Uhlu Lokuphakathi
September 15, 2011
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
October 24-30, 2011
IKHASI 7
October 31, 2011–November 6, 2011
Ingabe Uyamenza UJehova Abe Isabelo Sakho?
IKHASI 11
November 7-13, 2011
Wugijime Ngokukhuthazela Umncintiswano
IKHASI 16
November 14-20, 2011
“Gijimani Ngendlela Yokuba Niwufinyelele”
IKHASI 20
November 21-27, 2011
IKHASI 25
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 1, 2 AMAKHASI 7-15
Lapho uJehova etshela amaLevi: “Yimi isabelo sakho,” wayesho ukuthini? (Num. 18:20) Ingabe amaLevi kuphela ayenalelo lungelo? Ingabe nathi namuhla singamenza uJehova abe isabelo sethu? Uma kunjalo, singakwenza kanjani? Lezi zihloko ezimbili ezifundwayo zizosisiza sibone indlela umuntu angamenza ngayo uJehova abe isabelo sakhe.
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 3, 4 AMAKHASI 16-24
Lezi zihloko zizosisiza ukuba sibone indlela esingaphumelela ngayo emncintiswaneni wethu onomklomelo wokuphila okuphakade. Singakutholaphi ukusekelwa nesikhuthazo? Iziphi izihibe nezinto ezithandelayo okufanele sizigweme? Yini eyosisiza ukuba siqhubeke size sifike entanjeni?
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 5 AMAKHASI 25-29
UJehova uyazazi futhi uyazamukela izinceku zakhe ezithembekile. Iziphi izimfanelo ezingasisiza ukuba sihlale sinokuma okuyigugu noJehova? Lesi sihloko sizosiza ngamunye wethu ukuba azihlole.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
3 Ukufunda IBhayibheli—Umthombo Wamandla Wokuphila Kwami Konke
30 Ungaba Yini NjengoFinehasi Lapho Ubhekana Nezinselele?