Uhlu Lokuphakathi
April 15, 2012
© 2012 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
MAY 28, 2012–JUNE 3, 2012
‘INdodana Iyathanda Ukwambula UYise’
IKHASI 3 • IZINGOMA: 106, 112
JUNE 4-10, 2012
Ukukhaphela—Isici Esethusayo Sesibonakaliso Sezikhathi!
IKHASI 8 • IZINGOMA: 63, 32
JUNE 11-17, 2012
Gcina Inhliziyo Yakho Iphelele KuJehova
IKHASI 13 • IZINGOMA: 52, 57
JUNE 18-24, 2012
UJehova Uyayazi Indlela Yokukhulula Abantu Bakhe
IKHASI 22 • IZINGOMA: 133, 131
JUNE 25, 2012–JULY 1, 2012
UJehova Uyasilonda Ukuze Sisindiswe
IKHASI 27 • IZINGOMA: 110, 60
INJONGO YEZIHLOKO EZIFUNDWAYO
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1 AMAKHASI 3-7
Iziphi izindlela ezimbili eziyinhloko uJesu amembula ngazo uYise kubafundi bakhe nakwabanye? Singayilingisa kanjani indlela uJesu embula ngayo uYise kwabanye? Lesi sihloko sizosisiza ukuba siphendule le mibuzo.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2 AMAKHASI 8-12
Ukukhaphela kuvamile ezweni lanamuhla, kodwa akumelwe kuvunyelwe ukuba kuphazamise ukuthula nobunye bomkhaya wamaKristu nobebandla. Lesi sihloko sizosibonisa ukuthi singahlala siqotho kuNkulunkulu nakomunye nomunye.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3 AMAKHASI 13-17
Sibonisa kanjani ukuthi inhliziyo yethu iphelele kuJehova? Iyiphi ingozi okudingeka siqaphe inhliziyo yethu kuyo? Yini ezosisiza ukuba silondoloze inhliziyo ephelele? Izimpendulo uzozithola kulesi sihloko.
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 4, 5 AMAKHASI 22-31
Abantu bakaNkulunkulu bayohlaselwa kakhulu phakathi ‘nosizi olukhulu.’ (Math. 24:21) Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uyosikhulula? Usisiza kanjani ukuba sigcine ubuqotho njengoba silindele ukuphela? Uzothola izimpendulo eziqinisa ukholo kulezi zihloko.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
18 Iminyaka engu-70 Yokubambelela Emphethweni Wengubo YomJuda
ISEMBOZO: Udade ohambisa incwajana ngolimi lwesi-Inuktitut ogwini oluneqhwa eFrobisher Bay e-Iqaluit, eNunavut, eCanada
ECANADA
INANI LABANTU
34 017 000
ABAMEMEZELI
113 989
UMSEBENZI WOKUHUMUSHA
Igatsha laseCanada lengamela umsebenzi wokuhumusha izincwadi ngezilimi zabomdabu ezingu-12