Uhlu Lokuphakathi
December 15, 2011
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
January 30, 2012–February 5, 2012
Ingabe Umbheka Njengoyisibonelo Esihle Noma Esiyisixwayiso?
IKHASI 8
February 6-12, 2012
Kungani Kufanele Siqondiswe Umoya KaNkulunkulu?
IKHASI 13
February 13-19, 2012
Abantu Bokholo Basendulo—Báqondiswa Umoya KaNkulunkulu
IKHASI 18
February 20-26, 2012
Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu Ekhulwini Lokuqala Nanamuhla
IKHASI 22
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1 AMAKHASI 8-12
Abanye abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini bayizibonelo ezinhle kithi, kodwa bangaba futhi izibonelo eziyisixwayiso. Lesi sihloko sizosisiza sihlole isibonelo sikaSolomoni kuzo zombili lezi zici. Yini esingayifunda kuye ezosisiza ukuba siphile njengamaKristu?
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2 AMAKHASI 13-17
Kunamandla amakhulu endaweni yonke angasiqondisa ngokuphumelelayo ekuphileni kuleli zwe elibi. Yimaphi, kungani kufanele sifune ukuqondiswa yiwo futhi singenzani ukuze sizuze ngokugcwele ethonyeni lawo?
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 3, 4 AMAKHASI 18-26
Esikhathini esidlule, izinceku eziningi zikaNkulunkulu zagcwala umoya ongcwele. Umoya kaNkulunkulu wasebenza ngaziphi izindlela kuzo? Ukufunda ngendlela uJehova aziqondisa ngayo kuyosikhuthaza kakhulu enkonzweni yethu.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
3 Ukwenza Izinguquko Kubé Nomvuzo
27 Ungakuvumeli Ukugula Kukuphuce Injabulo
32 Uhlu Lwezihloko Ze-Nqabayokulinda Ka-2011