Ukuphila Okunenjongo—Manje Kuze Kube Phakade
UNGAYITHOLA injongo yangempela yokuphila ngisho kwamanje. Kanjani? Ngokulalela izimiso ezihlakaniphile eziseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ake sihlole ezimbalwa zazo.
ISIMISO SEBHAYIBHELI: INkosi uSolomoni yabhala: “Akukho lutho olungcono,” kunokuba umuntu “adle futhi aphuze, abangele umphefumulo wakhe ubone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.”—UMSHUMAYELI 2:24.
Sadalwa ngendlela yokuba sithole ukwaneliseka emsebenzini omuhle. Ngisho noma usebenza ngaphansi kwezimo ezinzima, ungakwazi ukuthola isilinganiso esithile sokwaneliseka ekuphileni kwakho kwamanje uma nje usebenza ngenkuthalo nangokwethembeka.
ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IZENZO 20:35.
Abantu abaningi baye bathola ukuthi ukwenzela abanye izinto—ngokwesibonelo, ukunikela ngesikhathi namandla besiza abanye ngezikhathi zobunzima—kuye kwabalethela injabulo enkulu, kwenezela nenjongo yangempela ekuphileni kwabo. USolomoni wabhala: “Ungabagodleli okuhle labo okubafanele, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.”—IzAga 3:27.
Cabanga ngesibonelo sikaRalph. Ngemva kokuthatha umhlalaphansi, wahlanganyela nomkakhe enkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngamunye uchitha amahora amaningi inyanga ngayinye enkonzweni ezikhandla ekufundiseni abanye iBhayibheli. URalph uthi: “Lapho sifika ekhaya kusihlwa, sisuke singakhathele nje ngenxa yokuthi sesibadala, kodwa ngenxa yokuthi sisebenzise amandla ethu onke enkonzweni kaBaba wethu wasezulwini. Kumnandi-ke ukukhathala okunjalo!” Okwenza bajabule ukuthi ukuphila kwabo kugxile ekupheni.
ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IZAGA 17:17.
Izinkinga ziba ngconywana uma wazi ukuthi awuzithwele wedwa. Umlobi oyiNgisi uFrancis Bacon wathi, kubantu abangenabo abangane beqiniso “umhlaba ufana nokudukuza ehlane.” Ukuba nabangane beqiniso—nokuba umngane omuhle—kungenza ukuphila kungabi nzima ngokweqile; kungaba mnandi futhi kwanelise.
ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—MATHEWU 5:3.
Ngala mazwi, uJesu wayesitshela ukuthi yini eyimfuneko ebalulekile uma umuntu efuna ukubona izithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseka—ukuqaphela nokwanelisa ‘isidingo esingokomoya.’ Ngokungafani nezilwane, sinesidingo esazalwa naso sokwazi injongo yokuphila. UJehova uNkulunkulu kuphela onganelisa leso sidingo, futhi lokho ukwenza ngeZwi lakhe iBhayibheli. Njengoba sibonile esihlokweni esandulele, iBhayibheli lisembulela injongo kaNkulunkulu ngomhlaba. Lisitshela ukuthi kungani silapha, kungani kunokuhlupheka okungaka nokuthi uNkulunkulu ulindeleni kithi. Ukuqonda lawo maqiniso asemiBhalweni kubalulekile ukuze siphile ukuphila okunenjongo nokwanelisayo. Labo abazinika isikhathi sokutadisha iBhayibheli futhi benze lokho abakufundayo bayajabula. Ngani? Ngoba ngokwenza kanjalo bakha ubuhlobo obufudumele noMdali wethu, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova.—1 Thimothewu 1:11.
ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Khumbula uMdali wakho . . . zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: ‘Angithokozi ngayo.’”—UMSHUMAYELI 12:1, IBHAYIBHELI LESIZULU ELIVAMILE.
Iseluleko seNkosi uSolomoni esiya etsheni engase ingaziqapheli izinsizi ezingase zilethwe ukuphila, siyasebenza kithi sonke. Yenza ukuphila kwakho kugxile kuMdali wakho. Yilokho okuyokwenza ukuphila kwakho kube nenjongo yangempela. Melana nalesi simo sengqondo: “Masidle siphuze, ngoba kusasa sizokufa.” (1 Korinte 15:32) Uma ubeka uNkulunkulu kuqala ekuphileni kwakho, ‘kuyokuhambela kahle’ njengoba kusho umShumayeli 8:12.
Intombazane egama layo linguWendi yabubona ubuqiniso balokho. Ngesikhathi isakhula, yona nodadewabo bafunda iSpanishi ukuze bathuthele eDominican Republic, lapho kwakunesidingo esikhulu sabashumayeli bezindaba ezinhle zeBhayibheli. Ithi: “Sadela izinto eziningi ukuze siyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona, kodwa saba nesikhathi esimnandi. Akukho engingakwenana ngalezo zinyanga eziyisithupha! Izibusiso esazithola zedlula kude noma yikuphi ukuzidela esakwenza.”
Ukwethembeka KuNkulunkulu Kwenza Ukuphila Kube Nenjongo
Ukwakha ubuhlobo obuhle noJehova kungenezela injongo ekuphileni kwakho ngendlela ekhethekile. Kanjani? USathane akagcinanga ngokuholela u-Adamu no-Eva ekuvukeleni ukubusa kukaNkulunkulu, kodwa wasikisela nokuthi akekho umuntu oyohlala ethembekile kuNkulunkulu lapho evivinywa. (Jobe 1:9-11; 2:4) Ungaba neqhaza ekuboniseni ukuthi uSathane ungumqambimanga! Kanjani? Ngokuhlala uthembekile kuNkulunkulu, ngokunamathela emiyalweni yakhe nangokubonisa ukuthi uqaphela ilungelo laKhe eliphakeme lokusinqumela okuhle nokubi.—IsAmbulo 4:11.
Kungase kudingeke sikhuthazelele izinkinga uma sifuna ukuphishekela inkambo yokulunga. Ingabe lezo zinkinga ziyosiphuca ukuphila okunenjongo? Cabanga ngalokhu: Ake sithi isitha esinenhliziyo embi sisakaza amanga ngomngane wethu esimthandayo noma ngelungu lomndeni. Uma ukuvikela igama lalowo muntu esimthandayo kusifaka ebunzimeni obuthile, ingabe besiyolahlekelwa ukuphila okunenjongo? Lutho neze! Besiyobukhuthazelela ngenjabulo lobo bunzima. Kuyafana nokuhlala sithembekile kuNkulunkulu. Ukwethembeka kwethu ngaphansi kwezimo ezimbi eqinisweni kwenza inhliziyo kaNkulunkulu ijabule.—IzAga 27:11.
Ukuphila Okunenjongo Kuze Kube Phakade
Ngakho-ke, yenza konke okusemandleni ukuze ufunde konke ongakwazi ukukufunda ngoNkulunkulu nangenjongo yakhe. UJesu Kristu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Lapho uNkulunkulu efeza injongo yakhe yasekuqaleni ngomhlaba, abantu abathembekile bayothola lokho uJehova ayebahlosele kona ekuqaleni—“ukuphila okuphakade” epharadesi emhlabeni. Ngaleso sikhathi, ukuphila kuyoba nenjabulo yangempela futhi kuyokwanelisa.—IHubo 145:16.
Ungalutholaphi ulwazi uJesu akhuluma ngalo? EZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli. Uma ungathanda ukuthola usizo ekwenzeni lokhu, zizwe ukhululekile ukubhalela abanyathelisi balo magazini. Bazokujabulela ukukuhlelela othile ukuba akusize uthole lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela.