Imibuzo Evela Kubafundi
Kufanele siwaqonde kanjani amanani asembikweni wenkonzo waminyaka yonke?
Minyaka yonke silangazelela ukubona umbiko wenkonzo e-Ncwadini Yonyaka. Kujabulisa kakhulu ukubona lokho abantu bakaJehova njengeqembu abaye bakufeza emsebenzini wokushumayela nokufundisa ngoMbuso emhlabeni wonke. Kodwa ukuze sizuze ngokugcwele kulo mbiko, kudingeka siziqonde ngokunembile izibalo ezikuwo futhi sibe nombono olinganiselayo ngazo. Ake sicabangele izibonelo ezimbalwa.
Unyaka wenkonzo. Uqala ngo-September uze uphele ngo-August wonyaka olandelayo. INcwadi Yonyaka iba nombiko wenkonzo wonyaka owandulele. Ngakho, INcwadi Yonyaka Ka-2011 inombiko wenkonzo wonyaka ka-2010, owaqala ngo-September 1, 2009, waphela ngo-August 31, 2010.
Inani labamemezeli nesilinganiso sabamemezeli. Elithi “abamemezeli” lihlanganisa oFakazi BakaJehova ababhapathiziwe nalabo abangabhapathiziwe abakufanelekelayo ukushumayela ngoMbuso. Ohlwini oluthi “inani labamemezeli” kunikezwa inani eliphakeme kakhulu labamemezeli ababika ngenyanga ethile onyakeni wenkonzo kungakhathaliseki ukuthi iyiphi futhi kungase kuhlanganise nemibiko eyafika sekwephuzile engazange ifakwe embikweni wenyanga eyandulele. Ngakho kungenzeka ukuthi abanye abamemezeli babalwe kabili. Nokho, leli nani eliphakeme labamemezeli alihlanganisi inani labamemezeli empeleni abahlanganyela enkonzweni kodwa bakhohlwa ukubika. Yingakho kubalulekile ukuba ummemezeli ngamunye abike ngokushesha inyanga ngayinye. Uhlu oluthi “isilinganiso sabamemezeli” lubonisa inani elimelela isilinganiso sabamemezeli abahlukahlukene ababebika isikhathi abasichithe enkonzweni inyanga ngayinye.
Ingqikithi yamahora. INcwadi Yonyaka Ka-2011 ithi oFakazi BakaJehova bachitha amahora angaphezu kuka-1 600 000 000 enkonzweni yasensimini. Nokho, le ngqikithi ayihlanganisi wonke amahora esawachitha ekukhulekeleni kwethu, ngoba ayihlanganisi isikhathi esisisebenzisa njalo emisebenzini enjengokwalusa, ukuya emihlanganweni nesifundo seBhayibheli somuntu siqu nokuzindla.
Imali esetshenzisiwe. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2010, oFakazi BakaJehova basebenzisa imali engaphezu kuka-R1 000 000 000 ekunakekeleni amaphayona akhethekile, izithunywa zevangeli nababonisi abajikelezayo ezabelweni zabo zenkonzo yasensimini. Nokho, leli nani alihlanganisi izindleko zokunyathelisa izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini; futhi alihlanganisi imali eye yasetshenziswa ekunakekeleni izikhonzi zokuzithandela zaseBethel ezingaphezu kuka-20 000 ezisemagatsheni asemhlabeni wonke.
Inani labadla izifanekiselo zeSikhumbuzo. Leli inani labamemezeli ababhapathiziwe abadla izifanekiselo zeSikhumbuzo emhlabeni wonke. Ingabe leli nani limelela inani labantu abagcotshiwe emhlabeni? Akunjalo ngempela. Kunezici eziningana—ezihlanganisa izinkolelo zomuntu zangaphambili noma ngisho nokuphazamiseka engqondweni noma ngokomzwelo—ezingenza abanye benze iphutha lokucabanga ukuthi banobizo lwasezulwini. Ngakho, ayikho indlela yokulazi ngokuqondile inani labagcotshiwe abasemhlabeni; futhi akudingeki silazi. INdikimba Ebusayo ayigcini uhlu lwabo bonke abadla izifanekiselo eSikhumbuzweni ngoba ayigcini umbhalo wamagama abo bonke abagcotshiwe abasemhlabeni wonke.a
Esikwaziyo ukuthi ziyobe zisekhona ezinye ‘zezinceku zikaNkulunkulu wethu’ ezigcotshiwe emhlabeni lapho imimoya ebhubhisayo yosizi olukhulu idedelwa. (IsAm. 7:1-3) Kuze kube yileso sikhathi, abagcotshiwe bayohola emsebenzini oboniswa kahle umbiko wethu wenkonzo waminyaka yonke—umsebenzi wokushumayela nokufundisa omkhulu kunayo yonke eyake yenziwa emlandweni wesintu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Umphathi Othembekile NeNdikimba Ebusayo,” esikuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2009, ikhasi 24.