Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 6/1 k. 32
  • “Ingabe Abantu Bazowonakalisa Lo Mhlaba?”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ingabe Abantu Bazowonakalisa Lo Mhlaba?”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Woza Uzolalela Inkulumo Yeningi Ethi “Ukholo Nekusasa Lakho”
    I-Phaphama!—1997
  • “Isizathu Sokuba Uqaphele Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo”
    I-Phaphama!—2000
  • Woza Uzokuzwa Umyalezo Wethemba Leqiniso
    I-Phaphama!—1999
  • “Obani Abafundisa Zonke Izizwe Iqiniso?”
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 6/1 k. 32

“Ingabe Abantu Bazowonakalisa Lo Mhlaba?”

● Uma uwubuka usemkhathini, uMhlaba ubukeka njengetshe eliyigugu elinombala oluhlaza okwesibhakabhaka nomhlophe. Kodwa ukuwuhlolisisa kwembula ukuthi ikhaya lethu lisenkingeni. Kungani? Impendulo ilula: Abantu abahlala kuwo baye bawuphatha budlabha. Ngaphezu kwalokho, abawonakalisi ngokoqobo nje kuphela ngezinto ezinjengokuwungcolisa, ukugawula amahlathi nangokuwuphanga, kodwa ngisho nangendlela yokuziphatha nangokomoya, ngobudlova, ukuchitha igazi nokuziphatha okubi ngokobulili.

Lesi simo esidabukisayo sabikezelwa eminyakeni engu-2 000 edlule eziprofethweni ezimangalisayo ezilotshwe eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo 11:18) IBhayibheli labikezela nokuthi uNkulunkulu—hhayi noma imuphi umuntu—oyolungisa zonke izinto. La maphuzu abalulekile kuzoxoxwa ngawo enkulumweni yeningi ethi “Ingabe Abantu Bazowonakalisa Lo Mhlaba?” Le nkulumo iyonikezwa eMihlanganweni Yesigodi yoFakazi BakaJehova enesihloko esithi “UMbuso KaNkulunkulu Mawuze!” eqala ngo-September eNingizimu Afrika.

Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona emhlanganweni ozoba sendaweni yangakini. Ukuze uthole imininingwane eqondile, ucelwa ukuba uxhumane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele abanyathelisi balo magazini. Ingosi ye-Internet ethi www.jw.org inohlu lwezindawo zemihlangano emhlabeni wonke.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela