Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 7/1 kk. 3-4
  • Ingabe Ukuphila Kunayo Injongo Yangempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuphila Kunayo Injongo Yangempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukuphila Kuyohlale Kubonakala Kungenanjongo?
  • Kungani Silapha?
    I-Phaphama!—2008
  • Iyini Injongo Yokuphila?
    I-Phaphama!—1995
  • Ukuphila Kwakho—Iyini Injongo Yako?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • “Isibopho Esiphelele Somuntu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 7/1 kk. 3-4

Ingabe Ukuphila Kunayo Injongo Yangempela?

ABANTU abaningi baye babuza lo mbuzo: “Ingabe ukuphila kunayo injongo?” Kuyadabukisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi ukuphila bakubheka kanjani, abaningi baba nomuzwa isazi sezinzwa sase-Austria, uViktor E. Frankl, esawuchaza ngokuthi “umuzwa wokungabi nanjongo nokunganeliseki” ekuphileni.

Kungani abaningi bezizwa ngale ndlela? Esinye isizathu siwukuthi izigidi zabantu emhlabeni wonke ziphila ngaphansi kwezimo ezibuhlungu nezidabukisayo. Usuku ngalunye zibhekana nobubha, izifo, ubudlova obungenangqondo nokucindezelwa. Ngempela ukuphila kwazo ‘kugcwele ukuyaluza,’ njengoba nje noJobe asho ngokuphathelene nokuhlupheka kwabantu. (Jobe 14:1) Umgomo wazo oyinhloko ukuphilela olwanamuhla.

Izigidi zabanye ziphakathi komhlane nembeleko. Zibonakala zinayo yonke into edingekayo ukuze zithole ukwaneliseka kwangempela ekuphileni. Kodwa kwabaningi akunjalo. Kungani? Kungenxa yokuthi njalo nje ‘izinkathazo nezinto ezilimazayo’—izinkinga zemali ezingalindelekile noma izinhlekelele ezibuhlungu, njengokufelwa ingane—kushabalalisa amathemba abo ayigugu nalokho abakufisayo.—IHubo 90:10.

Kunenye into eyenza ube namandla kakhulu lo muzwa owandile “wokungabi nanjongo nokunganeliseki.” Yini leyo? Yiqiniso lokuthi ukuphila kufushane kakhulu. Kwabaningi kuzwakala kungenangqondo ukuthi abantu bakwazi ukwenza izinto ezinkulu, kodwa baphila isikhathi esifushane. Kunzima ngabo ukuqonda iqiniso elibuhlungu sonke esibhekene nalo: Ngisho noma singaphunyuka ezintweni ezimbi kunazo zonke ezehlela abantu, kodwa ukufa kusihlwitha konke esinakho.—UmShumayeli 3:19, 20.

Ingabe Ukuphila Kuyohlale Kubonakala Kungenanjongo?

Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni yasifingqa kahle lesi simo. Yabona indlela abantu bosuku lwayo ababezikhandla ngayo besebenzisa amakhono abo ekulimeni, ekuhlakuleni, ekwakheni nasekunakekeleni imindeni yabo, njengoba nje nathi senza namuhla. Empeleni, kunjengokungathi yazibuza lo mbuzo: ‘Iyini injongo yakho konke lokhu?’ Yabe isiphetha ngokuthi konke abantu abakwenzayo “kuyize nokujaha umoya.”—UmShumayeli 2:17, The New English Bible.

Kodwa ingabe iNkosi uSolomoni yayikholelwa ukuthi konke okwenziwa abantu kuyohlale “kuyize nokujaha umoya”? Cha. Yayimane iveza umbono oyiqiniso walokho okwenzeka ekuphileni. Nokho, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lingakunikeza ithemba lokuthi izinto ngeke zihlale zinje!

Ungalithola kanjani lelo themba? Siza ufunde izihloko ezimbili ezilandelayo. Zingase zikusize uqonde ukuthi kungani ukuphila kubonakala kungenanjongo kangaka, ukuthi lesi simo siyolungiswa kanjani nokuthi ungakwenza kanjani ukuphila kwakho kube nenjongo yangempela ngisho kwamanje.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela