
IKHASI 27 • IZINGOMA: 123, 53
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ Yiba Nesibindi—UJehova Unawe!
Abantu abaningi okukhulunywa ngabo emiBhalweni babonisa ukholo nesibindi. Ukuhlola okunye kokuhlangenwe nakho kwabo kuzosiqinisa sikwazi ukubonisa ukholo futhi sikhonze uJehova ngesibindi. Le ngxoxo iqokomisa isihloko sethu sonyaka sika-2013.
▪ Ungavumeli Lutho Lukudedisele Kude NoJehova
▪ Qhubeka Usondela KuJehova
Kunezinto eziningi ekuphileni esingenakukwazi ukuzikhethela zona, ezihlanganisa nabazali bethu, izingane esizalwa nazo kanye nendawo esizalelwa kuyo. Ubuhlobo bethu noJehova buhlukile. Singakhetha ukusondela kuye noma ukungasondeli. Lezi zihloko zizoxoxa ngezici eziyisikhombisa zokuphila okufanele singavumeli lutho kuzo lusidedisele kude noJehova.
▪ Ukukhonza Ngaphandle Kokuzisola
Sonke sake senza izinto esifisa sengathi singathola ithuba lesibili lokuzenza, futhi sizenze ngendlela ehlukile. Nokho, akudingeki ukuba sivumele ukuzisola okunjalo manje kusenze singakwazi ukwenza inkonzo yethu kuNkulunkulu. Kulesi sihloko, sizofunda esibonelweni somphostoli uPawulu ukuthi singaqhubeka kanjani sikhonza uJehova ngaphandle kokuzisola.
▪ Abadala AbangamaKristu—‘Izisebenzi Ezikanye Nathi Ukuze Sijabule’
Encwadini yakhe yesibili eya kwabaseKorinte, uPawulu wachaza ukuthi yena kanye nalabo ayebambisene nabo ‘babeyizisebenzi ezikanye nabo ukuze bajabule.’ (2 Kor. 1:24) Lawo mazwi kaPawulu kufanele abathinte kanjani ngokukhethekile abadala abangamaKristu? Umuntu ngamunye kithi anganezela kanjani emoyeni wenjabulo ebandleni? Izimpendulo zale mibuzo zizocatshangelwa kulesi sihloko.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
3 Bazinikela Ngokuzithandela—ENorway
32 Umkhankaso Ohlelwe Kahle Uthela Izithelo
ISEMBOZO: Umbhangqwana osuthathe umhlalaphansi uqhuba isifundo seBhayibheli kuvulandi womuzi othile eCamp Perrin. Abanye babantu baseHaiti abebehlala kwamanye amazwe, njengalo mbhangqwana, babuyela ezweni lenkaba yabo ukuze bayokhonza lapho indingeko inkulu khona
EHAITI
ISILINGANISO SABAMEMEZELI LAPHO SIQHATHANISWA NENANI LABANTU EHAITI
1:557
ABAMEMEZELI
17 954
IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI
35 735