Indlela Yokufundisa Izingane NgoNkulunkulu—Yiziphi Izindlela Eziphumelela Kakhulu?
“La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho; kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.”—DUTERONOMI 6:6, 7.
NGEZINYE izikhathi, umthwalo wokuqeqesha izingane ungase ubakhungathekise abazali. Nokho, lapho befuna usizo, ingase ibadide nakakhulu imibono yokukhulisa izingane abangase bayithole. Izihlobo nabangane bahlale bekulungele ukunikeza imibono yabo. Izincwadi, omagazini nezingosi ze-Internet kunendathane yezeluleko eziqondiswe kubazali, futhi ngezinye izikhathi ezinye zazo ziyangqubuzana.
Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli aligcini nje ngokunikeza abazali iseluleko esisebenzayo mayelana nokuthi yini okufanele bayifundise izingane zabo, kodwa linikeza nesiqondiso esisebenzayo sokuthi bangazifundisa kanjani. Njengoba amavesi acashunwe ngenhla ebonisa, abazali kudingeka bathole indlela ethile yokukhuluma ngoNkulunkulu nezingane zabo usuku nosuku. Ngezansi kuxoxwa ngokusikisela okune okusekelwe eBhayibhelini okuye kwasiza izinkulungwane zabazali ukuba zifundise izingane zazo ngoNkulunkulu.
1. Sebenzisani Izifundo Ezitholakala Endalweni. Umphostoli uPawulu wabhala: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.” (Roma 1:20) Abazali bangenza lukhulu ekusizeni izingane zabo ukuba zibone ukuthi uNkulunkulu unguMuntu wangempela, ngokuzenza zinake indalo nokuzisiza ziqonde izimfanelo zikaNkulunkulu ezembulwa yileyo ndalo.
UJesu wasebenzisa le ndlela lapho efundisa abafundi bakhe. Ngokwesibonelo, wathi: “Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?” (Mathewu 6:26) UJesu lapha waqokomisa izimfanelo zikaJehova, uthando nozwela. Kodwa akagcinanga lapho. Wasiza abafundi bakhe ukuba bacabange ngendlela uNkulunkulu aye wazibonisa ngayo lezi zimfanelo ezinganeni zakhe.
Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yaphawula ngokuhlakanipha okungokwemvelo uNkulunkulu akunike izintuthwane, futhi yakhuluma ngalezi zilwanyana ukuze igcizelele isifundo esibalulekile. Yabhala: “Yana entuthwaneni, vila ndini; bheka izindlela zayo uhlakaniphe. Nakuba ingenamlawuli nasikhulu nambusi, ilungisa ukudla kwayo ehlobo; ibutha ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.” (IzAga 6:6-8) Yeka indlela enamandla yokufundisa ukubaluleka kokubeka imigomo efanelekayo nokusebenzisa amandla esiwanikwe uNkulunkulu ukuze siyifinyelele!
Abazali bangalingisa indlela yokufundisa ephumelelayo kaJesu noSolomoni ngokwenza lokhu okulandelayo: (1) Bebuza izingane zabo ukuthi iziphi izitshalo nezilwane ezizithandayo. (2) Befunda okwengeziwe ngalezo zitshalo nezilwane. (3) Betomula izifundo ngoNkulunkulu kuleyo ndalo.
2. Lingisani indlela uJesu ayebabheka ngayo labo ayebafundisa. Kubo bonke abantu abake baphila kulo mhlaba, nguJesu owayenezinto ezibaluleke kakhulu ayengazifundisa. Nakuba kunjalo, wasebenzisa isikhathi sakhe esiningi ebuza imibuzo. Wayenesithakazelo esiqotho emicabangweni nasendleleni ababezizwa ngayo labo ayebafundisa. (Mathewu 17:24, 25; Marku 8:27-29) Ngokufanayo, kunezifundo eziningi ezibalulekile abazali abangazifundisa izingane zabo. Nokho, ukuze baphumelele kudingeka balingise uJesu futhi bakhuthaze izingane zabo ukuba ziveze imizwa yazo ngokukhululekile.
Yini okufanele bayenze uma izingane zibonisa umoya wokungabambisani nabo noma zingazibambi masinyane ezinye zezifundo ezibalulekile? Kufanele bacabangele indlela uJesu asebenzelana ngayo nabaphostoli. Ngezinye izikhathi babephikisana kanzima futhi kwabathatha isikhathi ukuba bafunde izinzuzo zokuthobeka. Noma kunjalo, uJesu waqhubeka ebekezela ekhuluma nabo ngokuphindaphindiwe ngesidingo sokuthobeka. (Marku 9:33, 34; Luka 9:46-48; 22:24, 25) Abazali abalingisa uJesu bayozeluleka ngesineke izingane zabo, futhi uma kudingeka, bayophindaphinda isifundo esifanayo kuze kube yilapho ziqonda ukubaluleka kwaso.a
3. Fundisani ngesibonelo. Abazali benza kahle ngokulalela iseluleko umphostoli uPawulu asinika amaKristu aseRoma. Wabhala: “Ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena? Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba?”—Roma 2:21.
Lesi seluleko siyasebenza ngoba izingane zikugxilisa kakhulu lokho abazali abakwenzayo kunalokho abakushoyo. Eqinisweni, abazali abenza izinto abazifundisayo bavame ukuba nezingane ezikulalelayo abakufundisayo.
4. Umuthi ugotshwa usemanzi. UThimothewu owasebenza nomphostoli uPawulu ohambweni lwezithunywa zevangeli wayekhulunyelwa kahle endaweni yakubo. (IzEnzo 16:1, 2) Esinye isizathu ukuthi ‘kusukela esewusana’ wafundiswa “imibhalo engcwele.” Unina nogogo wakhe abazange nje bamfundele imiBhalo, kodwa bamsiza ukuba acabange ngamaqiniso ewaqukethe.—2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15.
Lapho Ningathola Khona Usizo
OFakazi BakaJehova banyathelisa izincwadi eziningi eziklanyelwe ngokuqondile ukusiza abazali ukuba bafundise izingane zabo iqiniso ngoNkulunkulu. Ezinye zibhalelwe izingane ezincane ngokuqondile. Ezinye zingasiza abazali nentsha eyeve eminyakeni eyishumi nambili ukuba bagcine imizila yokukhulumisana ivulekile.b
Yiqiniso, ngaphambi kokuba abazali bafundise izingane zabo ngoNkulunkulu, kudingeka bakwazi ukuphendula eminye yemibuzo enzima izingane ezingase ziyibuze. Ngokwesibonelo, ubungayiphendula kanjani imibuzo efana nalena: Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba? Bakuphi abafileyo? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza ukuba uthole izimpendulo zale mibuzo ukuze wena nomndeni wakho nikwazi ukusondela kuNkulunkulu.—Jakobe 4:8.
[Imibhalo yaphansi]
a Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “uwagxilise” kuDuteronomi 6:7 liqukethe umqondo wokuphindaphinda iphuzu izikhathi eziningi.
b Uma befundisa izingane ezincane, abazali bangasebenzisa incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, eqokomisa izimfundiso zikaJesu Kristu, noma ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ezilandisa ngendlela elula izifundo ezibalulekile ezitholakala eBhayibhelini. Abazali bangasebenzisa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1 no-2 lapho befundisa intsha.