Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 6/15 k. 32
  • Umusa Udambisa Intukuthelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umusa Udambisa Intukuthelo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukufuna Iqiniso Kwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuxazulula Izinkinga Zentsha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukuzimisela Ukuphila Ngezindinganiso Zokuziphatha ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 6/15 k. 32

Umusa Udambisa Intukuthelo

OWESIFAZANE othile osekhulile akabonisanga bungane lapho uGeorge noManon, oFakazi ababili baseNetherlands, befika kwakhe bezoxoxa naye ngezindaba ezinhle zoMbuso. Bathola ukuthi wayeshonelwe abayeni ababili nendodana futhi kwayena ehlushwa isifo samathambo esasesisibi kakhulu. Nakuba awehlisa umoya ngezinga elithile phakathi nengxoxo, waqhubeka engenabungane.

Noma kunjalo, uGeorge wasikisela kuManon ukuba babuyele kulona wesifazane, bamphathele nezimbali ngoba wayebonakala enesizungu futhi enentukuthelo ethile evaleleke ngaphakathi. Lapho bebuyela, lo mninikhaya, uRie, wamangala ukumangala kwenjabulo. Nokho, babefike ngesikhathi esingesihle kuye, ngakho babeka olunye usuku. Lapho uGeorge noManon bebuya ngesikhathi esasibekiwe, bangqongqoza baze bakhathala. Nakuba bazama ukubuya ngezikhathi ezahlukahlukene, abazange bamthole. Baze bacabanga ukuthi uyababalekela.

UGeorge wagcina emtholile uRie ekhaya ngolunye usuku. URie waxolisa ngokungabi khona ngosuku ababelubekile futhi wachaza ukuthi ubekade esesibhedlela. Wathi: “Ngeke ukholwe ukuthi ngasale ngenzani senihambile. Ngaqala ukufunda iBhayibheli!” Kwalandela ingxoxo emnandi futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli.

Njengoba uRie etadisha iBhayibheli, washintsha ekubeni owesifazane onentukuthelo waba umuntu ojabule nonomusa. Yize ayevaleleke endlini ngenxa yesifo sakhe, ngokushesha waqala ukuxoxa ngokholo lwakhe olusha nabo bonke ababemvakashela. Impilo yakhe yayingamvumeli ukuba abe khona njalo emihlanganweni yebandla kodwa wayekujabulela ukuvakashelwa abazalwane nodade. Ngosuku ahlanganisa ngalo iminyaka engu-82, waya emhlanganweni wesifunda futhi wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu ngokubhapathizwa.

Washona ezinyangeni ezimbalwa ebhapathiziwe futhi ngemva kwalokho kwatholakala inkondlo ayeyibhalile. Kuyo, wachaza usizi lokuba nesizungu lapho usukhulile futhi wagcizelela nokubaluleka kokuba nomusa. UManon uthi, “Ukufunda leyo nkondlo kwangithinta ngempela futhi ngijabula kakhulu ngokuthi uJehova wasisiza sambonisa umusa.”

Ngempela, isibonelo sikaJehova sisishukumisela ukuba sibonise uthando nomusa njengaye. (Efe. 5:1, 2) Inkonzo yethu iyothela njengoba ‘sizitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ngokuba nomusa.’—2 Kor. 6:4, 6. 

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela