Uhlu Lokuphakathi
May 15, 2011
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
June 27, 2011–July 3, 2011
Mikhaya YamaKristu—‘Hlalani Niphapheme’
IKHASI 7
July 4-10, 2011
Mikhaya YamaKristu—“Hlalani Nilungele”
IKHASI 11
July 11-17, 2011
Ubani Obaluleke Kakhulu Ekuphileni Kwakho?
IKHASI 16
July 18-24, 2011
‘O Ukujula Kokuhlakanipha KukaNkulunkulu!’
IKHASI 21
July 25-31, 2011
Ukuthembela Ngokuphelele KuJehova Kusenza Siqiniseke
IKHASI 28
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 1, 2 AMAKHASI 7-15
Isihloko sokuqala sixoxa ngomthwalo wemfanelo ilungu ngalinye lomkhaya wamaKristu elinawo ekuhlaleni uphapheme ngokomoya. Isihloko sesibili sidingida indlela ukuba neso elihle, ukuphishekela imigomo engokomoya nokuba nobusuku bokuKhulekela Komkhaya okubaluleke ngayo enhlalakahleni engokomoya yawo wonke umkhaya.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3 AMAKHASI 16-20
UJehova kufanele abe uMuntu obaluleke kakhulu ekuphileni kwezinceku zakhe. Lesi sihloko siqokomisa izifundo esingazifunda ngaleli phuzu kulokho okwenzeka kowesifazane wokuqala, u-Eva; endodeni ethembekile, uJobe naseNdodaneni kaNkulunkulu ephelele, uJesu Kristu.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 4 AMAKHASI 21-25
Encwadini yamaRoma isahluko 11, umphostoli uPawulu ukhuluma ngomuthi womnqumo ongokomfanekiso. Zimelelani izici ezihlukahlukene zalo muthi? Njengoba sihlola incazelo yazo kulesi sihloko, ngeke sigcine ngokufunda okwengeziwe ngenjongo kaJehova kodwa futhi sizobamba ongezansi ngokujula kokuhlakanipha kwakhe.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 5 AMAKHASI 28-32
Lesi sihloko sixoxa ngeHubo lesithathu nelesine, abhalwa iNkosi uDavide. Lezi zingoma eziphefumulelwe zibonisa ukuthi singenza ngokuqiniseka uma sithandazela usizo lukaJehova futhi sethembela kuye ngokuphelele. Yilokho uDavide akwenza lapho ebhekene nobunzima, obunjengozungu aluboshelwa indodana yakhe u-Absalomu.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
3 Ingabe Ulijabulela Ngempela IZwi LikaNkulunkulu?
6 “Umbonisi Omuhle Kakhulu Nomngane Othandekayo”
26 Ukulandela UKristu, UMholi Ophelele