Uhlu Lokuphakathi
March 15, 2011
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO ZALA MASONTO:
May 2-8, 2011
Yamukela Umoya KaNkulunkulu, Hhayi Owezwe
IKHASI 8
May 9-15, 2011
Thembela KuJehova Njengoba Isiphelo Sisondela
IKHASI 12
May 16-22, 2011
IKHASI 24
May 23-29, 2011
Hlale Uphapheme NjengoJeremiya
IKHASI 28
Injongo Yezihloko Ezifundwayo
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1 AMAKHASI 8-12
Abantu abasizungezile babonisa umoya wezwe, ngakho singakwazi yini ukuhluka kubo? Lesi sihloko sizosisiza ukuba sibone indlela umoya wezwe ongasithonya ngayo. Sizoxoxa nangalokho esingakufunda esibonelweni sikaJesu ngokwamukela umoya kaNkulunkulu.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2 AMAKHASI 12-16
Kusho ukuthini ukuthembela kuJehova? Kulesi sihloko, sizobona ukuthi kusho okungaphezu kokumane sikholelwe izithembiso zakhe zezwe elisha. Kuhlanganisa nokwamukela izindlela nezindinganiso zakhe ngenhliziyo yethu yonke kuyilapho senqaba ezezwe.
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 3, 4 AMAKHASI 24-32
Kulezi zihloko sizobona indlela uNowa nomkhaya wakhe, uMose noJeremiya abahlala ngayo bekulungele ukufeza izabelo zabo futhi baba ofakazi bokuzibonela bokugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu. Bona ukuthi iziphi izifundo ongazifunda kula madoda nasesimweni sawo sengqondo.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
3 Ungazikhohlisi Ngokucabanga Okungamanga
20 Ungalokothi Ubalahle Abafowenu Abangokomoya