Uhlu Lokuphakathi
August 15, 2012
© 2012 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
SEPTEMBER 24-30, 2012
IKHASI 3 • IZINGOMA: 65, 2
OCTOBER 1-7, 2012
Ziphatheni Njengezakhamuzi ZoMbuso!
IKHASI 11 • IZINGOMA: 16, 98
OCTOBER 8-14, 2012
IKHASI 20 • IZINGOMA: 61, 25
OCTOBER 15-21, 2012
Yimani Niqine Futhi Nigweme Izicupho ZikaSathane!
IKHASI 25 • IZINGOMA: 32, 83
INJONGO YEZIHLOKO EZIFUNDWAYO
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1 AMAKHASI 3-7
Isiprofetho sikaDaniyeli sabikezela ukuthi “ulwazi lweqiniso” lwaluyoba luningi ‘esikhathini sokuphela.’ (Dan. 12:4) Lesi sihloko sichaza indlela leso siprofetho esiye sagcwaliseka ngayo ngokuphawulekayo. Sinikeza nobufakazi bokuthi uJesu unalabo abakhonza uJehova uNkulunkulu.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2 AMAKHASI 11-15
Funda ngokuthi obani ngempela abayizakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu. Lesi sihloko sixoxa ngalokho okudingekayo kubo. Sibonisa nendlela ababonisa ngayo ukuthi bayazithanda izindinganiso zikaJehova.
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 3, 4 AMAKHASI 20-29
Ngokuvamile uSathane usebenzisa izicupho ezifihlwe ngobuqili ukuze azame ukuketula ukholo lwethu. Lezi zihloko zixoxa ngezindlela esingazivikela ngazo ezingibeni zakhe ezinhlanu: inkulumo engalawuliwe, ukwesaba nokucindezelwa, umuzwa wecala owedlulele, ukuthanda izinto ezibonakalayo nesilingo sokuphinga.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
8 “Ukhona Umvuzo Womsebenzi Wenu”
16 Umhlangano Ophawuleka Ngobunye Nangezinhlelo Ezivusa Amadlingozi
31 Ezivela Ezinqolobaneni Zethu
ISEMBOZO: Ummemezeli woMbuso ufakaza kumalusi endaweni yaseBafatá eGuinea-Bissau
IGUINEA-BISSAU
INANI LABANTU
1 515 000
ABAMEMEZELI
120
IZIFUNDO ZEBHAYIBHELI
389