Ungalilahli Ithemba Ngomshado Onezinkinga
“Abantu abashadile ngibanika iziyalezo, nokho akumina kodwa yiNkosi.”—1 KOR. 7:10.
UNGACHAZA?
Abantu abashadile bahlanganiswa uNkulunkulu ngamuphi umqondo?
Abadala bangawasiza kanjani amaKristu anezinkinga emshadweni?
Kufanele siwubheke kanjani umshado?
1. AmaKristu awubheka kanjani umshado, futhi ngani?
LAPHO amaKristu eshada, enza isifungo phambi kukaNkulunkulu—isifungo okungafanele sithathwe kalula. (UmSh. 5:4-6) Abantu abashadile ‘bahlanganiswé’ uJehova ngomqondo wokuthi unguMsunguli womshado. (Marku 10:9) UNkulunkulu uyasiqaphela lesi sibopho kungakhathaliseki imithetho egunyaze lowo mshado. Izinceku zikaJehova kufanele zibheke umshado njengelungiselelo elizibophayo kungakhathaliseki ukuthi zashada zingabakhulekeli bakhe noma cha.
2. Imiphi imibuzo ezocatshangelwa kulesi sihloko?
2 Umshado ophumelelayo ungaletha injabulo enkulu. Kodwa yini engenziwa uma umshado unezinkinga? Ingabe umshado obuthaka ungaqiniswa? Labo abasemshadweni onezinkinga, yiluphi usizo abangaluthola?
INGABE UMSHADO UYOLETHA INJABULO NOMA USIZI?
3, 4. Yini engenzeka uma umuntu engenza isinqumo esingahlakaniphile lapho ekhetha umngane womshado?
3 Lapho umshado womKristu uphumelela, uyajabulisa futhi udumisa uJehova. Uma uchitheka, uletha usizi olukhulu kakhulu. Ukulalela iziqondiso zikaNkulunkulu kungenza umKristu ocabangela ukushada abe nesiqalo esihle emshadweni. Ngakolunye uhlangothi, umuntu owenza isinqumo esingahlakaniphile lapho ekhetha umngane womshado angase abhekane nosizi futhi anganeliseki. Ngokwesibonelo, enye intsha iqala ukuthandana ingakayilungeli imithwalo yemfanelo yokuphila kwasemshadweni. Abanye bathola abangane bomshado kuyi-Internet, bagijimele ukushada bese bezithola besemishadweni engajabulisi nhlobo. Abanye benza isono esingathi sína besathandana futhi bashade yize kunjalo, kodwa lokhu kungenza ukuba baqale umshado wabo bengahloniphani.
4 Amanye amaKristu awashadi “eNkosini” futhi avuna imiphumela ebuhlungu evame ukuba khona emkhayeni ohlukene ngokwenkolo. (1 Kor. 7:39) Uma nawe ukuleso simo, thandaza kuNkulunkulu ucele intethelelo nosizo. Akayisusi imiphumela yeziphambeko zomuntu zesikhathi esidlule, kodwa uyabasiza abantu abaphendukayo ukuba babhekane nalobo bunzima. (IHu. 130:1-4) Zimisele ukujabulisa uJehova manje naphakade, futhi ‘injabulo yakhe iyoba isiphephelo sakho.’—Neh. 8:10.
LAPHO UMSHADO USENGCUPHENI
5. Ngokuphathelene nomshado ongajabulisi, ikuphi ukucabanga okufanele sikugweme?
5 Labo ababhekene nosizi emshadweni bangase bazibuze: ‘Kufanele yini ngempela ngizame ukuwusindisa umshado wami ongajabulisi? Ukube nje bengingakwazi ukubuyela emuva, ngiqale kabusha nomunye umuntu!’ Bangase baphuphe ngokuqeda umshado, bacabange, ‘Yeka sengikhululekile futhi! Kungaba njani ngifake isahlukaniso? Ngisho noma ngingenakuthola isahlukaniso esingokomBhalo, akungcono yini sehlukane ukuze ngiphinde ngijabulele ukuphila?’ Kunokuba acabange ngaleyo ndlela noma aphuphe ngokuthi ngabe kwaba kanje noma kanje, amaKristu kufanele enze konke angakwenza ngaleso simo ngokufuna nangokulandela isiqondiso sikaNkulunkulu.
6. Chaza lokho okwashiwo uJesu, njengoba kulotshwe kuMathewu 19:9.
6 Ngisho noma umKristu engasithola isahlukaniso, kungenzeka angakhululeki ngokomBhalo ukuphinde ashade. UJesu wathi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.” (Math. 19:9) Lapha, igama elithi “ubufebe” lihlanganisa ukuphinga nazo zonke ezinye izono ezingathi sína ezingokobulili. Kubalulekile ukuwucabangela ngomkhuleko noma imuphi umcabango wesahlukaniso lapho engekho umngane womshado oziphathe kabi ngokobulili.
7. Abantu ababukele bangase bacabangeni uma umshado wamaKristu uchitheka?
7 Ukuchitheka komshado kungenza ingokomoya lomuntu lingabazeke. Umphostoli uPawulu waphakamisa lo mbuzo onohlonze: “Ngempela uma umuntu engakwazi ukwengamela indlu yakhe siqu, angalinakekela kanjani ibandla likaNkulunkulu?” (1 Thim. 3:5) Eqinisweni, lapho umshado wabantu ababili abathi bangamaKristu uchitheka, ababukele bangase bacabange ukuthi labo bantu abakwenzi ngempela lokho abakushumayelayo.—Roma 2:21-24.
8. Yini esuke yonakele lapho abangane bomshado abangamaKristu benquma ukwehlukana?
8 Lapho abangane bomshado ababhapathiziwe behlela ukuhlala ngokwehlukana noma ukuhlukanisa umshado ngezizathu okungezona ezingokomBhalo, ngokuqinisekile kusuke kukhona okungahambi kahle ngokomoya ekuphileni kwabo. Oyedwa kubo noma bobabili kungenzeka ukuthi akazisebenzisi izimiso ezingokomBhalo. Ukube ngempela ‘bebethembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yabo,’ bebengeke babe nesizathu sokukholelwa ukuthi akukho abebengakwenza ukuze basindise umshado wabo.—Funda izAga 3:5, 6.
9. Amanye amaKristu aye avuzwa kanjani ngemizamo yawo yesineke endabeni yomshado?
9 Imishado eminingi ebibonakala isizochitheka, ngokuhamba kwesikhathi iye yaphumelela kakhulu. AmaKristu enqabayo ukusheshe aphume emshadweni onezinkinga ngokuvamile athola umvuzo omuhle. Cabanga ngalokho okungenzeka emkhayeni ohlukene ngokwenkolo. Umphostoli uPetru wabhala: “Nani bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.” (1 Pet. 3:1, 2) Ngempela, ukuziphatha kahle komKristu kungenza umngane ongakholwa amukele ukukhulekela kweqiniso! Lowo mshado osindisiwe udumisa uNkulunkulu futhi ungaba isibusiso esikhulu endodeni, enkosikazini nakunoma ibaphi abantwana okungenzeka banabo.
10, 11. Iziphi izinkinga ezingalindelekile ezingase zivele emshadweni, kodwa yini umKristu angaqiniseka ngayo?
10 Enesifiso sokujabulisa uJehova, amaKristu amaningi akhetha ukushada nabakhulekeli bakaJehova abazinikezele. Noma kunjalo, izimo zingase zishintshe ngokungalindelekile. Ngokwesibonelo, ezimweni ezingandile, umngane womshado angase abe nezinkinga ezingathi sína ezingokomzwelo. Noma ngemva kwesikhathi esithile beshadile, umngane womshado angase aphole ngokomoya. Ngokwesibonelo: ULinda,a umKristu oshisekayo nongumama ozinikele, wabhekana nosizi lokubona umyeni wakhe obhapathiziwe eqala inkambo engqubuzana nemiBhalo futhi engaphenduki waze wasuswa ekuhlanganyeleni. Yini umKristu okufanele ayenze uma ngenxa yaleso sizathu isibopho somshado wabo sibonakala siwohloka ngokungenakulungiseka?
11 Ungase uzibuze, ‘Ingabe kumelwe ngiqhubeke ngizama ukusindisa umshado wami kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani?’ Akekho ongakwenzela noma okufanele akwenzele leso sinqumo. Noma kunjalo, kunezizathu ezizwakalayo zokungalilahli ithemba ngomshado owohlokayo. Indoda noma inkosikazi eyesaba uNkulunkulu ekhuthazelela ubunzima bomshado onezinkinga ngenxa kanembeza iyigugu kuNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Petru 2:19, 20.) NgeZwi lakhe nangomoya wakhe, uJehova uyomsiza umKristu owenza imizamo eqotho yokuqinisa umshado onezinkinga.
BAKULUNGELE UKUSIZA
12. Abadala bayosibheka kanjani uma sicela usizo lwabo?
12 Uma unezinkinga emshadweni, unganqikazi ukucela usizo olungokomoya lwamaKristu avuthiwe. Abadala bakhonza njengabelusi bomhlambi futhi bayokujabulela ukukunikeza iseluleko esiphefumulelwe esitholakala emiBhalweni. (IzE. 20:28; Jak. 5:14, 15) Ungaphethi ngokuthi abadala ngeke besanihlonipha wena noshade naye uma nicela usizo olungokomoya futhi nixoxa nabo ngenkinga yomshado engathi sína. Bayonazisa ngokwengeziwe njengoba bebona ukuthi nifisa ngobuqotho ukujabulisa uNkulunkulu.
13. Isiphi iseluleko esikweyoku-1 Korinte 7:10-16?
13 Lapho amaKristu asemkhayeni ohlukene ngokwenkolo ecela usizo, abadala babhekisela eselulekweni esinjengesikaPawulu, owabhala: “Abantu abashadile ngibanika iziyalezo, nokho akumina kodwa yiNkosi, zokuba umfazi angamuki kumyeni wakhe; kodwa uma ngempela emuka, makahlale engashadile noma aphinde abuyisane nomyeni wakhe; futhi indoda akufanele imshiye umkayo. . . . Ngoba, wena mfazi, wazi ngani ukuthi ngeke umsindise umyeni wakho? Noma, wena ndoda, wazi ngani ukuthi ngeke umsindise umkakho?” (1 Kor. 7:10-16) Yeka ukuthi kuyisibusiso kangakanani lapho umngane womshado ongakholwa ephendukela ekukhulekeleni kweqiniso!
14, 15. Kunini lapho umngane womshado ongumKristu engase acabangele khona ukumuka, kodwa kungani kubalulekile ukucabangela le ndaba ngomthandazo nangobuqotho?
14 Inkosikazi engumKristu ingase ‘imuke’ ngaphansi kwaziphi izimo? Amanye amakhosikazi aye akhetha ukuhlala ngokwehlukana nabayeni ngoba bengawondli ngamabomu. Amanye aye enza kanjalo ngenxa yokuhlukunyezwa ngokomzimba okwedlulele noma ukufakwa ngokuphelele engozini kwengokomoya lawo.
15 Ukuthi uyamuka noma cha kuyisinqumo somuntu siqu. Nokho, umngane womshado obhapathiziwe kumelwe ayicabangele ngomthandazo nangobuqotho le ndaba. Ngokwesibonelo, ingabe ngempela ngumngane ongakholwa ofake ingokomoya lakhe engozini, noma ingabe uyena umKristu obedebeselela isifundo seBhayibheli, engayi njalo emihlanganweni futhi engaphumi njalo enkonzweni?
16. Yini okufanele ivimbele amaKristu ekugijimeleni ekwenzeni isinqumo sokwahlukanisa?
16 Ukubazisa kwethu ubuhlobo bethu noNkulunkulu nesipho sakhe somshado kumelwe kusivimbele ukuba singagijimeli ekwenzeni isinqumo sokwahlukanisa. Njengezinceku zikaJehova, sikhathalela ukungcwelisa igama lakhe elingcwele. Ngokuqinisekile-ke, asisoze safuna amasu okuphuma komunye umshado kanti enhliziyweni sihlela ukungena komunye.—Jer. 17:9; Mal. 2:13-16.
17. Kungaphansi kwaziphi izimo lapho kungathiwa uNkulunkulu ubizele amaKristu ashadile ekuthuleni?
17 UmKristu oshade nomuntu ongakholwa kufanele azame ngobuqotho ukugcina umshado wabo. Noma kunjalo, umKristu akudingeki azizwe enecala uma, naphezu kwemizamo yakhe eqotho yokulondoloza umshado wabo, umngane womshado ongakholwa enqaba ukuqhubeka ehlala naye. UPawulu wabhala: “Uma lona ongakholwa emuka, makamuke; umzalwane noma udadewethu akabophekile ngaphansi kwezimo ezinjalo, kodwa uNkulunkulu unibizele ekuthuleni.”—1 Kor. 7:15.b
THEMBELA KUJEHOVA
18. Ngisho noma kungaphumeleli ukusindisa umshado, ikuphi okuhle okungafezwa imizamo yokuwusindisa?
18 Lapho ubhekene nanoma iyiphi inkinga emshadweni, cela isibindi kuJehova futhi uthembele njalo kuye. (Funda iHubo 27:14.) Cabanga ngoLinda, okukhulunywe ngaye ngaphambili. Nakuba azama iminyaka eminingi ukusindisa umshado wabo, wagcina uphele ngesahlukaniso. Ingabe unomuzwa wokuthi udlale ngesikhathi sakhe? Uthi: “Lutho neze. Imizamo yami yanikeza ubufakazi obuhle kwababebukele. Nginonembeza omhlophe. Okuhle nakakhulu ukuthi leyo minyaka yasiza indodakazi yethu ukuba iqhubeke iqinile eqinisweni. Yakhula yaba uFakazi KaJehova ozinikezele noshisekayo.”
19. Ungaba yini umphumela uma kwenziwa imizamo yokusindisa umshado?
19 Owesifazane ongumKristu okuthiwa uMarilyn uyajabula ngokuthi wathembela kuNkulunkulu futhi wazikhandla ukuze asindise umshado wakhe. Uthi: “Sangifikela isilingo sokuba ngihlale ngokwehlukana nomyeni wami ngoba wayengangondli futhi efaka ingokomoya lami engozini. Umyeni wami wayekhonza njengomdala ngaphambi kokuhileleka ngobuwula ebhizinisini elithile. Waqala ukuphutha emihlanganweni futhi ukukhulumisana kwamane kwanqamuka. Ukuhlasela kwamaphekula edolobheni lethu kwangesabisa kangangokuthi ngaba unkom’ idlayodwa. Ngabe sengiqaphela ukuthi nami nganginephutha. Saqala ukukhulumisana futhi, saphinde saqala nesifundo sethu somkhaya, saba khona njalo nasemihlanganweni. Abadala babenomusa futhi bewusizo kakhulu. Umshado wethu wavuseleleka. Ngokuhamba kwesikhathi, umyeni wami wabuye wawafanelekela amalungelo ebandleni. Safunda kanzima kodwa kwaba nomphumela ojabulisayo.”
20, 21. Ngokuphathelene nomshado, yini okufanele sizimisele ukuyenza?
20 Kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, masibonise isibindi futhi sithembele kuJehova ngaso sonke isikhathi. Uma sihlangabezana nezinkinga emshadweni, kufanele sizame ngobuqotho ukuzixazulula, sikhumbula ukuthi abashadile “abasebabili, kodwa sebenyamanye.” (Math. 19:6) Masikhumbule nokuthi uma sikhuthazela naphezu kobunzima emkhayeni ohlukene ngokwenkolo, singase sithole injabulo yokuzuza umngane womshado ekukhulekeleni kweqiniso.
21 Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene naziphi izimo, kwangathi singazimisela ukuhamba ngokuqonda ukuze sinikeze ubufakazi obuhle kwababukele abangeyona ingxenye yebandla. Uma umshado wethu uba sengcupheni, masithandaze ngobuqotho, sihlolisise izisusa zethu ngobuqotho, sicabangele imiBhalo ngokucophelela futhi sicele usizo olungokomoya lwabadala. Ngaphezu kwakho konke, kwangathi singazimisela ukuthokozisa uJehova uNkulunkulu ezintweni zonke futhi sibonise ukuthi sisazisa ngempela isipho sakhe esimangalisayo somshado.
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama ashintshiwe.
b Bheka incwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu,” amakhasi 219-221; INqabayokulinda ka-November 1, 1988, amakhasi 26-27; neka-June 15, 1976, amakhasi 286, 287 [ngesiNgisi, eka-September 15, 1975, ikhasi 575].
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
AmaKristu angasheshi aphume emshadweni onezinkinga ngokuvamile athola umvuzo omuhle
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Thembela njalo kuJehova futhi umcele akunike isibindi
[Isithombe ekhasini 9]
UJehova uyawabusisa amaKristu enza imizamo yokuqinisa umshado wawo onezinkinga
[Isithombe ekhasini 11]
Ibandla lobuKristu lingaba umthombo wenduduzo nosizo olungokomoya