Uhlu Lokuphakathi
November 15, 2011
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
December 26, 2011–January 1, 2012
IKHASI 6
January 2-8, 2012
Hamba Ngokuvumelana Nomoya Ukuze Uthole Ukuphila Nokuthula
IKHASI 10
January 9-15, 2012
‘Izakhamuzi Zesikhashana’ Ezweni Elibi
IKHASI 16
January 16-22, 2012
Sizani Amadoda Ukuba Athuthuke Ngokomoya
IKHASI 24
January 23-29, 2012
Qeqeshani Abanye Bafinyelele Amalungelo Enkonzo
IKHASI 28
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1 AMAKHASI 6-10
Ingabe uzuza ngokugcwele elungiselelweni likaNkulunkulu lomthandazo? Funda ngendlela umthandazo ongakusiza ngayo lapho ubhekene nezimo ezicindezelayo, lapho wenza izinqumo ezibalulekile noma uzama kanzima ukumelana nezilingo.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2 AMAKHASI 10-14
Umphostoli uPawulu watshela amaKristu aseRoma lokho okwakufanele agxilise izingqondo zawo kukho ukuze azuze ukuphila nokuthula. Thola ukuthi ungazuza kanjani eselulekweni awanika sona.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3 AMAKHASI 16-20
Njengoba kuboniswe kulesi sihloko, abantu bokholo basendulo baphila ‘njengezakhamuzi zesikhashana.’ Benza okufanayo nabalandeli bakaJesu bekhulu lokuqala. Kodwa kuthiwani ngamaKristu eqiniso anamuhla? Funda ukuthi kusho ukuthini ukuphila njengezakhamuzi zesikhashana kuleli zwe elibi.
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 4, 5 AMAKHASI 24-32
Kunesidingo samadoda angahola ezintweni ezingokomoya. UJesu wasiza amadoda amaningi ukuba amukele izindaba ezinhle futhi afanelekele amalungelo enkonzo. Ngokutadisha izindlela zakhe, sizofunda indlela esingasiza ngayo amadoda esihlangana nawo enkonzweni namadoda abhapathiziwe ebandleni ukuba afinyelele imithwalo yemfanelo enhlanganweni kaJehova.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
3 UJehu Ulwela Ukukhulekela Okuhlanzekile
15 “Ngikhubazekile Manje Kodwa Kuzophela!”
22 Uyayithola Yini Injabulo Elethwa “Ilungelo Lokupha Ngomusa”?